Iphini lomqondisi weDurban Tourism uNks uWinile Mntungwa likhuthaza osomabhizinisi abasembonini yokuvakasha ukuthi bangenele ama-Durban Business Tourism Awards. Isithombe: Sithunyelwe

Sesifikile isikhathi samaDurban Tourism Awards

YINTATHELI KAMASIPALA 

KUKHUTHAZWA amabhizinisi asembonini yokuvakasha ukuthi bangenele imiklomelo yale mboni kaMasipala waseThekwini ama-Durban Tourism Business Awards. Ukungenela kuvala ngomhlaka-23 wangoMashi. 

Iphini lomqondisi weDurban Tourism uNks uWinile Mntungwa lithi ibalulekile le miklomelo ngoba ayigcini nje ngokuklomelisa osomabhizinisi kodwa ibanika ithuba lokuzikhangisa, ukuxhumana nabanye nokubasiza ukuthi benze izinto ngokuchwepheshe besimanje. 

Ukungenela osomabhizinisi bangangena ku: https://durbantourismawards.com.

Abawinile bazothola imiklomelo ehlukene efinyelela kuR50 000. 

Echaza ngale miklomelo kwi-podcast kamasipala waseThekwini, uNks uMntungwa uthe bayithula ngo-2021 emva kwe-Covid-19 ngoba bevuselela imboni futhi befuna ukutshala umoya wokuthi kwenziwe izinto ngendlela entsha.

“Osomabhizinisi esibaklomelisayo abenza izinto ngendlela efanele, abasiza ukusimamisa imboni yokuvakasha. Ibalulekile le miklomelo ngoba ibakhangisa emhlabeni jikelele ngoba ibukwa ngisho abalingani bethu abaseChina nakwamanye amazwe aphesheya. Osomabhizinisi bahlomula nangamakhono okwenza izinto ngendlela entsha ngoba sicathula nabo futhi bafunde kubalingani babo,” kusho yena. 

Phakathi kwemikhakha ekhona kubalwa i-Accommodation Award, i-Meetings, i-Exhibitions, i-Special Events, i-Visitor Experience, i-Tourist Guid, i-Tour Operator, i-Rickshaw Puller, i-Crafters, i-Event Owners and Promoters, i-Emerging Tourism Entrepreneur of the Year, i-Green Tourism ne-Film Makers Award. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/06/23/ibambe-ngakho-i-durban-tourism/ 

Kuzocutshungulwa kahle konke okuthinta le miklomelo ukuqinisekisa ukuthi yonke imithetho nemibandela ehambisana nayo ilandeliwe. 

Umphakathi uzothola ithuba lokuvota okuzowukhombisa imikhiqizo ehlukene yezokuvakasha yaseThekwini. Amajaji azimele abazohambela wonke amabhizinisi nabantu abangele imiklomelo.

Izinhlangano zokuvakasha zomphakathi ama-community tourism organisation akhuthazwa ukuthi abheke amabhizinisi nabantu abasembonini yokuvakasha ezindaweni zabo abangangenela le miklomelo. Ngeminye imininingwane abantu bangathumela i-email ku: info@durbantourismawards.com noma bashayele ku-031 322 4164. Bangangena naku-www.durbantourismawards.com noma ku-www.durban.gov.za futhi balandele iDurban Tourism @DBNTourism ezinkundleni zokuxhumana iFacebook, i-X ne-Instagram.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page