Ithemba losomabhizinisi lizonyuka uma sekubonakala izithelo zezinguquko kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Asiqhubeke nokuphokophela ukunyusa ithemba lamabhizinisi nokwehlisa izindleko zokusebenza, kuloba uBusi Mavuso

ISONTO elidlule lisibonise izimpawu eziningi zokuthi izinguquko ezinqala ziyaqhubeka kodwa ithemba lamabhizinisi liphansi. Lelo gebe litshengisa indlela okusafanele siyihambe ukuze izinguquko ziphucule izinto ngendlela ebonakalayo.

UmNyango weziMali, ngokumelwa yiDevelopment Bank of Southern Africa, usukhiphe ithenda yokuthola abeluleki mayelana nokuhlukanisa izimpahla ze-Eskom zokusabalalisa ugesi ukuze kubenenkampani ezimele i-independent transmission system operator (i-ITSO). Yigxathu elibalulekile leli.

Ibucayi le nto. Izodinga imvume yabantu ababoleka i-Eskom imali kodwa ushintsho olufana nalolu lwenziwe ngempumelelo emazweni amaningi futhi maningi amazwe esingabukela kuwona. Nginesiqiniseko sokuthi umnyango uzothola abantu abanamakhono afanele. 

Isikhathi esibekiwe ngale thenda sinokugagamela. Yonke into kufanele iphothulwe ezinyangeni eziwu-18. Kade ngithi akusheshiswe ngohlelo lokuhlukanisa i-Eskom, okuhambisana nokushintsha izinto njengokusho komgomo. Kungakuhle uma izinto zingenzeka ngalesi sikhathi esibekiwe.

Yize kukhona abangahambisani nalolu hlelo, ngikholwa wukuthi abantu abamqoka kulona sebeyahambisana. Ngesonto elidlule bengihlangene nosihlalo we-Eskom uMnu uMteto Nyati nesikhulu esiphezulu uMnu uDan Marokane ukuxoxisana ngokuhlukanisa le nkampani kahulumeni.

Kuyangijabulisa ukuthi sobabili, iBusiness Leadership South Africa (iBLSA) ne-Eskom siyaziseka izinguquko ezinqala embonini kagesi njengokusho kwesitatimende esisikhiphile ngesonto elidlule emva komhlangano wethu.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/08/31/i-business-leadership-sa-ne-eskom-bakhumelane-umlotha/

Selungasheshiswa manje uhlelo lokuhlukanisa inkampani. Ngiyazi ukuthi ababoleke i-Eskom imali bazimisele ukuxoxisana ukuthola izixazululo. Abeluleki bomNyango weMali bazobaneqhaza elibalulekile ekuqinisekiseni ukuthi wonke umuntu uyasebenzisana ukuthola isisombululo esivuna wonke umuntu.

I-BLSA izokwenza umsebenzi wayo wokuseka wonke umuntu. Kumqoka lokhu ukuze kubenesisekelo esizokhulisa umnotho. 

Ngesonto elidlule kuphinde kwavela okusha okuthinta imizila yezitimela. Lo mqulu ubalulekile ngoba unaba ngokuthi imboni ezimele ingayithola kanjani imizila. Kumqoka loku ezinguqukweni okufanele zenzeke kwezokuthutha izimpahla futhi ingase ingenise izigidi ngezigidi eziqhamuka kubatshalimali abazofaka imali ezitimeleni uqobo nakwingqalasizinda yazo.

UmNyango wezokuThutha usuthe uzoshicilela umqulu wokugcina ekupheleni kwenyanga. Isikhathi sesidliwe yinja ngalolu daba kodwa kungcono umqulu ozwakalayo kunokujaha ukubamba isikhathi kodwa ube ushicilele umqingo ongalungile. Ezokuthutha nogesi kukhulisa umnotho. Yizona zinto okufanele ezidingekayo ngaphambi kokuthi kungene leyo mali yabatshalimali ezokhulisa umnotho kugcine kubengaphezu kuka-3% esizibekele wona, nokuzolandelwa yimisebenzi.

Kubenezindaba ezinhle nasohlangothini lwezohwebo. Kusayinwe isivumelwano sokuhwebelana phakathi kwe-India Commonwealth Trade Council ne-India South Africa Chamber of Commerce. Ukuphucuka kobudlelwano bokuhwebelana bumqoka uma amabhizinisi ebheka angakulindela. Ngibhalile ngesonto elidlule ngokungabibikho kweqhinga lokuhwebelana elibonakalayo.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/09/02/isivumelwano-nebrazil-sikhombisa-ukuthi-kukhona-kuyabhimba-ngezivumelwano-zokuhwebelana-namanye-amazwe-kuloba-ubusi-mavuso/

I-India iyisibonelo seqhinga elihlelekile. Kunezivumelwano eziwu-14 zokuhwebelana mahhala. Sekunesikhathi sibamba siyeka ngendlela esihwebelana ngayo ne-India kanti cishe lesi sivumelwano sizophucula izinto ukuze sihwebelane kangcono.  

Okunye okwenzekile ngezohwebo wukuthi isivumelwano esenza kubenezimpahla esizidayisela iMelika kodwa zingakhokhiswa intela i-African Growth and Opportunity Act silulwe ngeminyaka emibili ngesonto elidlule.

Nokho imihlomulo emihle ehambisana nalesi sivumelwano ayitholakali ngenxa yentela eyethulwa wumengameli waseMelika uMnu uDonald Trump kodwa kukhona imikhiqizo esiyidayisela iMelika ethintekayo. Siyakuthakasela ukululwa kwesikhathi yize sisincane ukuheha abatshalimali kahle, okudinga isikhathi eside. 

Lezi zinto ezinhle ziyaphikisana nezinkomba i-RMB/BER business confidence indicator okutshengise ukuthi lehlile ithemba kumabhizinisi ngekota yesithathu. Lehle kakhulu uma kuqhathaniswa nekota yokuqala. Loku kutshengisa ukuthi amabhizinisi awakawuboni umphumela wezinguquko.

Inqubekelaphambili esiyibone ngesonto elidlule imqoka, izinyathelo ezisiyisa endaweni yokusebenza ehlukile, lapho amanani kagesi ezoncintisana khona kahle futhi nezokuthutha zingenziwe ngabantu abaningi.

Uma sekwenzekile loku, ithemba lamabhizinisi lizonyuka njengoba izinkampani zizobona izindleko zokusebenza zehla futhi umsebenzi uphucuka. Yiloko esikuphokophele. Akufanele siphele umoya singakafiki lapho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page