Kudingeka umnyakazo ophuthumayo embonini yezimoto, kuloba uBusi Mavuso
KUNEZINQUMO ezimqoka kakhulu okufanele uhulumeni uzenze ngemboni yezimoto, okungenye yezinto eziyisisekelo sezimboni zethu. Ikusasa layo liyacikizela ngenxa yezimoto ezishibhile eziqhamuka kwamanye amazwe.
Ngesonto elidlule isikhulu esiphezulu seBMW South Africa uMnu uPeter van Binsbergen sithe ezimotweni ezintathu ezidayiswayo iyodwa ekhiqizwa eNingizimu Afrika.
Eminyakeni ewu-25 edlule zingaphezu kweziwu-80% izimoto ebezikhiqizwa ezweni. Umkhiqizo umi ndawonye ngenxa yokubangaphansi kwezinga okwakuyilo ngaphambi kweCovid-19, okwakuyizimoto eziwu-640 000 ngonyaka.
Ngisho kwezikhiqizwayo kunciphe kakhulu okusetshenziswa kuzona okwenziwe lapha ezweni njengoba iNational Association of Automotive Component and Allied Manufacturers ibike ukuthi kwehle ngo-1.1 percentage points ngonyaka eminyakeni ewu-25 edlule.
Imboni yezinto ezifakwa ezimotweni yiyona eshayeke kakhulu. I-Naacam ibike ukuthi bawu-13 abakhiqizi bezinsimbi ezifakwa ezimotweni abawile eminyakeni emithathu edlule kanti kukhona nabanye okulindeleke ukuthi bavale kulo nyaka.
Ukuwa kwezokukhiqiza akuqedi imisebenzi kuphela kodwa kusho nokushabalala kwamakhono nabantu abakwazi ukwenza umsebenzi, okuthathe iminyaka ukuwacija.
Amazwe aseYurophu okuyiwona esiwadayisela kakhulu ashintsha izinto mawala njengoba eseshintshela ezimotweni ezisebenza ngogesi. INingizimu Afrika ayikho esimweni sokumelana naloko njengoba nomgomo ungacacile futhi izinto zisatotoba uma kukhulunywa ngezimoto ezisebenza ngogesi, okubambezela abantu abafisa ukutshala imali kuloku.
Kwenzeka loku nje imboni ibhekene nokwanda kwezimoto ezishibhile eziqhamuka eChina. Lezi zimoto seziwu-22% wezimoto ezithengwa kwamanye amazwe, zidayiswa ngamanani abulala abakhiqizi basezweni okulekelelwa wusizo abakhiqizi abalutholayo olubakhuthaza ukuthi bakhiqize eChina.
Uhulumeni usuqalile ukubheka ukuthi ungayisebenzisa kanjani intela ukuxazulula le nkinga kodwa asikho isinqumo esesithathiwe. Intela ewu-25% ekhokhiswa izimoto ezithengwa kwamanye amazwe seziphelele kungenzeka iphindwe kabili, okuzobe kusahambisana nemithetho yeWorld Trade Organization.
Nokho abakhiqizi balapha ezweni bathe ukunyusa intela noma yikanjani kungenzeka kubalimaze njengoba kukhona lapho befaka khona isandla ekukhiqizweni kwezinye izimoto futhi kukhona abazithenga kwamanye amazwe ukuphothula izimoto abakwazi ukuzidayisa. Le nselelo idinga umgomo onobuchule hhayi nje ukunyusa intela noma yikanjani.
Isimo sepolitiki emhlabeni senza izinto zibenzima. Njengoba iMelika ingasahwebelani namanye amazwe ngendlela ejwayelekile, ukwakha ubudlelwane namanye amazwe sekubaluleke kakhulu.
I-China iyizwe elibalulekile ukuthi kuhwetshelwane nalo futhi ingaletha abatshalimali. Nokho kufanele sikhumbule okubalulekile kithina, umnotho wethu nokukwazi ukuqasha abantu. Yiyona kuphela indlela yokuhlola ukuthi umgomo usebenza kanjani.
Ukukwazi ukusebenzisana neChina kufanele kweseke lezi zinjongo, hhayi ukuziphazamisa. Kufanele seseke abakhiqizi baseChina ukuthi bakhiqize eNingizimu Afrika njengoba kwenzeka ngeChery ethenge ifemu yeNissan eRosslyn, ePitoli, okuzosho ukuthi umkhiqizo uzoqhubeka ezweni kuphinde kuhlenge nemisebenzi futhi kungenzeka kwande umkhiqizo.
Ngesonto elidlule ePhalamende iphini likangqongqoshe wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana uMnu uZuko Godlimpi litshengise ukuthi lizinakile lezi zinto, lathi kumqoka “ukuvikela” ukuthi imboni yezimoto iqhubeke isungule imisebenzi ngesikhathi ilungiselela ukukhiqiza izimoto zikagesi.
Amabhizinisi nezinyunyana bayavumelana ngale njongo njengoba abaholi bezinyunyana beshilo ngesonto elidlule ukuthi kubalulekile ukuvikela imisebenzi ekuncintisaneni okungasebenzi ngendlela.
