Kungakuhle ukuthi ubuyekezwe umthethosivivinyo wemboni yokumbiwayo, kusho umbhali wengosi. Isithombe: yiPexels

Kuyaphucuka okulindelwe emnothweni njengoba uqhubeka umgqigqo wezinguquko, kuloba uBusi Mavuso

KUBE kuhle ukuzwa osomnotho bethi balindele ukuthi umnotho ukhule kangcono kunobekuke kwashiwo kwi-Bureau for Economic Research (i-BER) ngesonto elidlule. 

Labo somnotho sebekholwa wukuthi umnotho uzokhula ngo-2.2% ngonyaka ozayo, loku kungaphezu kokulindelwe yiBhange loMbuso, elithe uzokhula ngo-1.5% ne-International Monetary Fund ebheke u-1.2%. 

Ngilindele ukuthi sesizobona nabanye bebuyekeza abakulindele njengoba uqhubeka umgqigqo wezinguquko. I-BER ibalule inqubekelaphambili ekulungiseni izinkinga zezokuthutha nendlela i-Operation Vulindlela esheshisa ngayo izinguquko.

Ukuphucuka endleleni umnotho okhula ngayo yimiphumela yemizamo esiyibone eminyakeni embalwa edlule, lena ebenesandla ekulungiseni inkinga kagesi, ukwenza kube lula ukuthola ama-visa kubantu abanamakhono abavela kwamanye amazwe nokunciphisa ukubambezeleka kwezinto emachwebeni nasezitimeleni. 

Yize kunjalo, kucacile ukuthi kuningi okunye okusafanele sikwenze ukuze sisondele ekutheni umnotho ukhule ngo-5% ngonyaka, okuyilona zinga elizokwenza umehluko kwinhlalakahle yabantu. 

Ngesonto elidlule inkampani yaseFrance, iTotalEnergies, igeze izandla yanquma ukushiya phansi ezindaweni ezimbili ebivukuza igesi kuzo, eBrulpadda naseLuiperd, izindawo eyaqala ukuthola igesi kuzona kusukela ngo-2013.

Ngaleso sikhathi, kwakunethemba elikhulu lokuthi ukuthola le gesi kuzosiza iNingizimu Afrika ibenegesi eyanele ukuthi ithembele kuyo futhi iqale ukushintshela kugesi ophehlwa ngegesi esikhundleni samalahle, angcolisa umoya. 

Kepha manje iTotalEnergies ithi kunzima ukuthuthukisa nokungenisa imali ngokumbiwayo eNingizimu Afrika. Yize inkampani ingakushongo kodwa nginesiqiniseko sokuthi isidididi ngemithetho ngenye yezinto enesandla. 

Kusukela iTotalEnergies yathola igesi, kuningi okubhedayo osekwenzekile embonini yegesi uma kukhulunywa ngendlela elawulwa ngayo. Uhulumeni wake wamemezela ukuthi kufanele uthole u-20% wamasheya kuyona yonke imisebenzi yegesi mahhala. 

Emva kwaloko wavele washiya phansi yonke into eqondene ne-Minerals and Petroleum Resources Development Act. 

Emva kwaloko umnyango wethule umthethosivivinyo omusha ozolawula abafisa ukuvukuza igesi nokuyithuthukisa, ophasiswe yiPhalamende ngo-Ephreli kulo nyaka, ongoti abathi ushayisana nomThethosisekelo ngezindlela eziningi.  

Lo mthethosivivinyo ubuyisela ilungelo likahulumeni lokuba namasheya awu-20% kuyona yonke imisebenzi okusuke kubhekwa kuyo okumbiwayo noma uma sekukhiqizwa. 

Ugunyaza ungqongqoshe ukuthi ayalele izinkampani ukuthi zidayise ingxenye yemikhiqizo ye-petroleum kunoma ngabe iyiphi inkampani kahulumeni ngokunquma kukangqongqoshe. 

Kunoma ngabe iyiphi inkampani ecabanga ukuthuthukisa igesi nanoma ngabe yimuphi umkhiqizo we-petroleum, loku kushiya imibuzo eminingi.  

Lo mthethosivivinyo osulinde ukusayinwa wumengameli ukuze uzoba wumthetho kungangcono ubuyiselwe ePhalamende ukuze usetshenzwe kabusha, nokuzokwenza izinkampani ukuthi zizame ukuthi zivukuze igesi. 

Ukungaqondakali kahle kwezinto yinto eloku iqhubekile embonini yokumbiwayo osekuphele iminyaka ewu-20 iloku ifadalala. Uma kungekho okuvukuzwayo nokubhekwayo kusho ukuthi imboni isiya emaphethelweni ngaphandle uma kuzobanezinguquko ezinqala endleleni imboni elawulwa ngayo. 

Sisengelinye lamazwe asenokuningi okumbiwayo kodwa silokhu sisala emuva kwamanye amazwe uma kubhekwa indlela esikusebenzisa ngayo ukufaka isandla emnothweni. 

Enye into ebalulekile ngendawo amabhizinisi asebenzela kuyona wukusebenza ngendlela efanele kwemithetho. Ngivame ukubhala ngobugebengu nenkohlakalo kodwa enye into ehluphayo wukungasebenzi kahle kwezinkantolo zethu. 

INkantolo ePhakeme yaseGoli, okuyiyona nkantolo ebhekana namacala athinta izimali ematasa kunazo zonke ezweni, sekuyithatha ngaphezu konyaka ngaphambi kokukwazi ukukunika usuku uma kukhona ofisa ukufaka icala.

Abafaka amacala aqondene ne-Road Accident Fund balinda ngaphezu kweminyaka emine. Isizathu wukuthi awekho amajaji enele ukulalela amacala. 

Iphini lamajajai iJaji uRoland Sutherland selize lacela imboni yomthetho ukuthi ilethe abameli abanamava ukuze basize ukuphungula umthamo, basebenze mahhala. 

Ukusheshisa ukulalela amacala athinta amabhizinisi kumqoka emabhizinisini kanti ukubambezeleka kwezinto ezinkantolo kusho ukuthi ukutshala imali nezinye izinqumo ezithinta amabhizinisi kuyabambezeleka. 

Loku kwehlisa nomsebenzi ongabe uyaqhubeka emnothweni odinga uhulumeni nemali ukuze zixazululwe. Yize kunenqubekelaphambili enhle ekulweni nobugebengu nenkohlakalo njengokubeka ngokusemthethweni uphiko oluphenyayo eNational Prosecuting Authority  ngaphambi kokhetho nezichibiyelo ezisayiswe wumengameli ngesonto elidlule emthethweni i-Independent Police Investigative Directorate Act, okuqinisa lezi zinhlaka ukuze zilwe nenkohlakalo yamaphoyisa, ekugcineni ukusebenza kahle komthetho kuncike ezinkantolo. 

Yebo, kuyohlale kukhona okuhamba kahle nokungenzeki kahle okuzothinta indlela umnotho osebenza ngayo. Inselelo yethu ekusebenzeni nohulumeni wethu wukuqinisa nokubambisisa okusebenza kahle. Loko kuzoholela ekuphucukeni komnotho, imisebenzi nentela uhulumeni ongayisebenzisa ukuphucula inhlalonhle yabantu.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/03/06/kufanele-kusukunyelwe-inkinga-yegesi-masinyane-kuloba-ubusi-mavuso/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page