Ziyaqhubeka izinhlelo zokunqanda amatele eNingizimu Afrika eziholwa wungqongqoshe womNyango wezoLimo uMnu uJohn Steenhuisen. Isithombe: Sithunyelwe

Uhulumeni uzokwehlisa ukubheduka kwamatele ngo-70% – ungqongqoshe

YINTATHELI YOMBELE

UNGQONGQOSHE womNyango wezoLimo eNingizimu Afrika uMnu uJohn Steenhuisen uthi kulo nyaka bazimisele ukuqeda amatele ezweni.

U-Steenhuisen usho loku encwadini yakhe yokuvula unyaka ayibhekise kubalimi kuleli sonto.

“Sicela abalimi nabantu baseNingizimu Afrika behlise amaphaphu ngoba simatasa nezinhlelo zokuqeda amatele. Siqale ngokulanda imithi eBotswana ukuze sigome izinkomo zale mboni engenisa uR80 billion ngonyaka emnothweni wezwe,” kusho yena. 

Uthe izinhlelo zabo zokugoma zizokwehlisa ukubheduka kwamatele ngo-70% ezindaweni ezijwayele ukuhlaselwa yilesi sifo ezinyangeni eziwu-24 kusukela izinkomo zigonyiwe. 

“Sifuna ukugoma u-90% wezinkomo zabafuyi basemakhaya nezisemapulazini afuyela ukudayisa. Izinkomo zobisi sifuna ukuzigoma zonke. Ezindaweni ezisengcupheni yokubheduka kwamatele sizoqala ukugoma ngoFebhuwari, sisebenzisa nemigomo yethu ewu-1 million esiyithenga eBotswana Vaccine Institute. Ziyaqhubeka nezinhlelo ze-Agricultural Research Council zokukhiqiza imigomo. I-Onderstepoort Veterinary Laboratory nayo iyaqhubeka nokwandisa izisebenzi ezihlola izinkomo,” kusho uSteenhuisen. 

Uthe basebenzisa ubuchwepheshe ukuqapha ukuhamba kwezinkomo esezigonyiwe ukuqinisekisa ukuthi wonke umsebenzi wokuqeda lesi sifo uhamba ngendlela efanele. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/06/17/uhulumeni-usebenzise-ur42-million-ukunqanda-amatele/

Ubalule ukuthi basebenzisana namaphoyisa nezinye izinhlaka zomthetho ukuqinisekisa ukuthi ukuhamba kwezilwane kuyalawuleka futhi bahambisa izitshudeni eziqeda ukuphothula iziqu zezempilo ezigxile ezilwaneni ukuze uhlelo lokugoma lufinyelele eNingizimu Afrika yonke.

Nakuba uSteenhuisen ethi zizoqala ngoFebhuwari izinhlelo zokugoma ezindaweni ezisengcupheni yokuquba kwamatele kodwa usihlalo weFreedom Front Plus eGauteng uMnu uJaco Mulder uthe kufanele ziqale manje ngoba lesi sifo siyabhebhetheka entshonalanga yaseGauteng naseTarlton, eGauteng. 

“Uma iNingizimu Afrika ingakakhiqizi imigomo eminingi yamatele kufanele uSteenhuisen ayithenge naseTurkey ngoba ukulinda eyaseBotswana kubeka abalimi engcupheni. Uma amatele eqhubeka nokubhebhetheka inyama yenkomo izobiza futhi kufe izinkomo, bese abalimi belahlekelwa,” kusho yena.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page