Manje sidinga umnyakazo osheshayo. Uhulumeni kufanele uphothule umgomo wokukhiqiza izimoto ezisebenza ngogesi ukuze abakhiqizi bezwe bezokwazi ukwenza lezi zimoto.
Umgomo wentela nawo kufanele ubuyekezwe ukuvikela abakhiqizi basezweni kodwa futhi ungoneli izinto labo abahlanganisa izimoto ezweni. Imizamo yokulwa nokuthi izimoto zaseChina ezishibhile zingavele nje zithi chithi saka ibalulekile, akufanele lezi zinqumo zilinde kuze kuwe amafemu.
UmNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana usushicilele isiphakamiso sokuqala sezichibiyelo okufanele zenziwe maqondana nokuthi yimali engakanani okufanele kubikelwe iKhomishini yokuNcintisana futhi loku yinto okufanele inconywe.
Ezokuncintisana zinemidanti eminingi okwamanje emnothweni wethu futhi zinyusa izindleko kubantu abafisa ukutshala imali.
Inani eliholela ekutheni kubikelwe iziphathimandla uma izinkampani zihlangana eliholela ekutheni kudingeke imvume kwiziphathimandla lagcina ukubuyekezwa eminyakeni eyisishiyagalolunye edlule.
UmNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana usuphakamise ukulinyusa leli nani lisuke kuR600 million liye kuR1 billion. Ezinkampanini eziphakathi nendawo leli nani lizokhuphuka lisuka kuR100m liye kuR175m, kuthi elezikhondlakhondla lizosuka kuR6.6bn, liye kuR9.5bn uma zihlangana bese kuthi elinye lisuke kuR190m liye kuR280m.
Ushintsho emabhizinisini aphakathi nendawo yinto enhle njengoba kuzokwenza kube lula ukuthi amabhizinisi amancane ahehe abatshalimali. Lolu olunye ushintsho lubheke nokuthi ashintshe kanjani amandla emali kule minyaka eyisishiyagalolunye edlule. Lokhu kufanele kunciphise imidanti ezinhlelweni zamabhizinisi ezingazithinti ezokuncintisana kangako.
Ukuthola imvume kubalawuli bokuncintisana ngenye yezinto esidalele abatshalimali izindleko ezinkulu njengoba kunzima ukwazi ukuthi yini enye ezodingeka ngesikhathi kwenziwa lokhu. Abatshalimali baphesheya sebengitshele kaningi ukuthi loku kungazi ukuthi kuzokwenzekani yinto ebathena amandla kakhulu nokubenza bancamele amanye amazwe asathuthuka lapho kucace kahle ukuthi yimiphi imigudu okufanele ilandelwe ukuthola imvume kubantu abalawula ukuncintisana.
I-Business Leadership South Africa (iBLSA) izokwenza izethulo zayo zokweseka la manani amasha futhi iphakamise ezinye izinguquko ukuphucula indlela izinto ezenziwa ngayo nokuthi kubelula ukwazi ukuthi yini edingekayo ukuze isicelo siphasiswe ngabaqapha ukuncintisana.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/12/10/ibhodi-ememezele-inzuzo-yase-eskom-ifike-umsebenzi-omningi-usuwenziwe-kuloba-uzakhele-madela/
Abafundi bayazi ukuthi iBLSA izibophezele ukuletha izinguquko ezeseka ukusebenza kwamabhizinisi. Njengokuhambisana nokuzibophezela sisungule i-BLSA Reform Tracker ebheka ukuthi sekukhathulwe indima engakanani ezinguqukweni eziwu-200 ezenziwayo kanti umphakathi ungakwazi ukubona ukuthi umsebenzi uqhubeka kanjani ngokungena kuleli ziko lamahhala ku:https://tracker.blsa.org.za/
Kusasa (ngoLwesine) sizokwethula umbiko wekota yesibili obuyekeza lo msebenzi. Lo mbiko uzotshengisa ukuthi muhle umsebenzi osuwenziwe ikakhulu kwezokuthutha, lapho umsebenzi wokubambisana nemboni ezimele ekulawuleni izitimela namachweba uqhubeka kahle kakhulu.
Okukhathazayo wukuthi izinto zibukeka zihlehla embonini kagesi. Kubukeka sengathi njengoba isinqontshiwe impi yokushoda kukagesi kodwa sekukhona abantu abangasayizwa kahle eyezinguquko.
Ngesonto elidlule i-Operation Vulindlela ishicilele umbiko wayo wekota mayelana nezinguquko kanti lo mbiko uveze ukuthi izinguquko embonini kagesi zibhekene “nenselelo enkulu”.
Nokho okuhle wukuthi lo mbiko uthi cishe uhhafu wezinguquko uhamba kahle kanti ezinye eziwu-40% ziyenzeka yize kunokubambezeleka kancane nakuba indima enkulu isikhathulwe kwezokuthutha nakuma-visa.


