Isonto lokuqaphela amaqola likhumbuza abantu ngamasu okuvika
YINTATHELI YOMBELE
LELI sonto lisetshenziselwa ukuxwayisa abantu ngokukhwabanisa nezinye izinhlobo zokuqolwa kwabantu emhlabeni jikelele.
Ukuqinisekisa ukuthi abantu abangeni ogibeni lokuqoleka, inhloko ye-Fraud Risk Management eStandard Bank u-Adv u-Athaly Khan ivusa abantu ukuthi njengoba abantu bezokhithizela i-Black Friday noKhisimusi kufanele baqaphele.
U-Adv uKhan uthi yize amaqola esebenza unyaka wonke kodwa abamandla kakhulu ngalesi sikhathi kuze kuphele uDisemba.
“I-International Fraud Awareness Week ifike esikhathini abantu bezokhithizela i-Black Friday. Loku kusho ukuthi namaqola azobe efuna ukwenza imali. Eza nezindlela ezintsha zokuqola abantu online nakwezinye izindawo,” kusho yena.
Uthe ngenkathi abantu bejabulela ukukhithiza, amaqola asuke elinde ukuthi benze amaphutha bese ebaqola.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/11/04/abathengi-abavule-amehlo-ngezindali-zange-black-friday-abeluleki/
U-Adv uKhan uthi ziningi izindlela zokuqola abantu ezisetshenziswa ngamaqola futhi ahlale eshintsha indlela asebenza ngayo.
Okokuqala izigebengu zenza ama-website awumbombayi acishe afane nawengempela ukuze abathengi bezozitshela ukuthi yizitolo zabo za-online abazithembayo.

U-Adv uKhan uthi abathengi bafaka imininingwane yamakhadi abo, izinombolo zokuthi aphelelwa nini yisikhathi nenombolo ye-CVV. Abantu bathenga kuleyo website bengazi ukuthi eyomkokotelo bese amaqola entshontsha imininingwane yabo.
“Uma abantu bethenga online kufanele baqiniseke ukuthi i-website abangena kuyona eyangempela, babheke ama-URL futhi bangangeni kuma-link abangawathembi. Uma kukhona okusolisayo kufanele baphume kulawo ma-website futhi babikele amabhange abo,” kusho yena.
Okwesibili, abantu badayiselwa izimpahla ngemititilizo engekho ukubaheha. Abathengi bajaha umtitilizo bafune ukukhokha ngaphandle kokubheka ukuthi umtitilizo uyiqiniso yini. U-Adv uKhan uthi uma ungakaze uthenge endaweni ethile, kuhle ukuthi ungaqali manje.
Unxuse abathengi ukuthi bangalokothi bakhokhe ngokushesha esitolo abangasazi esisuke sinomtitilizo. Uthi kufanele okungenani basibheke kuGoogle ukuthi yisitolo sangempela yini futhi sine-website yeqiniso. Uthi kufanele umuntu akhokhe uma isitolo sikhokhisa ngePayFast, iPayGate ne-Ozow ngoba lezi zindlela zokukhokha zivikela abathengi.
Uhlobo lwesithathu lobuqola axwayise ngabo olwe-phishing ne-smishing lapho amaqola ethumela ama-email, ama-SMS nama-link noma ama-QR code “anemititilizo” yeBlack Friday ne-Cyber Monday ukuheha abathengi. Laba bathengi baye bangene kuwo bengazi ukuthi abavikelekile. Ucebise abantu ukuthi uma bethenga online bazijwayeze ukusebenzisa ama-virtual card ngoba asiza ukubavikela kubantu abakhwabanisayo.

