Kubalulekile ukulungisa ingqalasizinda yamanzi okwenziwa yiRand Water, kusho umbhali wengosi. Lapha umengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa wayechazelwa ngomsebenzi owenziwayo. Isithombe: Sithunyelwe

Sisethubeni lokuqala kahle ekade sakugcina ngezinto eziseqhulwini ezintathu, kuloba uBusi Mavuso

ININGIZIMU Afrika iqala u-2026 ngamanani ezimpahla zomkhiqizo aphezulu, ugesi ongacimi, isimo sezimali esizinzile nemalimboleko ephansi, okudala isisekelo esiqinile somnotho kule minyakeni eyishumi edlule.

Inqubekelaphambili ezidingweni eziseqhulwini ezintathu izocacisa ukuthi lo mgqigqo uzokhulisa umnotho ngaphezu kwango-2%, okuzoguqula ezokuthutha ngamaguzu nokuphatha amachweba kahulumeni yizinkampani ezizimele, ukuphucula ukuletha izidingo kohulumeni bendawo nokuqinisa ukusebenza kwezomthetho.

Lezi zidingo eziseqhulwini zihambisana nesimo sokutshala emnothweni. Ezokuthutha ezithembekile zenza ukuthi kube nokuqhubelana okuhle namazwe aphesheya, omasipala abasebenza kahle bahlinzeka ingqalasizinda emqoka nezomthetho ezisebenza kahle zivikela amalungelo obunikazi bezimpahla futhi ziqinise izivumelwano ezisayiniwe.

Indlela yokubambisana kwamabhizinisi nohulumeni eqede ukucisha kukagesi kufanele isetshenziswe kwezokuthutha, kuhulumeni wasekhaya nokuguqula ezomthetho ukukhuthaza ukusimama komnotho weNingizimu Afrika. 

Siqala u-2026 amanani ezimpahla zokukhiqiza ephezulu, imakethe yamasheya isimeme, kuhamba kahle ngogesi, imalimboleko iphansi, izimali zikahulumeni zimi kahle nezomthetho zibangcono kancane, kancane. Zonke lezi zinto ezinhle, zihlangene nesimo sombusazwe esihle kuHulumeni woBambiswano eZweni, kufanele kuqinise ukunyuka kwethemba ekutshaleni imali emnothweni nokuhamba kahle kwezinto emnothweni. 

Nokho ukugqugquzela ukukhula komnotho, kunezindawo ezimqoka ezintathu lapho kufanele sibone inqubekelaphambili khona kulo nyaka. Lezo zinto yingqalasizinda yezokuthutha, ukuhlinzeka izidingo kukahulumeni wasekhaya nokusebenza kahle kwezomthetho.

Impumelelo kulezi zindawo izokwenza iNingizimu Afrika igcine ikwazile ukukhulisa umnotho ngaphezu kwango-2%, into osekuphele iminyaka eyishumi isihlula.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/12/17/lo-nyaka-ubeke-isisekelo-esihle-sokukhulisa-umnotho-kuloba-ubusi-mavuso/

Okokuqala, ngifisa ukubona amaguzu okuqala alawulwa wosomabhizinisi abazimele egijima kojantshi bethu kulo nyaka. Izinkampani ezizimele eziwu-11 seziqokiwe ukusebenza emizileni ewu-41 emigudwini eyisithupha, okwenza indlela yokwandisa amandla okusebenza nokuthembeka kwezitimela zethu.

I-Transnet nezinkampani ezizimele basezingxoxweni zokuhweba ukuphothula izivumelwano zeminyaka efinyelela kweyishumi. Imisebenzi yokuqala kufanele iqale ngesigamu sesibili salo nyaka.  Loku kuzodala ukuthembeka okudingwa yizinkampani zezimayini, abalimi abadayisa umkhiqizo phesheya nabakhiqizi ukuze bazinikele ukusimama.

Ukulawula amachweba kwezinkampani ezizimele kukhombisa umgqigqo ofanayo. NgoDisemba iTransnet iphothule ukunikela ichweba lokuqala enkampanini ezimele iContainer Terminal Pier 2 eseThekwini, ezophathwa yisikhondlakhondla senkampani yamachweba yasePhilippines i-International Container Terminal Services iminyaka ewu-25 ezayo. 

Leli chweba limumatha umthamo wezimpahla zaseNingizimu Afrika ongaphezu kwango-40%, ngakho ukutshala ekusebenzeni kwalo kungabanomphumela omkhulu. Kusayinwe isivumelwano esifanayo nechweba lwezinto eziwuketshezi  eliseCape Town iFFS Tank Terminals. Ukudlulisela amachweba kahulumeni ezinkampanini ezizimele kufanele kudale ukuqhudelana okuhle phakathi kwamachweba ukuze kuphucuke umsebenzi ngenkathi izinkampani zamaguzu ziqhudelana ukuthuthela izimpahla emachwebeni kahle nangendlela engabizi.

