Uza kahle umsebenzi wokulungisa ipayipi lamanzi
YINTATHELI KAMASIPALA
IMEYA kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba ineme ngokulunga kwepayipi lamanzi elihambisa amalitha awu-30 million ngosuku esuka eHarris Waterworks eya kwizakhamuzi zaseThekwini.
Leli payipi i-53 pipeline elikuWillowton Road eMgungundlovu liqhume ngesonto elidlule. Liholele ekuphazamisekeni kokutholakala kwamanzi ezindaweni eziningi zaseThekwini.
Emva kokuqhuma kwaleli payipi, inkampani kahulumeni edayisela omasipala nezimboni amanzi uMngeni-uThukela Water isukumele phezulu yayolilungisa. UXaba unikele khona wahlola umsebenzi wokulungisa leli payipi.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/08/13/itheku-lizophucula-ingqalasizinda-yekomkhulu-letoyota-ngor450-million/
UXaba uthe indlela uMngeni-uThukela Water osukume ngayo ukulungisa leli payipi iqinisekise ukuthi lilunge ngokushesha ukuze izakhamuzi zaseThekwini zizothola amanzi.
Uxolisile kwizakhamuzi zaseThekwini ngokuphazamiseka kwamazi eziwathola njalo ngosuku ngenxa yokuqhuma kwepayipi.
Uma kunezimo ezifuze lesi uXaba uthe umasipala unezinhlelo zokuqinisekisa ukuthi izakhamuzi ziyawathola amanzi ngokuwahlela ngendlela efanele. Ubale ukuvula nokuvala ama-valve athile abalulekile eWestern Aqueduct, okuqinisekisa ukuthi izindawo ezisentshonalanga yaseThekwini zithola amanzi.
Umasipala uthumela namaloli amanzi emiphakathini esuke ingenawo. Izindawo okuphazamiseke amanzi kuzo ngenxa yokuqhuma kwe-53 pipeline entshonalanga yaseThekwini yiBotha’s Hill, i-Alverstone, Intshanga, iDrummond, i-Assagay, iNtshongweni, iWestown, iSummerveld, iCliffdale, iBucks Farm neShongweni Valley.
Aphazamisekile naseHillcrest, eWaterfall, eForest Hills, eMolweni, eKloof, eStockville Road, eGillitts, eNew Germany, eWyebank, KwaDabeka, ePadfield Park, eWestmead emizini, eWestmead emafemini, eMariannhill, eMarian Heights, eNagina, eTshelimnyama, eMpola, eMadiba Valley, eNsizwakazi, eDambuza Sithunda, eDassenhoek, eThornwood, eSithundu Hills, eMasenseni naKwaNdengezi.
Enyakatho yaseThekwini izindawo eziphazamisekile yiseNtuzuma kwa-E naseNanda.
Ukuthola eminye imininingwane ngamanzi umphakathi ungenza i-download ye-app kaMasipala waseThekwini ukuze ufake izikhalo uma ungenamanzi noma uthumele izikhalo ngokusebenzisa uWhatsApp ku-073 1483 477. Ungashayela nenamba yamahhala kamasipala ethi 080 311 1111 noma uthumele i-email ku-Eservices@durban.gov.za.

