Yize inkampani kahulumeni eyakha izakhali nezimoto zempi iDenel isanda kutakulwa wuhulumeni ngoR1.8 billion kodwa isenenkinga yezimali . Isithombe: Sithunyelwe

Isimo sezimali seDenel sidinga uhulumeni usukume ngazo zombili – izinyunyana 

YINTATHELI YOMBELE

IZINYUNYANA zezisebenzi zeDenel zifuna uhulumeni usukumele indaba yenkinga yezimali yale nkampani kahulumeni eyakha izikhali. 

Loku kulandela ukuthi izisebenzi zaDenel Dynamics neDenel PMP zaziswe ukuthi ayikho imali eyanele yokuziholela ngoLwesithathu oludlule. 

Nokho ngemva kokuthi zidlulisele le ncwadi ezinyunyaneni zazo amaholo angenile ngoLwesihlanu. 

I-National Union of Metalworkers of South Africa ithe yize amaholo esekhokhiwe kodwa kuyacaca ukuthi iDenel isenezinkinga zemali.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/06/24/izisebenzi-zedenel-zifuna-ukubongwa-ngo-7/

Unobhala-jikelele weNumsa uMnu u-Irvin Jim ugxeke izikhulu zeDenel ngokuthula isimo sibe sisibi wathi loku kuhlukumeza izisebenzi. 

Uthe iDenel ibinohlelo lokuhlenga ibhizinisi kanti uhulumeni useyinike uR1.8 billion, ngakho kufanele engabe isimo sesibuyele kwesijwayelekile, hhayi ukuthi kuthiwe ayikho imali yokuholela izisebenzi. 

“Kufanele ungqongqoshe womNyango wokuVikela uNkk u-Angie Motshekga nohulumeni wonke balusukumele udaba lwaseDenel, Ukuthi asekhokhiwe amaholo akusho ukuthi isimo sesibuyele kwesijwayelekile. Njengoba izikhulu zibhalele izisebenzi incwadi ngokuthi ayikho imali yamaholo kuyacaca ukuthi kunenkinga okufanele ixazululwe ngokushesha,” kusho yena. 

Okhulumela umfelandawonye wezinyunyana iCongress of South African Trade Unions uMnu uMatthew Parks uthe bayakuthakasela ukuthi izisebenzi zaseDenel ziholile kodwa kuyacaca ukuthi kunenkinga kule nkampani. 

Ukhale ngokuthi izisebenzi zeDenel bezithwele kanzima ngesikhathi sokugwamandwa kwamandla ombuso njengoba kwaphela izinyanga eziwu-18 zingaholile. 

“Asifuni ukubona leso simo sibuya. Siyacela nje uhulumeni usukume ngoba iDenel inama-oda okwenza izikhali avela kwamanye amazwe, iyakwazi ukwenza inzuzo uma isebenza kahle,” kusho yena.

Inyunyana emele ikakhulu amaBhunu iSolidarity ithe izisebenzi bezingeke zihole ukube ayizange isukume emva kokuthola incwadi ebibika izaba ngamaholo.

Umdidiyeli weSolidarity uMnu uDerek Mans uthe: “Sesiqalile ukuqinisekisa ukuthi izinkinga zamaholo azenzeki eDenel. Sifuna izisebenzi zihole nyanga zonke futhi uhulumeni usukume ungalindi emathonsi abanzi.“

Abakhulumela iDenel abatholakalanga ukuphawula ngoba bebengaziphenduli izingcingo ngenkathi bethintwa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page