Iphini lomXazululi weziNdaba zemPesheni uMnu uNaheem Essop lilulelwe inkontileka yakhe. Isithombe: Sithunyelwe

Iphini loMxazululi weziNdaba zeMpesheni lizoqhubeka emsebenzini

YINTATHELI YOMBELE

UZOQHUBEKA nokuxazulula izinkinga zezikhwama zempesheni uMnu uNaheem Essop ngemva kokuthi ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana elule inkontileka yakhe.

U-Essop, owummeli, usebeyiphini lomXazululi weziNdaba zeMpesheni usukela ngo-Agasti wango-2023. UGodongwana ulule inkontileka yakhe ngeminyaka emithathu. Uzoqhubeka kulesi sikhundla kuze kuphele uJulayi wango-2029.

Esitatimendeni asikhiphile, uGodongwana uthe ukulula inkontileka ka-Essop kuzosiza ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi awenzayo awuphazamiseki, ikakhulu njengoba imboni yezimpesheni isesikhathini sokushintsha kwemithetho.

Ubalule nokuthi kunezinselelo zabaqashi abangafaki imali ezikhwameni zempesheni yize beyibamba emiholweni yezisebenzi.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/05/26/izikhwama-zempesheni-azilandele-imithetho-yazo-umxazululi/

Umxazululi weziNdaba zeMpesheni uMnu uLebogang Mogashoa ukuthakasele ukululwa kwenkontileka ka-Essop, wathi ukuguquka kwemboni kudinga izisebenzi zomthetho ezinamava, eziwuqonda kabanzi nomthetho.

“Amava ka-Essop ayadingeka ngalesi sikhathi ngoba ziningi izinguquko ezenzekayo embonini futhi kunemithetho eziguqula imboni ezayo,” kusho yena.

Uthembise ukuthi usazoqhubeka nokuqinisekisa ukuthi wonke umsebenzi owenzeka embonini yomhlalaphansi ulandela imithetho.

U-Essop wake wasebenza eHhovisi lomLawuli weMboni yemali iFinancial Sector Conduct Authority, lapho ayebheke izindaba zezikhwama zomhlalaphansi.

U-Essop, one-Bachelor of Laws yaseNyuvesi yaKwaZulu-Natali nezokuphatha zase-Unisa Graduate School of Business, ubonge ithuba nokuthenjwa nguGodongwana.

IHhovisi lomXazululi weziNdaba zeMpesheni lisiza umphakathi onezinkinga nezikhwama zempesheni mahala. Imininingwane yalo itholakala ku-www.pfa.org.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page