Ungakuthathi kancane ukuthula emoyeni nokuphumuza umqondo, nako kumqoka ukuze uphumelele ebhizinisini, kuloba uNtokozo Biyela
NAMUHLA akesibheke ukuthi uwumholi onjani. Ngike ngafunda enye incwadi ekhuluma ngezinhlobo zobuholi. Emasontweni adlule ngike ngathinta indaba yobuholi kodwa ngigxile kakhulu kwezamabhizinisi. Namahlanje ngithanda sibheke ubuholi bakho jikelele.
Le ncwadi ithe ukungivula umqondo kancane, yenza ngazinuka amakhwapha njengomholi emndenini wami, emabhizinisini, emphakathini nasenkonzweni engikhonza kuyona. Le ncwadi iveza ngokusobala ukuthi uma unomndeni uganile noma uganiwe, ubuholi bakho obukhombisa emabhizinisini noma emphakathini ezikhundleni obekwe kuzona kufanele bubonakale nangendlela ohola ngayo umndeni wakho.
Loku kusho ukuthi uma kuwukuthi ubuholi bakho buhle kakhulu ngaphandle kodwa hhayi ekhaya kwakho, lobo buholi bakho abuphelele. Ngeke uhole kahle enkampanini osebenza kuyo noma yakho kodwa izinto zibe mapeketwane kwakho. Udinga ukubuyekeza ubuholi bakho ngoba kukhona lapho buntengantenga khona.
Loku akusho nje kuphela ngokuhola umndeni wakho, kukhombisa nesimo sokucabanga noma somqondo wakho ukuthi sikuphi njengomholi. Ukukhululeka emqondweni kusho lukhulu ekuholeni obaholayo. Abantu abaningi baphazamisekile emqondweni ngenxa yokungatholi ukuphumula. Emsebenzini banengcindezi kanti nasekhaya futhi banenye ingcindezi. Loku kwenza ukuthi umuntu azithole esephethwe wukhwantalala.
Kubalulekile ukuthi umqondo wakho uphumule ukuze ukwazi ukuhola ngempumelelo. Yingakho kubalulekile futhi ukuthi uhole umndeni wakho ngempumelelo futhi nasebhizinisini lakho uhole labo obaphetheyo ngempumelelo. Mina nje ngathatha isinqumo sokuthi ngihole umndeni wami njengoba ngihola emabhizinisini. Kunezinhlaka ezibekiwe nemibandela ebekiwe ukuthi ubani ubamba liphi iqhaza. Ngakhetha ukuphuma ekujaheni izingane ngizilandela ngokuthi yini eziyenzile, yini ezingayenzanga.
Njengoba neBhayibheli lisho lithi omkethu ngabasizi bethu, ngakhetha ukuthi sivumelane nomkami ukuthi wuyena ozobheka ukuthi yonke into yasekhaya edinga ukwenziwa yenziwe nokuthi yonke imisebenzi abantwana okufanele bayenze iyenzeka. Mina okwami wukuthi ngikhulume naye, yena bese engazisa ukuthi izinto zihamba kanjani. Ngingenelela kuphela lapho izinto seziphuma esandleni, ngingene ngikhombise ubuholi ukuze izinto zingonakali.
Iyona ndlela engiyisebenzisayo ngisho nasemsebenzini. Ukunikeza labo engisebenzisana nabo amagunya okuthi benze okufanele bakwenze njengoba inqubomgomo yebhizinisi isho, mina okwami wukwaziswa nje ukuthi isimo sihamba kanjani kuloko esisuke sikwenza. Ngisebenzisa leyo ndlela ngisho nasezinhlakeni zokuhola engikuzo emphakathini nasenkonzweni. Ngiye ngisebenze nesigungu, sona esisebenza nesigungu esincane okuyisona esenza umsebenzi ezinhlakeni ezahlukene zenhlangano.
Loku kuyangisiza ngiphumuze umqondo ngingazitholi senginengcindezi noma sengiba nokhwantalala. Yiningi ingcindezi abantu abazisebenzayo ababhekene nayo kodwa-ke imvamisa kwabaningi idalwa wukungakwazi ukuhlela izinto ngononina. Iningi libamba liyayeka, wena owabona ikhehla lichatha uhlanya.
Akukuhle ukuthi ube wumholi obatshazwa umhlaba wonke ngobuholi bakhe obumangalisayo kodwa ube uhluleka wukuhola ingcosana abantu uNkulunkulu akunikeze yona njengomndeni wakho ukuthi ubahole. Uma kuwukuthi uyinhlobo yalowo mholi kubalulekile ukuthi kusukela manje uzinuke amakhwapha, ushintshe indlela ohola ngayo nasekhaya.
IBhayibheli lithi: “Kusizani ukuzuza umhlaba wonke kodwa ulahlekelwe yimpilo yakho?” Nami ngibuza lowo mbuzo ukuthi kusizani ukuthi uzuze bonke ubukhazikhazi bomhlaba kodwa ulahlekelwe umndeni wakho ngenxa yokuthi impilo yakho yonke imayelana nokuzuza umnotho?
Ake senze kube nokulingana esikalini, senze kuzinze nakwezinye izindawo zempilo yethu, sibe ngabaholi abagcwele kuyo yonke imikhakha yokuhola kwethu. Singafani nezulu lona elishintshashintsha mihla namalanga. Ukuhola ngendlela ehlelekile kuyasiza ekuvikeleni ingcindezi nokukhathala komqondo ngoba noma ngabe ukuphi kwenzakalani kodwa unaso isiqiniseko sokuthi zonke izinto zihamba ngononina.
Ukuthula komqondo nomphefumulo iyona into ebaluleke ngempela uma ufisa ukuphumelela emabhizinisini.
- UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift
Facebook: Ntokozo Mondli Biyela
