UMasipala waseThekwini uthakasile ngokuqhubeka uthole umbiko wezimali ongenagcobho ngonyaka wezimali ophelile. Isithombe: Sithunyelwe

ITheku liphinde lathola umbiko wezimali ongenagcobho

YINTATHELI YOMBELE

UMASIPALA waseThekwini uthakasile ngombiko wezimali ongenagcobho ngendlela ophathe ngayo izimali ngonyaka wezimali ophele mhlaka-30 wangoJuni wango-2024.

Loku kusho ukuthi liqhubekile irekhodi elihle likaMasipala lokuthola umbiko wezimali ongenagcobho kusukela wabunjwa futhi kufakazela ukuzibophezela kukaMasipala ekuphatheni izimali ngesinono nokubika ngezimali okusobala.

Nokho umBiko womCwaningimabhuku-Jikelele ukhombe ukungahambisani nomthetho nomBiko wokuSebenza woNyaka nezinye izinto ezincane.

UMasipala uzivumile lezi zinto, wethembisa ukuzisukumela ngokuqikelela, ukuqinisa amabhawodi, ukuphucula izinto ezihambisana nomthetho, ukubheka izinto ngeso lokhozi nokujezisa izephulamthetho.

UMasipala uzibophezele ekujeziseni abantu abaphula umthetho ngokungesabi nokungavuni muntu ukwakha isiko lendawo ebeka ukusebenzela abantu eqhulwini.

Imenenja yedolobha uMnu uMusa Mbhele ithe: “Imiphumela yalo mbiko asiyithathi kancane kanti sesivele sithathe izinyathelo zokulungisa izinto ukuqinisekisa ukuhambisana nomthetho ngokuphelele nokuphucula indlela esibika ngayo indlela yokusebenza kwethu.

“Ukuqhubeka kwethu ukuzinikela ekuphatheni kahle nokuhlinzeka izidingongqangi kuseqhulwini kithina. Lapha sibala ukuhlinzeka amanzi, ukuqoqa indle, imigwaqo, ugesi nezindawo zokuhlala,” kuphetha yona.

UMasipala waseThekwini uzibophezele ekubeni qotho, ukuthobela umthetho nokuhlale uphucula ukuhlinzeka ngezidingo emphakathini.

  • Lolu daba lukhokhelwe wuMasipala waseThekwini

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page