Usihlalo weKomiti lokuSimamisa umNotho nokuHlela kuMasipala waseThekwini uMnu uThembo Ntuli, onxusa amabhizinisi amancane ukuthi athobele umthetho. Isithombe: Sithunyelwe

Umasipala uvule ithuba lokuvuselela izimvume zamabhizinisi 

YINTATHELI KAMASIPALA 

UMASIPALA waseThekwini uvule ngokusemthethweni isikhathi sokuvuselela izimvume zokusebenza kwamabhizinisi kule nyanga. 

Ukuvuselela imvume yokusebenza kuqinisekisa ukuthi ibhizinisi lihweba ngokusemthethweni futhi kuqinisekisa ukuthembeka kwalo kumakhasimende nabanye abalingani elisebenzisana nabo. 

Kunxuswa abanikazi bamabhizinisi ukuthi bavuselele izimvume zamabhizinisi kungakadluli umhlaka-31 wangoJanuwari ngonyaka ozayo ukuqinisekisa ukuthi aqhubeka nokusebenza kahle. 

Usihlalo weKomiti lokuSimamisa umNotho nokuHlela kuMasipala waseThekwini uMnu uThembo Ntuli uthe ukuvuselela izimvume zokusebenza kubalulekile ngoba kuqinisekisa ukuthi ibhizinisi lihweba ngokulandela imithetho futhi liyahlonippheka embonini elisebenza kuyo. 

Abanikazi bamabhizinisi bangavuselela izimvume online ngokungena eziko lezimvume zamabhizinisi elitholakala kwi-website kaMasipala waseThekwini u-http://www.durban.gov.za. Bangaya nakwezinye izikhungo ezikhipha izimvume zokusebenza kwamabhizinisi.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/11/07/izindawo-zokuhweba-ziletha-ithemba-entsheni-ebingasebenzi/

Ukuvuselela imvume yokusebenza kwebhizinisi kushicilelwe ngaphansi kwesigaba 15 semithetho yamabhizinisi ngokomthetho i-Business Act isiGaba 71 wango-1991. Umthetho ugunyaza umuntu usebenzisa imvume esho ukuthi uhwebo ngani ngoba ukuhweba ngezinto ezingekho kwimvume yokusebenza kusho ukuthi uphula umthetho. 

Uma sekudlule usuku lokuvuselela olubekiwe, abahloli bamabhizinisi bazojezisa amabhizinisi ahweba ngaphandle kwemvume. Angashushiswa noma kuhoxiswe imvume yokusebenza. 

UNtuli unxusa osomabhizinisi abasebenza ngaphandle kwemvume ukuthi basheshe basilungise lesi simo. 

“Kuyicala ukuhweba ngaphandle kwemvume. Sinxusa ukuthi wonke umuntu alandele umthetho ukugwema inhlawulo. Sifuna amabhizinisi aphumelele futhi sisebenzisana nezinhlaka ezifanele ukuqinisekisa ukuthi umthetho uyalandelwa nosomabhizinisi banolwazi oludingekayo. Amabhizinisi siweseka kakhulu,” kusho yena. 

Uma uyovuselela imvume yebhizinis kudingeka imvume ewungqo yokusebenza kwebhizinisi, hhayi ikhophi, ikhophi kamazisi yomnikazi webhizinisi egxiviziwe, incwadi egunyaza ukuthi umelwa ngothile uma kufanele, incwadi yamaphoyisa eqinisekisa ukuthi akukho okuphambene nomthetho okwenzeka ebhizinisi, amaphepha enkampani nefomu yokuvuselela etholakala online noma emahhovisi okuvuselela izimvume zamabhizinisi. Ngeminye imininingwane kungathintwa uphiko lwezimvume zamabhizinisi ngokushayela u-031 311 4535, ukubhala i-email eya ku: licensing@durban.gov.za noma ukuvakashela emahhovisi aku-199 Anton Lembede Street, Embassy Building, e-7th floor.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page