Maningi amathuba okuhweba okungenzeka aqhamuke eZimbabwe, kuloba uNtokozo Biyela
YISONTO leli elimqoka kakhulu emazweni aseNingizimu ye-Afrika. Lawa ngamazwe abuye abizwe ngeSouthern African Development Community (iSADC).
Ngithanda sibheke ukuthi yimaphi amathuba angavela eZimbabwe uma sekudlule ukhetho kuleli sonto. Selize lafika elingaliyo eZimbabwe, usuku lokuvotela intando yabantu. Kukhona abanethemba lokuthi lolu khetho kungenzeka lulethe ushintsho olukhulu kuleli yazwe.
Kuloku, abantu bazokhetha phakathi kweqembu elibusayo eZimbabwe iZanu-PF neCitizens Coalition for Change, iqembu eliqembuke kwiMovement For Democratic Change. Siyathemba-ke ukuthi kulo nyaka ukuvota kuzohamba kahle ngaphandle kwezihibe.
Kulona futhi leli sonto, kunengqungquthela yamazwe ahlanganisa iBRICS, okuyiBrazil, iRussia, i-India, iChina neSouth Africa, eGoli, eGauteng. Kukhulu futhi nalapho okubhekwe ukuthi kuzosiza i-Afrika.
Nokho-ke ngiyathanda sibheke okuzokwenzeka eZimbabwe. Ake sithi nje ushintsho luyenzeka emva kokhetho, kungene iCitizens Coalition for Change, ethembisa izinguquko eziningi.
Kusho ukuthini loku ngamathuba amabhizinisi nemisebenzi eZimbabwe? Loku kusho ukuthi uma kwenzeka iZimbabwe ikhululeka futhi ingabe isanswinywa, umnotho wakhona ungaqaqeka kuvuleke amathuba amaningi okutshala imali eZimbabwe.
Uma wazi ukuthi iZimbabwe yizwe elimi kanjani, uzoqonda ukuthi luningi usizo iZimbazwe eludingayo eNingizimu Afrika. Ingxenye enkulu yomnotho waseZimbabwe imiswe wumnotho waseNingizimu Afrika.
Miningi imikhiqizo eyenziwa eNingizimu Afrika esatshalaliswa eZimbabwe. Loku kusho ukuthi inqwaba yale mikhiqizo kuyophoqeka ukuthi kuvulwe izimboni zayo yonke le mikhiqizo eZimbabwe uma izwe likhululeka. Ziningi futhi ezinye izinsiza eziyodingwa ngabantu baseZimbabwe.
Ngakho-ke kuhle ukuthi lolu khetho silubheke ngamehlo abomvu njengabantu baseNingizimu Afrika ngoba kuningi esingakuzuza uma sihlela izinto zethu kahle. Loku akusho ukuthi abaseZimbabwe abamile ngomumo nabo ukuze bakwazi bahlomule ngoshintsho oluzayo.
Ngakho-ke kuzofanele nathi singosomabhizinisi baseNingizimu Afrika sisebenzisane nabo ukuze sihlomule kulolu shintsho oluzayo.
Uma kuguquka ubuholi ezweni, imvamisa kuba noshintsho oluthile. Ziningi izinto ezingenzeka eZimbabwe kula masonto ezayo. Noma-ke kungasho ukuthi wonke umuntu kufanele athuthe aye eZimbabwe ukuze ahlomule. Abanye bangahlomula nje ngokuhambisa izimpahla ezidingekayo eZimbabwe bebebehleli eNingizimu Afrika.
Umehluko okhona uma uqhathanisa iZimbabwe neNingizimu Afrika wukuthi iningi labantu eZimbabwe linomhlaba ongowabo. Ngakho-ke kuningi okumele kwenziwe ngalo mhlaba osezandleni zabantu baseZimbabwe. Sihlalele ethembeni lokuthi ukhetho luzohamba kahle, ngeke kube khona ubuhixihixi.
Kuningi esingabambisana kukho singamazwe eSADC uma singabona ngaso linye. Ziningi izinto esingazenza sihwebelane, kodwa okubaluleke kakhulu nokufanele sikwenze wukwenza kube lula ukuhwebelana.
Enye indlela esingakwenza ngayo loku wunguvula imingcele ngendlela esemthethweni ukuze abantu bangaphoqeki ukukhokha imali eshisiwe bekhokhela ama-visa.
Ngakho-ke ngiyathemba ukuthi nawe somabhizinisi uzobeka indlebe, uvule amehlo ubheke ukuthi yini ongayenza eZimbabwe uma sekudlule ukhetho.
- UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting
