Kudaleke imisebenzi ewu-130 000 ngekota yokugcina
WUBONISWA MOHALE
KUQASHWE abantu abawu-130 000 ngekota yokugcina yonyaka odlule. Loku kuvezwe yinhlangano ebheke konke okwenzeka eNingizimu Afrika, i-StatsSA.
Umphathi-jikelele weStatistics South Africa (iStats SA) uMnu uRisenga Maluleke uthi zonke izimboni zikwazile ukudala imisebenzi ngekota yokugcina yonyaka odlule ngaphandle kweyolimo.
Uveze ukuthi ukuqashwa kwabantu abawu-130 000 kusho ukuthi isibalo sabantu abangasebenzi sisuke ku-32.1%, saya ku-31.9%. Loku kusho ukuthi abantu abangasebenzi bawu-8.0 million, abasebenzayo babe wu-17.1m.
Abantu asebephelelwe yithemba lokuthi bayoke bawuthole umsebenzi bawu-3.5m. Umfelandawonye wezinyunyana iCongress of South African Trade Unions (iCosatu) uthi uyakwamukela ukudaleka kwemisebenzi emisha kodwa ukhathazekile ngesibalo esiphezlu sentsha engasebenzi.
Uzwakalise ukukhathazeka ngokuphela kwemisebenzi ewu-11 000 embonini yolimo, wakhala ngokuthi ukunyusa intela ezokhokhwa wosomabhizinisi abadayisa imikhiqizo yabo eMelika kuzoqeda eminye imisebenzi kule mboni.
Umkhulumeli weCosatu uNksz uZanele Sabela uthe uhulumeni kufanele uqinisekise ukuthi omasipala baphethwe ngabantu abanamakhono afanele ngoba baneqhaza elibalulekile emnothweni.
“Kufanele uhulumeni wenze isiqiniseko sokuthi ingqalasizinda isesimweni esifanele, uqhubeke nezinhlelo ezidala imisebenzi ngoba akufanele sibe no-70% wentsha ehleli emakhaya. Sifuna (uhulumeni) uxhase nosomabhizinisi abancane, okuyibona abadala imisebenzi ukuze kuqashwe abantu abawu-12m abangasebenzi uma kubalwa nabantu asebelahlekelwe yithemba lokuqashwa,” kusho yena.
Isazi somnotho esizimele uMnuz uDuma Gqubule sithi uhulumeni kufanele ulalele izazi zomnotho eziwunika amasu okudala imisebenzi. Okokuqala kufanele uthathe igwaxaza ewuR50 billion wesikhwama esisiza abantu abangasebenzi i-Unemployment Insurance Fund udale imisebenzi.
Sithe osomabhizinisi bezimboni ezinkulu mabakhokhe intela yokudala imisebenzi futhi kufakwe imali ezinhlelweni zikamengameli zokudala imisebenzi ngoba ziyabasiza abantu abasha.

