Akukuningi okuvuselela ithemba ngenkulumo kamengameli, kuloba uBusi Mavuso

NGABE iNkulumo eBhekiswe esiZweni ethulwe wumengameli yinto okufanele izinhlangano zosomabhizinisi ziyinake ngempela yini? Lona wumbuzo engiloku ngizibuza wona. 

Njengoba iBusiness Leadership South Africa (iBLSA) ishilo, uMengameli uCyril Ramaphosa uphuthwe yithuba lokukhombisa kule nkulumo ukuthi sekukhathulwe indima engakanani ukubuyekeza umnotho kanjalo nezinhlelo ezikhona zokuthuthukisa ingqalasizinda.

Nokho zikhona izindawo eziningi ezinginika ithemba ngenqubekelaphambili. Umengameli uthe ukunaba ngesidingo sokuthi kuvuselelwe uhulumeni osebenza kahle. Loku yiyona nto esilahlekele kakhulu kusukela ngo-2008. Osomabhizinisi bangakubalisela lize liyoshona ngezinselelo abahlangabezana nazo uma besebenza nohulumeni, ikakhulukazi omasipala.

Abaningi sebeze baqoma ukuthutha amabhizinisi abo ngoba bephelelwa yithemba lokuthi omasipala bangazihlinzeka izidingo ezifana namanzi nokuqoqa udoti.

Umengameli uthinte indawo emqoka uma ethi uhulumeni osebenza kahle awusho nje kuphela izisebenzi zikahulumeni ezinohlonze kodwa usho nokuthi izakhamuzi zithuthukiswe ukuthi zikwazi ukubamba iqhaza. Osomabhizinisi bayingxenye ebalulekile kuloku; njengoba behlinzeka izakhamuzi ngemisebenzi yezigidi.

Siyakuqonda ukuthi amabhizinisi athembele kakhulu kuhulumeni okwazi ukusebenza kahle. Yingakho iBLSA nezinye izinhlangano zamabhizinisi sizinikele futhi sigxile ekulekeleleni ngezinsizakusebenza ukweseka uhulumeni. Sixhasa inqwaba yonjiniyela nabanye ongoti asebathatha umhlalaphansi ukuthi basebenze eminyangweni kahulumeni ukusiza ukuxazulula inkinga yokuntuleka kwamakhono.

Ngophiko lwethu iBusiness Against Crime SA siseka ezobulungiswa nokulwa nobugebengu ezindaweni eziningi. Senza ucwaningo ukuze sibe nobufakazi bokulekelela ukusungulwa kwemigomo emihle.

Sibamba iqhaza ekubhekeni ukuthi abaphethe bayaphendula ngezinqumo zabo ngokuqinisekisa ukuthi izwi losomabhizinisi liyezwakala.

Yize kunjalo, kubonakala sengathi umengameli ubecabanga izinhlangano zomphakathi kunezamabhizinisi uma ekhuluma ngokubamba iqhaza ekwakheni uhulumeni osebenza kahle. Ukhona impela umsebenzi omuhle owenziwe yilezi zinhlangano zomphakathi ngokuqikelela ukuthi uhulumeni uyaphendula kanjalo nokweseka izakhamizi ezingalutholi usizo kwenye indawo.

Ngingakhuthazeka kakhulu uma uhulumeni engasebenza nalezi zinhlangano ukuzihlinzeka ngemigudu efanele yokusebenzisana nawo. Uhulumeni osebenza kahle kumele ukwazi ukuhlinzeka zonke izidingo. Kumele ukwazi ukuhlinzeka abantu ngezindlu nangezinye izidingongqangi kuzo zonke izakhamuzi. 

Kepha futhi kumele ukwazi ukuhlinzeka nezidingo zamabhizinisi akhule adlondlobale ezweni. Umengameli akazange awabale amabhizinisi neqhaza angalibamba ukuqikelela ukuthi kunohulumeni osebenza kahle kodwa ngikholwa wukuthi ziningi izindlela ezibalulekile amabhizinisi angakwenza ngayo loku.

Yebo, ngiyazi ukuthi osomabhizinisi banezabo izinhlelo nezifiso futhi umuntu kumele agade ukuthi angagcini eselawula uhulumeni. Usizo losomabhizinisi kumele lwenziwe ngendlela efanele.

