Izisebenzi zinelungelo lokuteleka – iNkantolo yomHlaba
WUBONISWA MOHALE
NGENXA yokubona ukuthi izisebenzi emhlabeni jikelele zisacindezelwa nelungelo lazo lokuteleka uma zinganeme lisengcupheni, izinyunyana zamazwe ziye enkantolo yeziSebenzi yomHlaba enxuse i-International Court of Justice (i-ICJ) zifuna kuqinisekiswe ilungelo lokuteleka.
NgoLwesine oludlule i-ICJ ithe izisebenzi zawo wonke amazwe emhlabeni zinelungelo lokuteleka njengoba kubhaliwe esigabeni 87 somthetho wokuzikhethela nokungena ezinyunyaneni.
Umkhulumeli weCongresss of South African Trade Unions ezindabeni zasePhalamende, uMnu uMatthew Parks uthe basithakasele isinqumo se-ICJ ngoba sinika izisebenzi isibindi sokuteleka uma kukhona ezinganeme ngako.
“Ukuteleka kuyilungelo lezisebenzi futhi kubalulekile uma zilwela amaholo angcono nempilo engcono. I-International Labour Organization, esiyingxenye yayo siwumfelandawonye wezinyunyana ezweni, ihambise lolu daba enkantolo ukuze zonke izisebenzi zivikeleke kubaqashi abazixhaphazayo emhlabeni jikelele,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: Yinhlekelele ukusweleka kwemisebenzi ezweni – izinyunyana
Ubalule ukuthi okubaphatha kabi wukuthi yize izisebenzi emhlabeni wonke zinamalungelo futhi zikwazi ukuzwakalisa ilaka lazo ngokuteleka uma kukhona okungavunyelwanga ngakho nabaqashi kodwa eZimbabwe, Eswatini naseMyanmar izisebenzi zakhona zisacindezelekile.
Unobhala-jikelele weSouth African Federation of Trade Unions uMnu uZwelinzima Vavi uthe isinqumo se-ICJ sisho ukunqoba kwazo zonke izisebenzi emhlabeni ngoba sizinika isibindi sokulwela impilo engcono, isithunzi sazo, amaholo angcono nobulungisa.
Uthe kubuhlungu ukuthi lesi sinqumo siphuma ngesikhathi umnotho waseNingizimu Afrika ungakhuli, uhulumeni ungayitshali imali ezinhlelweni ezidala imisebenzi, izisebenzi zidilizwa futhi zisatshiswa ukuthi zingabi ngamalungu ezinyunyana.
Unxuse abaqashi ukuthi bayeke ukusabisa izisebenzi ukuthi zingangeni ezinyunyaneni, wakhumbuza izisebenzi ukuthi ukubayilungu lenyunyana kuyasiza ngoba kuzinika izwi ezigungwini ezithatha izinqumo ngempilo yazo.

