I-South African Commercial Catering and Allied Workers Union ihlongoza ukumasha ukuphikisa izinhlelo zePick n Pay zokudiliza izisebenzi. Isithombe: Sithunyelwe

Imisebenzi ewu-22 000 ePick n Pay isengcupheni

WUBONISWA MOHALE

I-SOUTH African Commercial Catering and Allied Workers Union (iSaccawu) ithi izolwa nezinhlelo zePick n Pay zokudiliza izisebenzi eziwu-22 000 ezitolo ezihlukene zale nkampani.

Iphini likanobhala-jikelele weSaccawu uMnu uJerry Mmoneri litshele abezindaba ukuthi iPick n Pay ihlela ukuphuca izisebenzi amalungelo eziwalwele kanzima njengoba ifuna ukuzidiliza futhi inciphise namahora okusebenza.

Esithangamini nabezindaba ebesiseThe Parktonian Hotel eBraamfontein, eGoli, eGauteng, izolo uMmoneri uthe okubacasulayo wukuthi iPick n Pay izame ukuzikhulumela ngqo nezisebenzi ekubeni yazi kahle ukuthi zinenyunyana, iSaccawu.

“Kusiphethe kabi ukuthi iPick n Pay ifuna ukudiliza izisebenzi eziningi kanjena. Ukuphela kwemisebenzi ewu-22 000 akuyona into encane, ikakhulu kuleli zwe elivele linesibalo esiphezulu sabantu abangasebenzi. Sizongena nasemgwaqweni ukulwa naloku,” kusho yena.

UMmoneri uthi izwe livele linenkinga yokusweleka kwemisebenzi

Phakathi kwemihlomulo engase izisebenzi ziphucwe yona wukuncipha kwamahora okusebenza, okuthiwa azosuka kwawu-196 ngenyanga abewu-176 ngenyanga, uMmoneri athi kuzonciphisa amaholo ngoR2 000.

FUNDA NALAPHA: Akasekho umsunguli wePNP Group

Okunye okungase kuphele wumhlomulo otholwa yizisebenzi ezingena ebusuku, owezokuthutha neminye.

Esitatimendeni, isikhulu esiphezulu sasePick n Pay uMnu uSean Summers sithe akusilo iqiniso ukuthi bahlela ukudiliza izisebenzi eziwu-22 000 kodwa baqale izingxoxo zokuhlela umsebenzi kabusha ngenhloso yokunciphisa isibalo esingase sidilizwe.

“Siyaxhumana nazo zonke izinhlaka ezithintekayo futhi sizoloku sichaza ngokwenzekayo ngesikhathi esifanele. I-Pick n Pay isiqala isigaba esilandelayo sokuphucula umsebenzi esizohambisana nokuguquka kwesimo ezitolo,” kusho yena.

Uthe ngeke inciphe imali etholwa yizisebenzi ngehora futhi inhloso yabo wukuphucula ukusebenza ukuze ibhizinisi lizokwazi ukuncintisana kahle namanye.

U-Summers uthe ziningi izinhlelo abazenzile zokuqinisekisa ukuthi isimo sezimali sePick n Pay siyashintsha, abale kuzona ukufaka iBoxer eJohannesburg Stock Exchange ukuze bakwazi ukunciphisa izikweletu zePick n Pay, ukuvala ezinye izitolo, ukuhlela kabusha umsebenzi emahhovisi nokunganyusi amaholo ezisebenzi ezisemahhovisi nokunye.

Uthe bayazi ukuthi kuzobayisikhathi esinzima kwizisebenzi ezithintekayo kodwa bathembisa ukuthi konke bazokwenza ngendlela ehlelekile, engenzeleli, ebeka izinto obala futhi elandela umthetho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page