Ukugoma izinkomo kuzokwehlisa amanani enyama – ingqapheli
YINTATHELI YOMBELE
UKUFUYA izinkomo nezinkukhu kungenisa uhhafu womcebo waseNingizimu Afrika embonini yezolimo ngokusho kwezazi zale mboni. Ngakho uma kuqubuka izifo kubanexhala ngoba isuke izibuza ukuthi lezi zifo zizobanamuphi umphumela ekukhuleni kwayo.
INingizimu Afrika inenkinga yamatele abheduka minyaka yonke naholele ekutheni kuvalwe inyama evela kuleli zwe kwezinye izimakethe zakwamanye amazwe, okwathwalisa kanzima abafuyi uma kuncipha izimakethe abadayisa imikhiqizo yabo kuzona.
Isazi somnotho wezolimo e-Agricultural Business Chamber of South Africa uMnu uWandile Sihlobo sithe umNyango wezoLimo uvamise ukusebenzisana nemboni yolimo ukuqhamuka namasu okuvimba ukubhebheka kwamatele kanti ukubheduka kwawo kulo nyaka kuwenze ukuthi ubenesisombululo sesikhathi eside.
Uthe bayasamukela isinqumo sokuthi kutholakale isixazululo sesikhathi eside ukulawula lesi sifo eNingizimu Afrika.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/09/09/amatele-amise-kabi-imboni-yabadayisi-basemgwaqweni/
“INingizimu Afrika ayilona izwe lokuqala ukuthatha lesi sinyathelo, njengoba iBrazil ne-Argentina ngamanye amazwe agoma izinkomo. Uma kwenziwa kanjena lesi sifo siyalawuleka. Umsebenzi oyihlalele owokugoma izinkomo eziwu-7.2 million kanti kufanele umNyango wezoLimo usebenzisane nabafuyi, izinhlangano zabalimi nemiphakathi ukuze uhlelo lokugoma luphemelele. Imijovo izolandwa eBotswana,” kusho yena.
Uthe iNingizimu Afrika kufanele yandise amazwe edayisa umkhiqizo wayo wezolimo kuwo ifake neTurkey ngoba ayisheshi ukuvala inyama evela ezweni okuqubuke amatele kulo.
Okubaluleke kakhulu uthi wukuvuselela inhlangano eyenza ucwaningo lwezolimo nekhiqiza imithi i-Agricultural Research Council ne-Onderstepoort Biological Products ukuze leli zwe likwazi ukuzikhiqizela imithi yalo.
USihlobo ubalule nokuthi kufanele imboni ezimele ibeyingxenye yokukhiqiza imithi kusetshenziswe nama-laboratory azimele ukuqinisekisa ukuthi kunemijovo eyanele nangomuso.
Ngasohlangothini lwabathengi, inyama yenkomo yaseNingizimu Afrika neminye imikhiqizo yazo uthi iphephile ukuthi abantu bangayidla. Okunye uthe uhlelo lokugoma izinkomo alunabungozi obutheni.
USihlobo uthi ukugoma izinkomo ngeke kwehlise amanani okudla ezweni kodwa ukholwa wukuthi kungasiza ukubuyisela izinhlelo zokuhlaba ezingeni elijwayelekile eziholela ekutheni ngokuhamba kwesikhathi amanani okudla anganyuki kakhulu.
Uthi babheke inyama ngoba ngamanani ayo aloku enyuka emva kokubheduka kwamatele. Loku kwenze ukuthi izitolo zinyuse amanani enyama kodwa asebonakala ebuyela esimweni esijwayelekile ngo-Okthoba, aya ku-3.9% esuka ku-4.4% ezinyangeni ezidlule.
Ukwehla kancane kwanani okudla okubonakalayo wukwanda kwezithelo, amakitani, amaveji, inyama, ushukela, amakhekhe namanye ama-dessert. Okunye wukuthi amanani e-cereal ehlile emva kokwanda kwesivuno sezitshalo ezinezinhlamvu okufinyelela kumathani-awu-20.08 million, okusho ukuthi kunyuke ngo-30% ngonyaka ngehlobo lango-2024/25. Izithelo nazo zivunwe kakhulu, okuzoholela ekwehleni kwamanani azo.
Uthe amatele aseyinselelo kubalimi, yize kunezinhlelo zokugoma ngoba uma esebhedukile imikhiqizo iyavalelwa ezimakethe ezithile bese kunyuka amanani enyama.
USihlobo uthi kulo nyaka kwenzeke okuhlukile ngoba inyama incishiswe wukuthi abantu bebeyithenga kakhulu emva kokuqubuka kwamatele kodwa-ke balindele ukuthi amanani ayo abuyele esimweni esijwayelekile ezinyangeni ezizayo ngenxa yemigomo.

