Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noNkosikhona Dube, umlingisi wemidlalo yeshashalazi neyethelevishini. Useke walingisa emidlalweni esingabala kuyona iWoza Albert, i-Freedom, i-Crown Warriors ne-Generations: The Legacy

Usemncane wawuphiwa imali?

Ngisemncane imali ngangingavele ngiyiphiwe nje, ngangiyisebenzela noma ngithunywe ukwenza into ethile kuqala (ngaphambi kokuthi) nginikwe encane.

Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?

Ngiqale ukuba ne-akhawunti yasebhange sengenza umatikuletsheni ngo-2012. Ngayivula eNedbank.

Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Ngikhule ngazi ukuthi (uthando lwemali) yimpande yesono nokuthi iyasetshenzelwa ukuze uyithole.

Uqale nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho?

Ngiqale ukusebenza ngo-2010 kwesinye sezitolo zasedolobheni eThekwini. Ngangihola uR1 300 ngenyanga.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngathenga ngawo ukudla ngoba ngangihlala ngedwa kodwa okwakuyinhloso yokusebenza kwakuwukubeka imali yokubhalisa enyuvesi, nokwagcina kungenzekanga ngaleyo mali ngoba yayincane kakhulu iphelela ekudleni nasekugibeleni ngiya emsebenzini.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukuthenga indawo engizokwakha kuyo ikhaya lezingane zami.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukufuna ukuzijabulisa kuze kweqe nabangani ngigcine ngisebenzisa imali ngokweqile ngenxa yobumnandi besikhashana.

Wake walutheka mhlawumbe ngokungena ebhanoyini?

Cha, angikaze. Ngizisaba kabi izinto (ezinjalo).

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Wukuthi imali iyasetshenzelwa kanzima ukuze uyithole.

Uma ungawina uR1 million kwi-lotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingavula isikhungo sobuciko eMpangeni, lapho engikhulele khona, ngisize namaciko asafufusa ukuthi achume kwezobuciko.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ngingathi kubona kubalulekile ukonga imali ukuze wena nomndeni wakho ningasokoli, kuthi noma ungasekho emhlabeni abakade bethembele kuwena bangasali bephila kanzima.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page