Ukwanda kobugebengu ezweni akuyona impi yamaphoyisa wodwa kodwa kudinga umphakathi wonke, kuloba uJabulani Sikhakhane
SEKUKANINGI ukhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natali uNhlanhla Mkhwanazi ebeka izizathu athi ziwumsuka wokwanda kobugebengu obenziwa ikakhulu yintsha. Izizathu zakhe zihambisana neminye imininingwane ngesimo sempilo eNingizimu Afrika.
Nokho okubikwa wuJenene uNhlanhla uMkhwanazi kudinga ukuphenyisiswa, kucutshungulwe kabanzi yizinzululwazi ukuze kutholakale ngempela ukuthi ukwanda kobugebengu kuxhumana kanjani nesimo sempilo ezweni.
UMkhwanazi usephinde kaningana ukuthi iningi lezigebengu amaphoyisa atholana phezulu nazo abomdabu bezwe futhi intsha. Inkulumo yakhe ngoFebhuwari wango-2025 ethi iningi lezigebengu ezweni ngabomdabu yadala inhlokomo kwabaningi. Inosinga lweqiniso nokho njengoba phela abantu beyiningi lezakhamuzi ezweni kanti nesimo sempilo singesihle kwabaningi babo.
Okunye wukuthi abantu bayiningi eqoqweni labantu abantula imisebenzi ezweni. Kanti futhi ingxenye enkulu yabomdabu abasebenzayo ithwele kanzima ngenxa yemiholo ephansi nokunyuka kwezindleko zempilo, ezinjengogesi nokudla.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/03/04/akumangazi-okukhonjiswa-wucwaningo-ngesimo-seningizimu-afrika-kuloba-ujabulani-sikhakhane/
Ephuzwini lokuthi iningi lezigebengu yintsha, nakhona kuneqiniso njengoba intsha, ikakhulu yabantu, ithwele kanzima ngokwentuleka kwamathuba omsebenzi.
Kulokhu Mkhwanazi wabika ukuthi imininingwane yamaphoyisa ikhomba ukuthi intsha engena ebugebengwini ivame ukuvela emakhaya lapho inhloko yomuzi. Wabika nokuthi iningi “lezinkabi” elasesiFundeni uMzinyathi.
Umasipala wesiFunda uMzinyathi wakhiwe yiNdumeni (eneDundee), iNquthu, uMsinga noMvoti. Zinemilando yazo lezi zindawo – emihle nemibi. Ingxenye enkulu yalesi sifunda ingaphansi kwamakhosi – umhlaba owu-40% ungaphansi kwe-Ingonyama Trust Board.
Ngokombiko womNyango wokuBusa ngokuBambisana neZindaba zoMdabu, isiFunda uMzinyathi sasinemizi ewu-126 790 ngo-2019. Cishe u-60% (u-74 726) wonke wale mizi uphethwe ngabantu besifazane. Lesi sibalo semizi ephethwe abesimame liphezulu kakhulu kunezwe nesifundazwe sonke.
Umbiko omusha i-General Household Survey yango-2024) okhishwa yiStatistics South Africa ukhombisa ukuthi u42,4% wemindeni uphethwe ngabantu besifazane eNingizimu Afrika, eKZN iwu-46,8%. Idlulwa yiMpumalanga Kapa kuphela ngo-48,8%.
Uma kusetshenziswa isikali sobuphofu esibeka ukuthi umuntu ngamunye udinga uR1 415 ngenyanga ukuphila, u-66% wonke wabantu baseMzinyathi bayahlupheka. Ingxenye enkulu yabahluphekayo itholakala eNquthu (iwu-75.2%) and naseMsinga (iwu-71.9%).
Le mininingwane ngoMzinyathi ifakazela okushiwo wuMkhwanazi ngalesi sifunda njengesizinda sezinkabi. Nokho isadinga ukucutshungulwa kabanzi ukuze kutholakale ukuthi isimo sempilo kulesi sifunda sixhumana kanjani nokungena ebugebengwini. Bakhona abantu basemakhaya lapho kuhlushekwa khona kodwa abangaphenduki izigebengu.
Ngamanye amazwi ukuxhumana phakathi kobugebengu nesimo sempilo (ikhaya umuntu akhulele kulona nesimo somphakathi wonke) kufanele kucutshungulwe kabanzi yizinzululwazi zemikhakha ehlukene ukuze kutholakale kahle ukuthi zixhumana kanjani lezi zinto.
Kwamanye amazwe lolu hlobo locwaningo lwenziwa iminyaka eminingi. Lapha kuthathwa iqoqo lezingane zilandelwe iminyaka eminingi ukuze kutholakale ulwazi ngoshintsho olwenzeka ezimpilweni zazo.
Lapha kungabhekwa isimo sekhaya nezinguquko ezenzekayo (ukuhamba kukababa ekhaya), imfundo yengane (iyaqhubeka yini ize iyophothula), uma isiphothule esikoleni iyaqhubeka nemfundo nokuqeqeshwa noma iphuma iyozama amatoho. Kungabhekwa nokuthi intombazane iqhubeka kanjani; kwenzekani uma ithola umntwana isencane, okuyisimo esingaphazamisa ukufunda kwayo.
Uma kulandelwa okushiwo wuMkhwanazi kusho ukuthi izinzululwazi kungafanele zicubungule ukuthi yini umehluko odalwa wukukhula kwengane ekhaya elingenababa. Bese isimo sale ngane nenqubekelaphambili yayo iqhathaniswe neyengane ekhulela ekhaya elinobaba.
Ucwaningo olunje lubalulekile ngoba imiphumela yalo ingabawusizo olukhulu kubaphathi bezwe, ikakhulu uma benza izixazululo. Okunye wukuthi zingaba wusizo nasemakhosini njengoba izindawo eziningi esiFundeni uMzinyathi zingaphansi kwabaholi bendabuko. Kwezinye izindawo, eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe, likhulu iqhaza elibanjwa ngabaholi bendabuko entuthukweni yezindawo ezingaphansi kwabo, ikakhulu uma bebambisene kahle nezikhulu zikahulumeni (omasipala, izifundazwe nezwe).
Ngamanye amazwi, okubikwa wuMkhwanazi akufanele kuchithwe kalula futhi akufanele kuthathwe njengeqiniso eliphelele. Umsuka wobugebengu unzulu, udinga ukuphenyisiswa kabanzi, okusho ukuthi impi nokwanda kobugebengu ezweni akuyona eyamaphoyisa wodwa. Idinga abazali, imiphakathi, izikhulu zikahulumeni ngemikhakha yazo yonke nezinye izinhlangano njengamasonto nezemidlalo.

