Abantu baseNingizimu Afrika ababazondi abokufika – ingqapheli
WULANGA KHANYILE
NGEMVA kwezinyanga imibhikisho ngabantu bokufika eNingizimu Afrika ithe chithi saka ezweni, umengameli wezwe uthembise ukuthi uhulumeni uzosukumela izikhalo zabantu.
UMnu uCyril Ramaphosa uthe “kunezinyathelo ezimqoka ezithathwayo” ukubhekana nale nselelo.
Imibhikisho, eholwa wumsunguli weMarch and March uNkk uJacinta Ngobese-Zuma nomholi weNsizwa Nobunsizwa uMnu uNkosinathi Ndabandaba isidale inkulumompikiswano noqhekeko phakathi kwezakhamuzi zizodwa. Babodwa lezi zishoshovu zibuswa yinzondo yabantu bakwamanye amazwe ase-Afrika futhi zinenhlese yobuzwe bamaZulu.
UNkk uNgobese-Zuma noNdabandaba bathi “benziwa wuthando lwezwe” nenjongo yokulungisa inkinga esihlule uhulumeni “odlayo” ngokungasukumeli indaba yabantu abasezweni ngokungekho emthethweni.
Umengameli uthe: “Abantu baseNingizimu Afrika abanayo inzondo yabantu bakwamanye amazwe” futhi siyezwakala isikhalo sezakhamuzi ngemiphumela yokufohla emingceleni yezwe.
FUNDA NALAPHA: Abantu baseNingizimu Afrika bakhala kufanele – uRamaphosa
Ingqapheli yezomnotho ezimele uSolwazi uBonke Dumisa uvumelane nomengameli ngokuthi abantu base-Afrika abananzondo yabantu bokufika.
Uthe: “Abanye bethu kade baphumela obala ngokuthi abantu baseNingizimu Afrika abananzo yabantu bakwamanye amazwe noma inzondo yabantu base-Afrika futhi siyala ukwenziwa abantu noma amazwe abangafuni ukunakekela abantu bese izakhamuzi zabo zithutheleka eNingizimu Afrika ukuthi sizingabaze ngesikubonayo nesikwaziyo.”
Ekhuluma ngenkohlakalo egcwele emaphoyiseni, kwisiKhungo esiLawula imiNgcele, umNyango wezaseKhaya, eminyangweni yomasipala ekhipha izimvume zamabhizinisi nokuphula umthetho wokuqasha abantu abangenazimvume zokubasezweni kwezinkampani, uRamaphosa uthembise “izinyathelo ezinqala ukulungisa loku kwehluleka”.
UDumisa uthe: “Anginasiqiniseko ngempela. Inkohlakalo ijulile emkhakheni wezisebenzi zikahulumeni, njengoba sizwa kwiKhomishini kaMadlanga.
“Inkinga eNingizimu Afrika ayidalwa wukungabibikho kwezinqubo noma imithetho. Sinezinqubo nemithetho okuningi okuhle kakhulu, inkinga wukuyilandela ngenxa yenkohlakalo nabantu abangakwazi ukwenza umsebenzi nokungaqashwa kwabantu abafanele nabanamakhono ngenxa yokuthi abadonswa ngekhala,” kusho yena.
Uthe kuyiqiniso ukuthi amabhizinisi asemikhakheni yokudla nezindawo zokuhlala, awezokuthutha aqasha abantu abengenazimvume zokubakuleli zwe. “Kuyiqiniso ukuthi le mikhakha engenhla idume ngokuqasha abantu bokufika abangenazimvume, ngenxa yokuthi abafuni izinto eziningi. Abantu abasezweni ngokungekho emthethweni abampongolozi ngamalungelo.”
Wengeze ngokuthi nokho into okufanele abantu baseNingizimu Afrika bayivume wukuthi abantu abaningi bokufika abanamaphepha nabangenawo bakhuthele kunabantu abaningi baseNingizimu Afrika.
Mayelana “nezinyathelo ezinqala ezithathwa wuhulumeni, le ngqapheli yezomnotho ithe:“Angiwuthembi uhulumeni ngaloku. Inkohlakalo ijule kakhulu.
“Nokho ngiyakweseka ukuqashwa kwabahloli bomNyango wemiSebenzi abawu-10 000; nakuba ngisola ukuthi nabo bazosheshe bakhohlakale njengalabo abakhona nabakweminye imikhakha kahulumeni.”
Uphethe ngokuthi “nakuba ngiwumuntu ohlale ethembele ezintweni ezinhle kodwa sengifinyelele lapho ngithi abakazalwa abantu abazoshintsha eNingizimu Afrika.
Ezinye izingqapheli ezithintwe wuMbele azivumanga ukuphawula. Enye ithe “ithukuthele ukuthi ingaphawula”, enye yathi icela “ukulicabangisa lolu daba oludala impikiswano”.

