Lungisa kini ngenkathi kusahamba kahle
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noWandile Skwata, imbongi nomlingisi. Ugqame kwezokulingisa indawo kaNdoda Gumede ayilingisa emdlalweni woMzansi Magic Umkhokha: The Curse
WUSIMANGALISO NTSHANGASE
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Cha, ngangingaphiwa ngenxa yesimo sasekhaya. Imali yayikhishwa ukuthenga okudingekayo kuphela.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?
Ngaqala ngo-2017, ngayivula eCapitec.
Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Ngikhule ngitshelwa ukuthi kuyahlelwa uma ufuna ukwenza into edinga imali, ngakhula ngazi ukuthi awuvele ufune into manje uyithole ngaleso sikhathi.
Waqala nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?
Ngaqala ngenza u-Grade 11 ngo-2017, ngibhala uR120 ngosuku.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngathenga ngawo iselula ngoba iyona nto engangiyidinga kakhulu ngaleso sikhathi.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Wukusiza ukulungisa isimo sasekhaya.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Esokuthi uma nginemali ngenze izinto ezingenasidingo, ngigcine ngikhohlwa ebengihlele ukukwenza ngayo ngingakabi nayo futhi sekuke kwenzeka kaningi ukuthi ngimose imali ngijabulisa abantu besifazane nabangani.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Cha angikaze ngidlale ibhanoyi kodwa ngake ngalahlekelwa wuR500 kulo mkhuba wabantu bamasalamuzi edolobheni.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Esokuthi akumele usebenzise imali yakho eningi ezintweni ezingabalulekile nezingenasidingo nokuthi uma uthola imali zijwayeze ukuyitshala ukuze yande.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingakha isikhungo sobuciko esivuleleke ukusetshenziswa yinoma wubani onothando nekhono lobuciko ukusiza ukufukula intsha. Uma kukhona esalayo ngiyisebenzise ezintweni zami.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Imali ayihlali ikhona, ngakho ngibakhuthaza ukuthi bayitshale ukwakha ikhaya ukuthi babenompheme wokuphephela uma kwenzeka kufika isikhathi sobunzima ekuhambeni.