Le nqubekelaphambili kufanele ishintshe izinto endleleni yezokuthutha uma kuqhathaniswa nesikuzuzile ngogesi eminyakeni emihlanu edlule. Sidinga ukubona amachweba aseNingizimu Afrika ekhuphuka ekuklelisweni nawakwamanye amazwe ngenkathi kuncishiswa izindleko zokuthuthela izimpahla ezimakethe.

Indlela yezokuthutha eguqukile izodala umdlandla ekutshaleni imali uma amabhizinisi esazi ukuthi angathutha izinto zokukhiqiza nezidayiswayo ngokuthembeka; ngoba ukutshala obekukuncane kudala kuyadlondlobala.

I-Business Leadership South Africa (iBLSA) izoqhubeka nokusebenzisana nohulumeni neTransnet ukubheka izinto ezibambezelayo emsebenzini wokudlulisela amachweba kahulumeni ezinkampanini ezizimele nokuqinisekisa ukuthi lo msebenzi uqhubeka ngokushesha.

Okwesibili, uma siphuthumisa loko kusimama, kufanele silungise ukusebenza kohulumeni bendawo. IGoli, isizinda somnotho wezwe, siwubufakazi bale nkinga. Ngesonto elidlule izindawo eziningi zaseGoli bezingenawo amanzi ngenkathi iRand Water ilungisa ingqalasizinda. Izindawo ezisedolobheni eziningi ngeke zibenamanzi emasontweni amabili ezayo. I-Joburg Water, okuyiyona eletha amanzi ekugcineni, ilahlekelwa amanzi ayikota ngenxa yokuvuza (kwamapayipi nengqalasizinda ethwala amanzi) nokubanendawo engenele yokumumatha umthamo wamanzi odingekayo. Loku kukhombisa amashumi eminyaka yokuhlehlisa ukwenza umsebenzi wokulungisa ingqalasizinda.

Ngale kwamanzi, izinkinga zijulile. Nakuba i-Eskom nengqalasizinda kagesi yezwe isesimweni esingcono kepha amakhasimende amaningi athembele kugesi osatshalaliswa wumasipala, lapho kubheda izinto khona ngenxa yengqalasizinda enganakekelwa iqhubeka nokuphazamisa amabhizinisi nemizi yabantu. Imigwaqo iyakhahlazeka, amarobhothi ayaqhubeka nokungasebenzi emadolobheni amakhulu kanti ukudonsa ugesi akuqondakali. Zonke lezi zinto zithinta umsebenzi, izindleko zomkhiqizo nokusebenza komnotho.

I-Operation Vulindlela yethula izinhlelo eziqondile kulo nyaka okufanele ziqale ukushintsha izinto. Okumqoka kakhulu wukubiyela imali eqoqwa wumasipala ukuqinisekisa ukuthi imali eqoqwa ngamanzi nogesi isetshenziselwa ukunakekela nokuphucula lezi zinto kunokuxhasa eminye imisebenzi.

Loku kulungisa indlela emqoka yokuphatha lapho khona imali eqoqwa ngogesi namanzi ithathwa njengenyoni enya amasi kunengqalasizinda ehlale idinga ukuthi kutshalwe kuyona. 

I-Operation Vulindlela iseka amandla okwenza umsebenzi ngokuhlangana nongoti bomkhakha ozimele wezingcweti  nonjiniyela bakamasipala, indlela esiyibone isebenza ezinguqukweni zikagesi.

I-BLSA izoqhubeka nokuxhasa le mikhankaso ngabantu abacija abantu namakhono obungcweti uma omasipala bevuma ukusebenzisana.

Ukhetho lomasipala ekupheleni kwalo nyaka luzokwenza ukuthi uhulumeni uphendule ebantwini ngokubhacaza. Abavoti kufanele bafune ukuzibophezela kwabantu okubonakalayo ngokunakekela ingqalasizinda, ukuphatha izimali nokuhambisa izidingo emphakathini; hhayi izithembiso zamaqembu epolitiki nje. Ubuholi obungcono, buhlangene nezinguquko ezinqala ezenziwa yi-Operation Vulindlela, kuzolungisa umonakalo ekugcineni.

Okwesithathu, kufanele sibone ukuphucuka kwezinto okubonakalayo ekusebenzeni kwezomthetho. IKhomishini kaMadlanga isibhale kabanzi ngokuthi amaphoyisa athenwe kangakanani, okukhombisa izinkinga ezisukela ekugxambukeleni kwepolitiki ekuphenyeni kuya 

ekuhlulekeni kokuphatha amacala nobufakazi.

