UMnu uXolani Ndovela, umsunguli weMadam Ayoh Brows Studio yaseThekwini, KwaZulu-Natali, ecwala amashiya. Izithombe: Zithunyelwe

Owesilisa ushaya ishiya elineNkosi phakathi

WUTHOBILE ZWANE

KUBANTU besifazane yinto enkulu ukubamuhle. Kumnandi ukuvuka ugeze, ugqoke, uhambe ngaphandle kokuchitha isikhathi eside phambi kwesibuko wenza ishiya. Lowo muzwa wokuzethemba ufiswa ngabaningi kanti eThekwini kunowesilisa osekwenze umsebenzi wakhe ukwenza lokho kubelula.

UMnu uXolani Ndovela, oneminyaka ewu-32, odabuka ePort Shepstone, eningizimu yaseThekwini, KwaZulu-Natali, akadumile “ngoMadam Ayoh” ngamanga. Uwumsunguli weMadam Ayoh Brows Studio esenkabeni yaseThekwini, ayisungula ngo-2020.

UNdovela wafundela lo msebenzi wobungcweti ePlush Art Studio, lapho athola khona isitifiketi se-brow mapping. Wenza khona amashiya i-microblading.

Uthi: “Ngabona ukuthi abantu besifazane bamatasa kakhulu ekuseni, abanaso isikhathi sokuzilungisa kahle. Bengifuna ukubasiza babukeke bebahle, babuyele nasekuzethembeni.”

FUNDA NALAPHA: Ukunconywa ubuthaphuthaphu kumenze waqala ibhizinisi lokuphaqula ubuso. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

Akagcini ngokwenza ishiya kodwa futhi ufundisa abantu abafuna ukufunda lo msebenzi. Izifundo zakhe ze-ombre zithatha izinsuku ezimbili futhi zibiza uR12 500 ezihamba nesitifiketi.

Ikhasimende lidetshwa ishiya eMadam Ayoh Brows Studio

Uthi igama elithi “Madam Ayoh” linomlando. Uthi walithatha kumuntu ayemthanda ohlelweni lwethelevishini i-Real Housewives of Durban. Walithanda kakhulu lelo gama waze wazibiza ngalo.

Eqala ibhizinisi, uthi akubangalula kodwa kwamphoqa ukuthi afunde ukuphatha nokuqonda abantu abahlukene. Useqashe abantu abane ngokugcwele kanti loko kumthokozisa kakhulu. “Ngiyajabula ngoba ngizisebenza mina. Ngithanda ukwenza izinto ngendlela efanele neqondile, ngakho ukuzimela kusho lukhulu kimina. Ukusiza abanye abantu bakwazi ukondla imindeni yabo kungijabulisa kakhulu,” kusho yena.

Lisala linje ikhasimende ngemva kokuphathwa yiMadam Ayoh Brows Studio

“Ngiyajabula ngoba ngizisebenza mina. Ngithanda ukwenza izinto ngendlela efanele neqondile, ngakho ukuzimela kusho lukhulu kimi. Futhi ukusiza abanye bakwazi ukubeka isinkwa etafuleni, lokho kungijabulisa kakhulu,” kusho yena.

Uneseluleko kubantu abafisa ukuqala ibhizinisi. Uthi: “Yiba nesineke. Ibhizinisi lifana nengane, lifuna isikhathi. Ungajahi imali. Thanda okwenzayo, uhloniphe abantu.”

UNdovela ufisa ukukhulisa iMadam Ayoh Brows Studio igcine isikwezinye izindawo ngaphandle kwaseThekwini.

Facebook: Madam Ayo

TikTok: Ayanda Aya

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page