Intengo yerayisi inyuke ngo-25%
- UKUNYUKA kokwehla kwamandla emali kuqhubekile ngoFebhuwari kwafinyelela ku-5.6% kusuka ku-5.3% ngoJanuwari. Izibalo ezishicilelwe yiStatistics South Africa kuleli sonto zitshengise ukuthi izinto ezibe nesandla kakhulu yimishwalense, ukudla neziphuzo ezingenatshwala.
Umshwalense wezempilo unyuke ngo-10.3% phakathi kwangoJanuwari noFebhuwari kanti uma kuqhathaniswa nonyaka odlule unyuke ngo-12.9%. Isiyonke imishwalense, efaka nezinye izinhlobo, ikhuphuke ngo-9.5% ngonyaka odlule.
Ukudla neziphuzo ezingenatshwala kwehlele ku-6.1% ngoFebhuwari. Amanani amaqanda asaqhubeka nokuba phezulu njengoba esebiza u-30.7% kunayebiza kona ngonyaka odlule.
Irayisi linyuke ngo-25.0% ngoFebhuwari. Nokho-ke ukudla okufana no-flour, i-pasta kwehlile.
Ezokuthutha zinyuke ngo-5.4% uma kuqhathaniswa nonyaka odlule ngenxa yokukhuphuka kwamanani ezimoto nophethroli.