UMasipala waseGoli uzolungisa izikhalo zomGcinimafa
YINTATHELI YOMBELE
UMASIPALA waseGoli usuthembise ukuthi uzozilungisa izikhalo zomNyango weziMali emva kokuthi ungqongqoshe walo mnyango uMnu u-Enoch Godongwana ethe uzoyimisa imali yokuwuxhasa uma ungaziyeki izinhlelo zokunyusa amaholo ezisebenzi ngoR10.3 billion.
Imeya kaMasipala waseGoli uMnu uDada Morero yasayina isivumelwano sokunyusela izisebenzi amaholo ngonyaka odlule. UGodongwana uthole ukuthi umasipala ukweleta uR25.2bn ube unoR3.9bn esikhwameni futhi uhluleka nokukhokhela osomabhizinisi osebenzisana nabo ngezinsuku eziwu-30 ezinqunyiwe.
FUNDA NALAPHA: Umcwaningimabhuku uphakamisa ukuthi kungenelelwe komasipala, kuloba uBusi Mavuso
NgoLwesihlanu uMorero uhlangane noGodongwana, othe akaphathekile kahle ngokuthi awulandelwa umthetho wokuphatha izimali i-Municipal Finance Management Act wango-2003.
“Umhlangano wethu ubuyingxenye yemihlangano evamise ukwenzeka. Sihlangene nemeya namathimba ethu ukuxoxa ngokufanele kwenzeke. Okwamanje akukuningi esizokusho kodwa sizoqhubeka nokuqinisekisa ukuthi izimali ziphathwa kahle kuMasipala waseGoli futhi akuphazamiseki ukuhlinzeka abantu ngezidingo,” kusho uGogongwana.
UMorero uthe umhlangano uhambe kahle futhi yena nethimba lakhe bazowathatha amacebo abawanikwayo ukulungisa obekukhalwa ngakho.
Akandanga ngokuthi bazozilungisa kanjani izinto okukhalwa ngazo, wagcina ngokuthi bazothumela umbiko ochaza kabanzi ukuphendula incwadi ebithunyelwe wuGodongwana.

