Isikhulu esiphezulu seFNB Business uMnu uGhana Msibi sithi izinto ezintsha abazethulile kwi-speedpoint bazenze ukulwa nokungalingani eNingizimu Afrika. Izithombe: wuCharmaine Mncwabe

Izindlela zobuchwepheshe zokukhokha azilwe nokungalingani ezweni – iFNB

WUSLINDILE KHANYILE

Ebika eseGoli

UKULINDA uhulumeni ukuthi uxazulule zonke izingqinamba ezenza ukuthi inqwaba yabantu ingawatholi amathuba alethwa wubuchwepheshe nenza impilo ibelula, kuzoqhuba ukungalingani eNingizimu Afrika. 

Sisho kanje isikhulu seFNB Business uMnu Ghana Msibi ngesikhathi leli bhange lethula izinto ezintsha eliphucula ngazo izindlela abantu abakhokha ngazo ukusiza osomabhizinisi abancane nabantu abasaphoqeka ukuthi basebenzise ukheshi kunezindlela zokukhokha zesimanje.

Exoxa noMbele emva kwalo mcimbi, uMsibi uthe kubuye kubelula ukucabanga ukuthi wonke umuntu, ikakhulu abasemalokishini nasezindaweni zasemakhaya nabo bathola amathuba njengabantu abasemadolobheni amakhulu.  

“INingizimu Afrika yizwe lapho ukungalingani kuphezulu kakhulu khona… kufanele sizibuze ukuthi wubani esimsizayo. Kungabe sisiza umuntu oseSandton kuphela noma senzela nogogo oseMtubatuba? 

“Uma sizolinda ukuthi yonke into ihambe kahle, silinde bani? Singawulinda uhulumeni nokuzobambezela isikhathi okusithathayo ukwenza izinto, yingakho sikwenza umsebenzi wethu ukufaka izinto ezifana ne-Wi-Fi kwezinye izindawo,” kusho yena.

UMsibi, onezinyanga eziyisikhombisa kulesi sikhundla njengoba ngaphambi kwaso ebephethe esokuba yisikhulu esiphezulu seWesbank, uthe sebenqume nokuxazulula inkinga yokushoda komoya wokudonsa i-internet kwezinye izindawo ngoba abanye abantu bagcina bengakhokhanga ngezindlela ezisebenzisa ubuchwepheshe ngoba beswele i-Wi-Fi

Izindawo abaqala ngazo ziKwaZulu-Natali, eNorth West naseMpumalanga Kapa, nokho akaphumelanga obala ngokuthi yimalini abayisebenzisayo ngalo mkhankaso. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/02/26/osomabhizinisi-abancane-bazohlomula-ngosizo-lwentela/

Lobu buchwepheshe obuhambisana nomshini wokukhokha i-speedpoint osuphuculiwe ozosiza osomabhizinisi abancane ukuthi bakwazi nokubhala phansi isitoko sabo, okuzokwenza ukuthi babone uma sekukhona nezinto ezishodayo. 

Leli bhange lithe futhi osomabhizinisi bazokonga isikhathi njengoba sekuzobalula ukubala ukuthi bangenise malini uma sebeqede umsebenzi wosuku.  

UMsibi uvumile ukuthi esinye isizathu kubalulekile ukutshala imali ekwandiseni isibalo sabantu abangakhokha ngobuchwepheshe besimanje yingoba yiyona ndlela yokuthi bakhule beyibhange. Mlalele enaba ngezansi. 

Isikhulu esiphezulu seFNB Merchant Services uMnu uJohn uMlangeni uthe uma beqhamuka nezinto ezizosiza osomabhizinisi abancane kufanele bakhumbule ukuthi ukuphambuka kwabo okuncane kungalilimaza kakhulu ibhizinisi elincane. 

Uthe: “Ukubakhona kwemali ibhizinisi elikwazi ukuqhuba umsebenzi ngayo yinto emqoka. Kufanele siqinisekise ukuthi uma siqhamuka nezisombululo kubeyizisombululo ezingeke zihluphe osomabhizinisi abancane. Uma umuntu ethi uyakhokha bese kutholakala ukuthi umshini awusebenzi, lisuke selimphunyukile lelo khasimende futhi kungenzeka angabe esalithola.”

I-product head eFNB Personal Core Banking uMnu u-Ebert Strydom ithe amakhasimende abo amaningi asebenzisa lezi zindlela zesimanje zokukhokha aneminyaka engaphansi kwewu-30. Unanele ukuthi ziyafuneka izindlela ezihlukene zokwenza wonke umuntu akwazi ukubamba iqhaza ngenxa yokungalingani ezweni.  

“Kumaspaza kusasetshenziswa ukheshi kakhulu. Kodwa siyazi ukuthi lapho kunengqalasizinda futhi amandla uyakwazi ukwenza abantu bakuthembe,” kusho yena. 

I-senior director ye-Merchant Sales & Acquiring eVisa Sub-saharan Africa uMnu uLenny Kunga uthe akusho lutho ukubanezigidi zemishini namakhadi kodwa kungena muntu okusebenzisayo. 

UKunga uthi mkhulu umsebenzi wokufundisa abathengi 

Uthe kunomsebenzi omkhulu okufanele bawenze wokufundisa amakhasimende ngobuhle bokusebenzisa lezi zindlela zokukhokha. 

“Abantu abawu-80% unawo ama-akhawunti asebhange. Kodwa sidinga ukuthi emalokishini nasezindaweni zasemakhaya abantu bakwazi ukusebenzisa lezi zindlela zokukhokha eziphephile futhi bonge imali yokugibela. 

“Inselelo ayikho nje kubathengi kuphela kodwa nakosomabhizinisi, yingakho kufanele sibafundise ngobuhle balokhu,” kusho yena.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page