I-Jonsson Workwear Durban Open izokhangisa idolobha laseThekwini emhlabeni wonke
YINTATHELI KAMASIPALA
UMASIPALA waseThekwini uzophinda wenze umdlalo wegalofu wabadlaligalofu basemazweni ehlukene iJonsson Workwear Durban Open ozoba yingxenye yezinhlelo zeSunshine Tour neHotelPlanner Tour ngenyanga ezayo.
Abadlali bazokwabelana ngoR6 million, bazodlalela eDurban Country Club eThekwini, KwaZulu-Natali, kusukela ngomhlaka-19 kuya ngomhlaka-22 kuFebhuwari.
Imenenja kaMasipala waseThekwini uMnu uMusa Mbhele ithe lo mdlalo ubalulekile ngoba kufika nabadlali bamazwe ahlukene futhi uhlanganisa izizwe zonke, nokuyinto abayithandayo.
“Ngaphezu kwaloku unika abatshalimali ithuba lokuzibukela idolobha lethu ngoba imidlalo yegalofu ivamise ukubukwa ngabantu abanemali. Baye bathole ithuba lokutshala imali yabo ezimbonini ezihlukene esinazo. Bayabona nokuthi eThekwini kuhle kanjani,” kusho yena.
Isikhulu esiphezulu esiphinde nosihlalo weJonsson Workwear uMnu uNick Jonsson sithi ukubuya kweJonsson Workwear eThekwini kubalulekile kubona ngoba kulapho ikomkhulu labo beyinkampani likhona.
“Ukubuya kwalo mdlalo eDurban Country Club kusho ukuthi kuzobuya abadlali begalofu bamazwe omhlaba. Siyazi ukuthi eThekwini sidume ngemidlalo ehlukene, ngakho ukusebenzisana noMasipala waseThekwini ukuletha le ndumezulu yomqhudelwano bekubalulekile. Izosiza nabadlali begalofu bezwe ukuthi bakwazi ukungena ohlwini lokuklelisa abadlali begalofu iMallorca Rankings. Loku kuzobavulela ithuba lokudlala nakweminye imincintiswano emikhulu yegalofu,” kusho yena.
Ukhomishana weSunshine Tour uMnu uThomas Abt uthe ukwenza iJonsson Workwear Durban Open neHotelPlanner Tour kusiza ukuphucula izinga labadlali begalofu bakuleli zwe ngoba basuka esigabeni sokudlala ezweni baye ezingeni lomhlaba.
Umpetha weJonsson Workwear Open ngo-2022 uJC Ritchie ukwazile ukungena ukuyodlala esigabeni seDP World Tour ngemva kokunqoba yona.
Kukhuphuke nomunye umdlalo wegalofu uDylan Naidoo owabawumdlali wokuqala omnyama ukuwina umncintiswano wegalofu esigabeni sezwe ngesikhathi iDurban Country Club yenze umcintiswano wegalofu i-2025 Investec South African Open.
Umqondisi weHotelPlanner Tour uMnu uJamie Hodges uthe lo mcintiswano wegalofu uhlanganisa abadlali bezwe nabasezingeni eliphezulu emhlabeni abadlala kwiSunshine Tour kanti bayakuthakasela ukuthi ubuyile nokusebenzisana omasipala

