Umasipala uphuthumisa ukusimamisa umnotho wasolwandle
YINTATHELI KAMASIPALA
UMASIPALA waseThekwini ufuna ukubheka olwandle ukusimamisa umnotho waleli dolobha ngemva kokwenza ingqungquthela i-Ocean Innovation Africa Summit, ebise Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini, KwaZulu-Natali.
Le ngqungquthela iqale ngoMsombuluko yaphela ngoLwesithathu kanti ivulwe ngokusemthethweni yimeya uMnu uCyril Xaba. Uthe ufuna leli dolobha lihehe bonke abatshalimali abafuna ukuletha uguquko oluhle nokukhulisa umnotho isikhathi eside.
Indikimba yale ngqungquthela ibithi “Accelerating and Scalling Out Regenerative Blue Economy Action”, okusho ukuphuthumisa nokusabalalisa umsebenzi womnotho wasolwandle, le ngqungquthela ize nezisombululo ezibonakalayo.
Uthe yingqungquthela ebalulekile ngoba ihlanganisa osomabhizinisi abenza izinto ngendlela entsha, abatshalimali nabashayimthetho ukuza nezisombululo ezizosimamisa umnotho wasolwandle zivule namathuba omnotho e-Afrika.
“Asigcini nje ngokubuka amagagasi kodwa sifuna konke okungaphakathi olwandle. Sisebenzisa ubuchwepheshe ukuvikela ulwandle, ukuphuthumisa umsebenzi emachwebeni nokuthola amathuba omnotho,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: Idolobha lizofukula umnotho wasolwandle ngoR12.1 million
Izihloko bezingobuchwepheshe obusamuntu ekusimamiseni umnotho wasolwandle, ukudoba ngendlela ehlelekile nezindlela zobuchwepheshe zokunakekela ugu.
Bekukhona abaholi abavela kwamanye amazwe, okubalwa kubona uNks uCharlina Vitcheva we-European Commission, okubeke kwacaca ukuthi ibalulekile i-Afrika nogu lwayo emnothweni womhlaba.
Osomabhizinisi abancane bathole ithuba lokukhangisa ngemikhiqizo yabo eqinisekisa ukuthi imikhumbi ihambisa izimpahla ngaphandle kokungcolisa imvelo, ukuvuselela izihlahla nenye imvelo engaphansi kolwandle nobunye.
Imenenja yeMaritime Industry Development uNks uNomalanga Sokhela ithe umsebenzi wabo wukuqinisekisa ukuthi umnotho wasolwandle uyakhula kodwa futhi kube kunakwe nokuguquguquka kwesimo sezulu.
“Ukutshala imali embonini yasolwandle sibonile ukuthi kuvela amathuba okulungisa imikhumbi, okusebenza kule mboni nawokuthutha izimpahla futhi siyaqhubeka nokuheha abatshalimali abazodala imisebenzi eminingi. Sisebenzisana namakolishi namanyuvesi,” kusho yena.
UNks uSokhela uthe umasipala unezinhlelo ezisiza amabhizinisi amancane, abadobi nabanye ukuze bathole amathuba olwandle.
Ezokuvakasha nazo azisele ngaphandle njengoba ukungcebeleka ngemikhumbi kuqhubeka.
I-Blue Economy Forum kamasipala izoqinisekisa ukuthi izinhlelo zeTransnet, ezikahulumeni wezwe nocwaningo lwezikhungo zemfundo ephakeme zifukula umnotho wasolwandle.
Umasipala unxuse zonke izinhlaka ukuthi zisebenzisane ukuze kukhule umnotho wasolwandle kodwa kungashiywa abanye abantu ngaphandle.

