UMnu uLakhe Mangena, umsunguli weMangena Mixed Farming yaseMdudwa eFlagstaff, eMpumalanga Kapa, etshala amaveji futhi efuye izinkukhu zenyama. Izithombe: Zithunyelwe

Uhlanganisa imikhakha ehlukene yezolimo

WUTHOBILE ZWANE

NGESIKHATHI intsha eningi ishiya izindawo ezisemakhaya iyofuna amathuba emadolobheni amakhulu, insizwa yaseMpumalanga Kapa ikhethe indlela ehlukile egxile emhlabathini nasekuzimeleni.

UMnu uLakhe Mangena, oneminyaka ewu-23, waseMdudwa Village eFlagstaff, wasungula iMangena Mixed Farming, etshala amaveji nefuya izinkukhu zenyama ngo-2023. Idayisela umphakathi, izikole, izimakethe nabadayisi bamaveji nabezinkukhu.

Ungene kwezolimo engenalwazi lokulima nokufuya futhi engaveli emndenini wezolimo. Ugqozi lwakhe lwavela esifisweni sokuphila impilo yokuzimela ngokugcwele. Uthi wakhuthazwa abantu abaphila impilo yokuzimela ngokukhiqiza ukudla kwabo nokunganciki kakhulu ezitolo noma ekuthengeni ukudla ezitolo.

“Ngakhuthazwa ngabantu abaphila impilo yokuzimela lapho beziphilela khona ngokuzimela. Nami ngangifisa ukwenza okufanayo ekhaya ngoba ngangithanda ukuzikhiqizela ukudla nokuzimela,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: Ozifundise ukulima ushintshe isimo somphakathi

Uthi ukuqala kwakungelula ngenxa yokushoda kwemali. Manje uthi inselelo enkulu wukuntula imali yokukhulisa ibhizinisi.

“Ezolimo zibiza kakhulu. Ukudla kwezinkukhu, imbewu, izinto zokusebenza nemishini kudinga imali eningi. Enye inselelo wukusebenza wedwa, ngoba ukulima kuwumsebenzi onzima odinga amandla nomsebenzi omningi,” kusho yena.

Ispinashi esinomsoco seMangena Mixed Farming

IMangena Mixed Farming imandla ngokuhlanganisa ukutshala nokufuya. “Ibhizinisi lami lihlukile ngoba lihlanganisa ukutshala nokufuya kanyekanye,” kusho uMangena.

Yize ibhizinisi lisakhula, seliqalile ukudala amathuba omsebenzi emphakathini. Ngezikhathi zokutshala, ukuhlakula nokuvuna, uqasha izisebenzi ezitoho eziyisishiyagalombili.

Iklabishi elikhephuzelayo leMangena Mixed Farming

Uthi ukulima kumfundise izinto eziningi ngempilo futhi kwamshintsha indlela abeyiyona.

“Ngaphambi kokungena kwezolimo ngangingenaso isineke futhi ngingaziphathi kahle kwezinye izinto. Kodwa ukulima kungifundise ukubekezela nokuziphatha kahle ngoba kwezolimo yonke into inesikhathi sayo. Awukwazi ukutshala namhlanje uvune kusasa,” kusho yena.

UMangena uthi ibhizinisi lakhe lisiza umphakathi ngokudayisa ukudla okusha okuvela ngqo epulazini.

“Kuyangijabulisa ukubona abantu bethola ukudla okusha okuvela epulazini kunokudla okuhlala isikhathi eside emashalofini ezitolo. Yize singenazo izisebenzi ezisebenza ngokugcwele, siyakwazi ukudala amathuba omsebenzi ngezikhathi ezithile,” kusho yena.

IMangena Mixed Farming itshala no-green pepper

Kubantu abafisa ukusungula ibhizinisi, uthi kubalulekile ukubanesineke nokuzilungiselela ngokwezimali.

“Ngiluleka intsha ukuthi ithole umsebenzi ukuze ikwazi ukusebenzisa imali yomholo ukuqala ibhizinisi lezolimo ngoba ukulima kudinga imali eningi,” kucebisa yena.

Nakuba esemncane kodwa izifiso zakhe zinkulu. Ufisa ukubanepulazi elikhulu elizoqasha abantu abaningi futhi livulele intsha amathuba okufunda ngezolimo ngokuzibonela mathupha.

“Isifiso sami wukubanepulazi elikhulu, ngiqashe abantu abangamakhulu futhi ngivulele izinkulungwane zabafundi bamakhono ezolimo amathuba okufunda nokuthola ulwazi emsebenzini,” kuphetha uMangena.

Facebook: Lakhe Mangena

Instagram: @mangenalakhe

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page