Usevulele abalimi abasafufusa ithuba oqhamuka nokwehlukile ngokukhiqiza i-yoghurt ethakwe ngobhatata. UZIMBILI VILAKAZI uyabika
UKUNGENA embonini yezokudla akusiwo neze umqondo omubi kodwa-ke kudinga ukuthi ube nesineke futhi uzimisele.
Usho kanje uMnu uKgarose Molatela, oneminyaka engu-31, onebhizinisi lokukhiqiza i-yoghurt ehlukile ngaphansi kwenkampani iKgarose Kgaros.
UMolatela, ongowokuzalwa eLimpopo, ukhiqiza i-yoghurt ethakwe ngobhatata. Le yoghurt inezinhlobo ezintathu okungubhanana, i-strawberry ne-apricot.
Ibhizinisi lakhe ulisungule ngo-2016 ePolokwane, eLimpopo, kanti njengamanje selizinze ePitoli, eGauteng.
“Imboni yezokudla inemicikilisho eminingi. Ukwenza isibonelo nje, umkhiqizo kufanele uhambe uyohlolwa e-lab ukuthi ukulungele yini ukudliwa ngabantu, indawo lapho ukhiqizelwa khona nayo kumele ihlolwe ukuthi ihlanzeke ngokwanele yini, inikwe isitifiketi nokuthi ingaphandle lomkhiqizo kumele likhange amehlo abathengi,” kusho yena.
Uthi uhambo lwakhe kuleli bhizinisi aluzange lube lula, kwazise belunezihibe eziningi.
“Kodwa ke inkinga nenkinga ebengibhekana nayo, ingilekelele kakhulu ekungiqeqesheni ukuthi ngidlondlobale ebhisizinisini,” kusho uMolatela.
Enza isibonelo uthe ayikho into ebinzima njengokuthola imali yokuthi enze okuthile kwebhizinisi kangangothi uze waphoqeleka ukuthi azongele imali yokuliqala.
“Uma uthi uyongqongqoza ezikhungweni ezahlukene ukuze uthole usizo lwezezimali, bavele bakutshele ukuthi ake ubabonise amabhuku akho ahlolwe abacwaningimabhuku. Ube usuzibuza-ke ukuthi umuntu osafufusa uyithathaphi imali yokukhokhela ukucwaningwa kwamabhuku?
“Yizinto ezifana nalezi ke eziholela ekutheni amabhizinisi amancane angaliboni elidlalayo ngoba lezi zinto abazifunayo zivele ziphenduke zibe izithiyo ekutheni amabhizinisi amancane aphumelele,” kusho yena.
Uthi ezinye zezinselelo abhekane nazo, nezisayinkinga namanje, wukungena emakethe enkulu. Uthi loku kudalwa wukuthi akakakwazi kahle hle ukuthi amelane nayo yonke imigomo efunekayo.
Uthi okuhle okwenziwe yibhizinisi lakhe wukuvula amathuba omsebenzi emikhakheni eyahlukene. Uthi unezisebenzi ezimbili ezilekelela ukukhiqiza i-yoghurt kanti sekukhona abalimi abasafufusa asebadalele amathuba omsebenzi ngoba wenza isivumelwano nabo ukuthi yibo asezothenga ubhatata kubo.

“Laba balimi bebetshala ubhatata wabo kodwa ugcine uthengwa kancane ngoba bebengenayo imakethe eqondile. Manje mina sengiyakwazi ukuthi ngihlale ngithenga kubona njalo, nokwenza lisimame nelabo ibhizinisi ngoba sebeyazi ukuthi nakanjani ngizofika ngizothenga kubona,” kusho uMolatela.
Uthi inhlosonqangi yokukhiqiza i-yoghurt ethakwe ngobhatata kwakuwukuqhamuka nomkhiqizo omusha futhi onempilo kakhulu uma uqhathaniswa nale esivele isikhona emakethe.
“Sonke siyazi ukuthi ubhatata ugcwele umsoco kangakanani.”
Uthi nakuba iCOVID-19 ishaye kwezwela ezintweni eziningi, njengomnotho, kodwa imvule amehlo ukuthi aqhubeke enze imikhiqizo enempilo nezoqinisa amasosha omzimba ze akwazi ukulwisana nezifo ezifana nayo iCOVID-19.
Uthi eminyakeni embalwa ezayo ufisa ukuzibona esungula eminye imikhiqizo eyehlukile ngobhatata.
I-yoghurt asayidayisa ezitolo ezincane ngakubo ibiza uR15 u-500g.
Facebook: Kgarose Kgaros – Pty Ltd

