Ungqongqoshe woMnyango wezokuXhuma uMnu uSolly Malatsi wemukele ibhodi entsha yasePosini. Izithombe: Zithunyelwe

Igxiviziwe ibhodi entsha yasePosini

INTATHELI YOMBELE

IKHABHINETHI isigunyaze ibhodi entsha yeSouth African Post Office, okususe isithiyo esikhulu ebesivimba le nhlangano ebhekene nezinselelo ezinkulu nezama ukuphuma ohlelweni lokuhlengwa kwebhizinisi.

Nokho, la malungu amasha ebhodi azoqala ukusebenza ngesikhathi umGcinimafa enqaba ukuqhubeka nokuyixhasa ngezimali nakuba abahlengi bebezimisele ukuyiqeda ezinyangeni ezimbalwa ezidlule.

Ungqongqoshe womNyango wezokuXhumana uMnu uSolly Malatsi wemukele le bhodi egunyazwe yikhabhinethi ngoLwesihlanu nokuqokwa kwamasekela abaqondisi-jikelele amathathu azobamba kuze kuqokwe unomphela emnyangweni wakhe.

FUNDA NALAPHA: Izinyunyana zigxeka abafuna ukuvala iSouth African Post Office 

Uthe ukugunyaza ibhodi “kuyisinyathelo esikhulu” esizolekelela iPosi ukuthi liphume ohlelweni lokuhlengwa kwebhizinisi futhi kuzolungisa isimo ekuphatheni le nkampani kahulumeni.

Ibhodi izoholwa wusihlalo uNks uSizakele Madlala, uNks uMargaret Phiri uzobayiphini likasihlalo. Amanye amalungu wuMnu uVuyo Mafata, uNks uTanya van Meelis, uNks Mantombi Lekhuleni, uMnu uMthokozisi Xulu, uMnu uMduduzi Bophela, uMnu uCharley Fred Chain, uMnu uDavid Mangena noMnu uKhonanjalo Buthelezi.

Ukuqokwa kwebhodi kuyisinyathelo esikhulu ngoba kususa esinye sezithiyo ezinkulu ekuphumeni kwePosi ohlelweni lokuhlengwa kwebhizinisi. Isikhulu esiphezulu esibambile uNks uFathima Gany, wathi isicelo sePosi sokuphuma ngokusemthethweni kulolu hlelo siyofakwa uma sekukhona ibhodi entsha nabaphathi abasha. Njengoba ibhodi isikhona kusho ukuthi ukufaka isicelo sekungaqhubeka.

UNks uGany usebatholile abantu abazomlekelela ukusindisa iPosi

Nokho izinkinga zemali zePosi ziyaqhubeka, nokwaholela ekutheni lingene ohlelweni lokuhlenga ngaphansi kweso loMnu u-Anoosh Rooplal noMnu uJuanito Damons ngoJulayi wango-2023. Uhlelo lwabo lokuhlenga iPosi, nolwamukelwa abantu elibakweletwayo ngoDisemba 2023, lwaluncike kwisithembiso sikahulumeni sokulixhasa ngoR3.8 billion, nokho uhulumeni usushaya ngonyawo phansi manje.

Ukubheda kwezinto ePosini sekuholele ekudilizweni kwezisebenzi eziwu-4 300 kwavalwa amagatsha awu-366 ngo-2024 kanti manje kusele abalelwa ku-650, kwaphuma nePostbank ePosini.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page