Usomnotho waseFNB uMnu uThanda Sithole uthi ukukhula komnotho noma okungakanani yinto enhle. Isithombe: Sithunyelwe

Ukukhula komnotho wezwe kudinga ukushayelwa izandla – izingqapheli

WUBONISWA MOHALE

NAKUBA umnotho waseNingizimu Afrika ukhule ngo-1.1% ngonyaka odlule, noko loku akufiki neze ku-1.3% obulindelekile. 

Usomnotho waseFNB uMnu uThanda Sithole uthe ngonyaka odlule bebelindele ukuthi umnotho ukhule ngo-1.3% ngenxa yezinguquko ezenziwe wuhulumeni nemboni ezimele emnothweni kodwa ukhule ngo-1.1% kuphela. Loku uthe akukubi kakhulu kodwa kunezimboni okufanele zihlale zibhekiwe.

USithole usho kanje emva kokuthi iStatistics South Africa izolo ikhiphe izibalo zokukhula komnotho ngo-0.4% ngekota yokugcina yonyaka odlule. Ithe umnotho ukhule kancane njengoba uma ibuka izibalo zayo zonyaka zikhombisa ukuthi ukhula ngo-0.8% unyaka nonyaka. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/03/11/iningizimu-afrika-kufanele-iqinise-kumathuba-akhona-kwezolimo-ezweni-naphesheya-kuloba-ujabulani-sikhakhane/ 

“Umnotho uloku uqhubeka nokukhula futhi imboni ezimele iyikhuphulile indlela etshala imali ngayo. Sibone nabantu emakhaya ukuthi bayaqhubeka nokuthenga. Izimboni eziningi okukhona eyamabhizinisi, eyezimbali, eyomshwalense, izimpesheni neyezakhiwo zikhulile. Imboni engakhulanga kahle eyolimo,” kusho yena.

USithole uthe balindele ukuthi kulo nyaka umnotho ukhule ngaphezu kwango-1% bese ukhula ngo-2.0% ngo-2028 ngenxa yezinguquko ezinhle ezenzeka ezweni. 

Ubalule ukuthi yize enethemba lokukhula komnotho kodwa kunezimo ezizophazamisa ukukhula komnotho, abalule kuzona impi eqalwe yiMelika ne-Israel abahlasele i-Iran.

Isazi somnotho esizimele uSolwazi uBonke Dumisa sikuthakasele ukukhula komnotho ngo-0.4% ngekota yokugcina yonyaka odlule. 


“Kuyathokozisa ukuthi umnotho ukhule ngo-1.1% ngo-2025 nokuthi ngisho ngekota yokugcina ubuqhubeka nokukhula. Lena yinto esayigcina kudala ngoba kule minyaka embalwa edlule bese sijwayele ukubona umnotho wethu ungakhuli kahle, nobekwenza sisabe ukuthi uzofadabala, (yingakho) sikuthakasela ukukhula komnotho ngonyaka odlule futhi kusinika ithemba lokuthi uzokhula nakulo nyaka,” kusho yena.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page