Umasipala ulungisa izinkundla zemidlalo ebusika
YINTATHELI KAMASIPALA
UMASIPALA waseThekwini usuqale uHlelo lokuLungisa lwaseBusika lwaminyaka yonke ezinkundleni zemidlalo ezithile ukuqinisekisa ukuthi amabala asesimweni esicokeme.
Lolu hlelo lwenziwe ngokuqikelela ebusika ukuze luqondane nokuvala kwesizini yebhola, ukugunda utshani, ukubulungisa nokubukhulisa kahle.
Lo msebenzi osemqoka uzophucula izinga, ukuphepha nesimo sezinkundla zokudlala.
Izinkundla zizovalwa ngalesi sikhathi ukuze umsebenzi wenzeke kahle namabala alungiseke kahle.
Ngesikhathi kwenziwa lo msebenzi kuzovalwa isikhashana lezi zinkundla ezilandelayo:
Kuzovalwa iMoses Mabhida Stadium kusukela mhlaka-31 wangoMeyi kuya mhlaka-24 wangoJulayi, iSugar Ray Xulu Stadium kusukela mhlaka- 1 wangoJuni kuya mhlaka-2 wango-Agasti, iKing Zwelithini Stadium kusukela mhlaka-6 wangoJuni kuya mhlaka-2 wango-Agasti neChatsworth Stadium kusukela mhlaka-1 wangoJuni kuya mhlaka-2 Agasti.
Nakuba ibala laseMoses Mabhida Stadium lizobe lilungiswa kodwa izivakashi zizokwazi ukuvakasha enkundleni nokuya ezitolo nezinye izindawo ezikhona ngesikhathi uqhubeka umsebenzi.
Kwabadinga ukusebenzisa izinkundla zemidlalo, kuzovulwa izinkundla ezimbili iPrincess Magogo Stadium neMpumalanga Stadium ezizotholakala ngokubekisa indawo ngesikhathi sokulungisa ezinye.
Umasipala uzibophezele ukuhlinzeka ngezinkundla ezisezingeni eliphezulu nelilindelwe yizakhamuzi, abadlali nezinhlangano zemidlalo.
Amaqembu ezemidlalo, izinhlangano, abahleli bezemidlalo namalungu omphakathi banxuxa ukuthi bazihlele kahle nokuthi basebenzise izinkundla ezikhona ngalesi sikhathi sokulungisa izinkundla.
Ngeminye imininingwane noma imibuzo, kungathunyelwa i-email ku: events.enquiries@durban.gov.za