Osomabhizinisi akufanele basebenzise izinsizakusebenza zabo ngenhloso yokwenzelelwa, kunaloko osomabhizinisi kumele baqikelele ukuthi bahambisana nenhloso uhulumeni anayo futhi uqikelele ukuthi uyayifeza kunokubhekelela izifiso zosomabhizinisi.

Endleleni esilekelela ngayo okwamanje, uhulumeni uhlale esungula umgomo futhi kunguye othatha izinqumo. Inhloso yethu ukulekelela lapho kuntuleka khona ukuze kusizakale wonke umuntu waseNingizimu Afrika.

Nokho-ke zikhona ezinye izimpawu ezingikhuthazile ngokuthi umengameli kukhona akwazi kamhlophe ukuthi kudingwa wosomabhizinisi – ukuqeda ngemicikilisho eminingi.

Sekunesikhathi umengameli enophiko onhloso yalo wukwenza kube lula ukuthi osomabhizinisi bakwazi ukusebenza. Angikholwa wukuthi kukhona umehluko otheni eseliwenzile. Ukuba nebhizinisi eNingizimu Afrika kusenzima, ikakhulukazi ukuzama ukuthobela inqwaba yemithetho nokuzama ukuxoxisana nohulumeni mayelana nayo.

Kuningi okungenziwa ukwenza izinto zibe lula futhi zingambi eqolo ngale ndlela okuyiyona manje. Ukuqokwa kukaMnu uSipho Nkosi, owayeyisikhulu esiphezulu se-Exxaro, ukusebenzisana nehhovisi likamengameli yinto enhle. UNkosi unawo impela amava adingekayo njengoba azi kahle kamhlophe ukuthi undendende lwemicikilisho lulimaza kangakanani.

Kukhona nokunye okukhulunyiwe ngezinhlelo ezintsha zengqalasizinda namacebo ezimboni. Ngibona sengathi imvamisa kuyaxoxwa ngalezi zinto kodwa kuncane okwenziwayo. Yilezi zindawo okufanele umengameli akhulume ngokwenzekayo ngazo, hhayi amacebo, ikakhulukazi emva kokuphatha lesi sikhathi asesiphathile.

Enye into umengameli ayithintile wukuqeda ukuthi izwe lilawulwe wumthetho wezinhlekelele nokuzokwenzeka ngokuthi kuchitshiyelwe imithetho. Lokhu kuzokwenza ukuthi ubhubhane kuliwe nalo kusetshenziswa imithetho ejwayelekile.

Kusengenzeka loku kuthathe isikhathi ngoba ukuchibiyela imithetho kubuye kutotobe. Ngithemba ukuthi uma sekwenziwe kuzoba nomthetho ocacile oseka ukuthi izinkampani zikwazi ukuphoqa abantu ukuthi bagome.

Umengameli uthe “cishe yonke into ebinqinda umnotho nendlela abantu abaphila ngayo isiyekiwe” kodwa njengoba ngishilo emasontweni amabili edlule kule ngosi, kusekuningi okusanqinda osomabhizinisi nokunomphumela omubi ekuqasheni abantu. Leyo mithetho kufanele kubhekwane nayo ngenkathi sisalinde ukuthi ichitshiyelwe.

Njengoba ususemome umthetho ozovimba ukuthi kuqashwe abantu bakwamanye amazwe kweminye imisebenzi, kuhle sikhumbule ukuthi ukuba nemisebenzi ebekelwe abantu baseNingizimu Afrika kuphela ngeke kuyisungule imisebenzi emisha.

Kudala langiphelela ithemba lokuthi indlela uhulumeni asebenza ngayo ingake ifinyelele endleleni okusebenza kahle ngayo imboni ezimele. Kodwa ngiyathemba ukuthi uma kukhulunywa ngesimo esiphuthumayo esifana nalesi esibhekene naso ngendaba kagesi ngilindele umnyakazo osheshayo ukuze kwande ugesi futhi ngokushesha.

  • UNkzs uMavuso yisikhulu esiphezulu seBLSA

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page