Uma sekugcina kuphume umbiko wokugcina uhulumeni kufanele uwusebenzise ukuklama isisekelo esisha soguquko lwamaphoyisa, ngendlela iHefer Commission eyenza uguquko lweSouth African Revenue Service ngayo noma iKhomishini kaMpati eyasekela ukulungisa iPublic Investment Corporation ngayo. Loku kudinga uthando losopolitiki lokulandela izincomo ezingemnandi ngokususa izikhulu zikahulumeni ezikhohlakele nokuvuselela amandla okuphenya.

Ukuqokwa kuka-Adv Lekgoa Mothibi ukuthi abewumQondisi wokuShushisa umPhakathi eZweni kuqinisa idolo. Njengoba iBLSA ishilo ngesonto elidlule, uMothibi ufika namava okushushisa negama lokuphatha kahle amacala abucayi. Nokho njengoba sike sasho siphindelela, ngisho umuntu ofanele ukubedlula bonke uthwala kanzima uma lungekho uguquko lwesikhungo olufanele. 

UmQondisi wezokuShushisa umPhakathi eZweni kufanele anikwe amandla okuletha uguquko lwangempela ekusebenzeni kwesikhungo sokushushisa ezweni iNational Prosecuting Authority (iNPA). Loku kusho ukwenza lesi sikhungo ukuthi sizimele singabingaphansi komNyango wezokuShushisa, okuzonika umQondisi wezokuShushisa eZweni ekuqashweni kwabantu emazingeni aphezulu nezinqumo ngabasebenzi nokwenza umQondisi wezokuShushisa eZweni umuntu okwazi ukuphendula ngokusebenza kweNPA.

Ngaphandle kwalezi zinguquko ezinqala, sizoqhubeka sibone ukufathuza kokushushisa abantu okubonakale ngamacala okugwamanda amandla kahulumeni. I-BLSA izoqhubeka nokuxhasa ukusebenza kweNPA kodwa amandla okusebenza ngeke alungise isikhungo esingazimele ngendlela edingekayo nesingenagunya.

Lezi zidingo eziseqhulwini ziyizinsika ezixhumene zendawo evumela noma exosha ukutshala imali. Ezokuthutha ezithembekile zivumela amabhizinisi ukuthi akwazi ukuqhudelana ezingeni lamazwe onke, kwandise umkhiqizo namathuba omsebenzi. Uhulumeni wendawo osebenzayo uqinisekisa ukuthi ingqalasizinda nokuthi imisebenzi okudingwa ngamabhizinisi kusebenza ngendlela efanele.

Inqubo yomthetho esebenza ngendlela efanele ivikela amalungelo obunikazi bezimpahla, ivikele izivumelwano ezisayiniwe futhi ibeke isisekelo sokusebenza komthetho okudingwa ngabatshalimali ukuzibophezela isikhathi eside.

Uma abatshalimali, balapha ezweni nabaphesheya, bebuza ukuthi iNingizimu Afrika izokhula nini ngaphezu kwango-2%, basuke bebuza ukuthi siyozixazulula nini lezi zingqinamba. Asikaze sibenomnotho okhula ngaphezu kwango-2% iminyaka ilandelana esikhathini esingaphezu kweminyaka eyishumi. Nokho u-2026 ungabayisikhathi sokuthi sigcwalise lezi zidingo ezimqoka ezintathu.

Izinto ezinhle esiqala unyaka ngazo ziyisisekelo sempumelelo. Manje kudingeka kushe umsebenzi. I-Transnet kufanele idlule ekutheni ukunikela amachweba kahulumeni kubeyizivumelwano kubewumsebenzi, omasipala kufanele balandele ukubiyela imali, bavume ukwesekwa ngamakhono obungcweti bese uhulumeni uthatha izinyathelo ngezincomo zeJaji uMadlanga, unike amandla umQondisi wezokuShushisa umPhakathi eZweni omusha. 

I-BLSA izosebenza nohulumeni ngomfutho namalungu ethu kuyona yomithathu imikhakha. Indlela yokubambisana kwamabhizinisi nohulumeni eqede ukucinywa kukagesi nelethe ingqungquthela iG20 kukhombisile okungenzeka.

Ukusebenzisa amandla afanayo nokubambisana kwezokuthutha, uhulumeni wezindawo nezomthetho kungadlondlobalisa iNingizimu Afrika ngendlela eyidingayo. 

Ngikubheke ngamehlo abomvu ukubika ngenqubekelaphambili ngokuqhubeka konyaka.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page