Amanani kaphethroli azoqhubeka nokuma ndawonye, njengoba uhulumeni unyakazile ngentela yawo. Isithombe: Sithunyelwe

Uhulumeni ulule ukumisa intela kaphethroli

WUBONISWA MOHALE

UKUNYUKA kwamanani kawoyela ongahluziwe emhlabeni jikelele kuholele ekutheni ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana nowomNyango wezaMandla uMnu uGwede Mantashe bavumelane ngokumisa ukunyusa intela kaphethroli nakule nyanga.

UGodongwana umemezele lezi zindaba izolo emva kokuthi ngesonto elidlule etshele ethe indaba yokunyuka kwamanani kaphethroli nomthwalo ohambisana nakho empilweni yabantu ayimlalisi ubuthongo.

Esitatimendeni, uGodongwana uthe intela kaphethroli ewuR3 bazoyimisa ngenxa yempi yaseMiddle East namanani kaphethroli anyukayo. Uthe ukuqinisekisa ukuthi amanani ezimpahla awanyuki kakhulu ngenxa yalesi simo banqume ukulula isikhathi sokuma kwale ntela.

Uthe izoma kuze kubemhlaka-2 wangoJuni njengoba kulindeleke ukuthi udizili unyuke kakhulu, intela yawo izokwehliswa ibe wuR3.93 ilitha bese ekaphethroli ihlale kuR1.10 ilitha.

NgoJuni uGodongwana ufuna kukhokhwe uhhafu wentela okuzoba wuR1.50 ilitha likaphethroli noR1.96 ilitha likadizili kusukela ngomhlaka-3 wangoJuni kuze kube wumhlaka-30 wawo uJuni.

Uthe loku ukwenzela ukuthi ngoJulayi intela kaphethroli ibuyele esimweni obekufanele ibekusona, okuwuR4.10 ilitha, bese ekadizili ibewuR3.93 ilitha. Imali ezolahlekela uhulumeni ngenxa yokuma kwentela kusukela ngo-Ephreli kuze kubewuJuni izobawuR17.2 billion.

FUNDA NALAPHA: Uhulumeni uzoxegisa ijoka ngokwehlisa intengo kaphethroli 

UGodongwana uthe le mali bazoyibuyisa ngokuthi kwezinye izindawo kukhokhwe intela ethe xaxa nokunciphisa imali ebizosebenza kwezinye izindawo kodwa ngeke kuphazamise izinhlelo zeSabelomali salo nyaka.

Wengeze ngokuthi bazobheka ukuthi bayilawula kanjani intela kaphethroli ngomuso.

Nokho nakuloku akashongo lutho ngamanani kapharafini, obunyuke kakhulu kule nyanga.

Izinhlangano ezikhulumela abampofu azithandanga ukuphawula ngalolu daba okwamanje, zathi zilinde ukubona amanani okunyuka kukapharafini ngesonto elizayo.

Isazi somnotho esizimele uSolwazi uBonke Dumisa sithe amanani kaphethroli nodizili azoqhubeka nokunyuka kakhulu ngenxa yokuthi iMelika isaqhubeka nokulwisa i-Iran.

Mayelana nokuthi i-United Arab Emirates (i-UAE) imemezele ukuthi izophuma kwi-Organization of the Petroleum Exporting Countries (i-Opec), inhlangano yamazwe alawule amanani kawoyela, uthe i-UAE ifuna ukugxila ezindabeni zayo futhi ikhathele wukubezelela iMelika elwisa amazwe amazwe.

“Ngemva kokuthi iMelika ne-Israel behlasele i-Iran, ithe isiziphindiselela ngokuqhumisa izindawo zamasosha kwaba yi-UAE eshayeka kakhulu, ngakho iyaphuma kwi-Opec ukugxila (kokuzosiza) yona. Ngeke ngisho ukuthi ukuphuma kwayo kwi-Opec kuzobanomphumela othile kumanani kawoyela kodwa loku kukhombisa ukuthi amazwe akhathele yiMelika,” kusho yena.

UDumisa uthe akuyona yodwa i-UAE esikhombise ukuthi iyahlukana neMelika, neCanada ithe ngeke ishayelwe umthetho yiMelika.

Kwezinye izindaba, i-Airlines Association of Southern Africa izwakalise ukukhathazeka ngokungacaci kokuthi amazwe aseningizimu ye-Afrika anawo yini uphethroli wamabhanoyi owanele.

Inxuse wonke amazwe nezikhumulo zamabhanoyi ukuthi bacacise njengoba amanani alo phethroli ekhuphuke kakhulu ngemva kwempi maphakathi noFebhuwari, esuka kuR8.50 eya kuR30 ilitha emazweni angenalo ulwandle, okubalwa kuwona iMalawi, okuthiwa ilitha kaphethroli wamabhanoyi isibiza uR50.

I-Airports Company South Africa ithe inophethroli wamabhanoyi owenele okwamanje.

Umkhulumeli womfelandawonye wezinyunyana iCongress of South African Trade Unions ezindabeni zasePhalamende uMnu uMatthew Parks uthe bayasithakasela isinqumo sikahulumeni sokumisa intela kaphethroli.

“Lesi sinqumo sivikela umphakathi ngoba ukunyuka kukaphethroli nodizili kunyusa ukudla nezinye izidingo. Sikhathazekile ukuthi akukho okukhulunyiwe ngamanani kapharafini. Sicela nemboni ezimele ilekelele ngokungadilizi izisebenzi futhi ibeke nokuthile okuzosiza ukufukula umnotho,” kusho yena.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page