Ama-akhawunti asebhange awanele ukufukula abantu ngokomnotho – iFNB
WUSLINDILE KHANYILE
Ebika eseGoli
SESIDLULILE isikhathi sokuthi imboni yezimali izigqaje ngokuthi sikhulu kangakanani isibalo sabantu abanama-akhawunti asebhange nokuthi ithathe loko ngokuthi kusho ukuthi wonke umuntu ubamba iqhaza emnothweni.
Osekufuneka manje wukuthi abantu babone umvuzo wokusebenzisana nebhange futhi bahlomule nangezinye izinto ezifana nokukwazi ukuboleka imali, ukukhokhela izidingo zabo nokuthumela imali ngendlela elula.
Sisho kanje isikhulu esiphezulu seFNB Personal Segment uNks uLytania Johnson ngesikhathi sichaza ukuthi kungani sebethule izinto ezintsha kwi-ewallet, indlela yaleli bhange yokuthumela abantu imali ngisho bengenawo ama-akhawunti asebhange.
“Ukubamba iqhaza emnothweni akusapheleli ekubeni ne-akhawunti kuphela, kwakuyisiqalo leso. Abantu abawu-84% sebenama-akhawunti asebhange, isibalo esinyukile sisuka ku-52% ngo-2003 kodwa abantu abangaphezu kwango-70% kwabahola izibonelelo zikahulumeni bayayikhipha yonke imali kuma-akhawunti abo.
“Siyizwe elisebenzisa amaselula kakhulu kodwa izindlela ezijwayelekile zamabhange bezingafinyeleli lapho abantu bekhona. Akusafanele uma sikhuluma ngabantu nendlela esibabheka ngayo indaba iphelele ekutheni bahola malini. Abantu abadayisa emgwaqweni nabantu abangenelwa yimali ngezikhathi ezithile kuphela abadingi imicikilisho, badinga izindlela ezilula zokwenza izinto,” kusho yena.
I-FNB imemezele izolo ukuthi i-ewallet isingathunyelwa nge-WhatsApp futhi akusadingeki ukuthi ubeyikhasimende laleli bhange, awusadingi ukuyikhipha imali, ungakhokhela izikweletu zakho, uthenge ugesi, i-airtime, i-data futhi usuzokwazi nokuboleka imali kusukela kuR50 kuye kuR500. Imali usuzokwazi ukuyikhipha nasezitolo ezifana neShoprite, uPEP, u-Ackermans nezinye zaseSpar nakumaspaza athile asebenzisana naleli bhange.
Ecaphuna izibalo ezakhishwa yiBhange loMhlaba ngo-2023, uNks uJohnson uthe eNingizimu Afrika bawu-19 million abantu abanama-akhawunti asebhange kodwa abangazitholi ezinye izinto eziyimihlomulo embonini yezimali.
I-ewallet yethulwa ngo-2009 kanti kusukela ngaleso sikhathi, wu-R43 billion imali esikhishwe izikhawu eziwu-68m ngabantu abangu-8m. Kulaba bantu abawu-8 million, bawu-6.8 million abahlale bethumela imali ngale ndlela kanti kubona bawu-2million abangamakhasimende aseFNB.
“Loko kusho ukuthi kunabantu cishe abawu-4.8 million abangabangamakhasimende ethu. Kukhulu ukuncintisana, izitolo nezinkampani zezingcingo nazo ziyangenisa kodwa indaba ayikho ngokuthola amakhasimende amasha kuphela futhi abantu baseNingizimu Afrika bayaziwa ngokubanama-akhawunti namabhange ahlukene.
“Sikhona sona isibalo samakhasimende amasha esisifisayo, yize ngingeke ngisisho kodwa into enkulu kakhulu esiyifisayo wukuthi la makhasimende akhule agcine nawo esonga imali, ayitshale, abenomshwalense futhi akwazi ukubamba iqhaza ezintweni ezifana nokuba nezabelo ezinkampanini ezihweba kwiJohannesburg Stock Exchange,” kuchaza uNks uJohnson.
Labo abasancamela le ndlela endala ye-ewallet, esebenzisa i-USSD basazokwazi ukuqhubeka nayo. Isikhulu esiphezulu sezokukhangisa eFNB uNks uFaye Mfikwe uthe okubalulekile kubo wukwenza lezo zinto ezidingwa ngamakhasimende abo.

UNks uMfikwe uthi inhloso yabo wukuthi onke amakhasimende abo abe nesikhunzi
“Sikholelwa kakhulu ekushintsheni umphakathi esiwusebenzelayo nokuxazulula izinto eziwuhluphayo. Ngesikhathi sithula i-ewallet ngo-2009 sasazi ukuthi izoxazulula ini ngaleso sikhathi. Okwethu wukuya lapho ikhasimende likhona, kumanje sesiyacabanga ukuthi yini enye elizoyidinga ukuze siqale sikwakhe lokho,” kusho yena.

