Akuqine isandla ekuphatheni imali kahulumeni – umcwaningimabhuku-jikelele
WUBONISWA MOHALE
ALUKHO ushintsho olutheni ekuphatheni imali eminyangweni kahulumeni yezwe, eyezifundazwe nasezinkampanini zawo.
Loku kucace embikweni womcwaningimabhuku-jikelele uNks uTsakani Maluleke awuthule kwabezindaba namhlanje.
Uveze ukuthi emva kokucwaninga amabhuku awu-417 kahulumeni wezwe nowezifundazwe awu-151 kuphela akwaze ukuthola umbiko omuhle. Umbiko akhuluma ngawo ngowonyaka wezimali wango-2024/25.
Kwesibacwaningile abanesabelomali esincane babonakale beyiphatha kahle imali futhi beyilandela imithetho kunabanesabelomali esiningi.
“Sithole ukuthi emNyangweni wezeMpilo nowezeMfundo imali ayiphethwe kahle. Kubi kakhulu kowaKwaZulu-Natali, lapho kucacile ukuthi abayilandeli imithetho yokuthenga izimpahla nokusebenza kwemali,” kusho yena.
Yize umNyango wezeMpilo unenkinga ekulandeleni imithetho yokuphatha imali kodwa uNks uMaluleke ubone ukuthi umNyango wezeMpilo eMpumalanga Kapa ushintshile kancane kodwa loku akusho ukuthi usuthola umbiko wezimali omuhle.
Abacwaningiwe abawu-266 abangatholanga umbiko omuhle okufanele bahambise izidingo ezifinyelela ku-80% kubantu.
FUNDA NALAPHA: Omasipala baseNingizimu Afrika abayilandeleli imali ewuR62 billion emosiwe
Abawu-45 babuyele emuva okusho ukuthi esikhundleni sokunyusa izinga lokuphatha kahle izimali, kuye kwaba nemithetho abayiphulayo noma ukungalandeli indlela efanele yokubika ngezimali.
“UmNyango wokuThuthukisa umPhakathi ezweni uhlehlile oshintshweni oluhle obulwenzile ekuphatheni imali. Kufanele sikhathazeke ngaloku ngoba akufanele kubenomnyango noma inkampani kahulumeni ebuyela emuva. Kufanele senze umsebenzi oseqophelweni eliphezulu, ikakhulu uma umsebenzi esiwenzayo uthinta izigidi zabantu,” kusho uNks uMaluleke.
Uthe izikhungo zikahulumeni ezifundisa abantu zibahlomise ngamakhono azosimamisa impilo yabo ama-Seta aziyiphethe kahle imali.
Uthe imali ikhona kuhulumeni kodwa inkinga wukuthi ayiphethwe ngendlela efanele kangangokuthi kweminye iminyango kugcina izikweletu zonyaka wezimali sezikhokhwa ngemali eyabelwe unyaka wezimali olandelayo.
Ukhale ngesikhwama esinxephezela izisebenzi ezilimala emsebenzi iCompensation Fund esingashintshi, esiloku sithola umbiko omubi ngenxa yokuhluleka ukuphatha imali nokulandela imithetho.
Mayelana nezinkampani neminyango kahulumeni ethola imibiko emihle enemibandela, uNks uMaluleke uthe loku akufanele kujatshulelwe kodwa sekufanele kushintshe.
Umbiko wezimali onemibandela usho ukuthi imali kuyacaca ukuthi iye kuphi kodwa kusuke kukhona esikhala ngako, okungaba wukuthenga izimpahla nokunye.
“Sithola ukuthi kuhulumeni abantu bayawujabulela lo mbiko kodwa akukuhle loku. Kufanele basukume bathole umbiko omuhle ongenagcobho. Ukungazihleleli kahle izimali kubeka imali yezwe engcupheni ngoba kwandisa nezikweletu,” kusho yena.
Unxuse izikhulu ezikuhulumeni, osopolitiki neziphethe izinkampani zikahulumeni eziwu-19 ukuthi ziqikelele ukuthi imali isebenza ngendlela efanele futhi ayimoseki.
Uzwakalise ukukhathazeka ngezikhungo ezingayilethile imibiko yezimali, abale iNgonyama Trust Board kuzona.
Uthe kungenzeka ukuthi umbango wobuholi bale bhodi engamele umhlaba kuhulumeni ekutheni ingathumeli umbiko wezimali.
Uphethe ngokucela ukuthi izimali zikahulumeni zisebenze ukuletha impilo engcono kubantu.
Nakuba ethembise ukuthi isimo usiqaphile futhi uthatha izinyathelo kodwa unxuse nezinye izinhlaka zikahulumeni ukuthi zibambisane naye.

