Owathekela ulwazi lokondla imfuyo usekhiqiza itshe elinemfihlo phakathi. Uxoxe neNTATHELI YOMBELE
UKUGUQUGUQUKA kwesimo sezulu kuholela ekuncipheni kotshani emadlelweni, kwenze imfuyo ingondleki, igcine igula njalo.
UMnu uLindokuhle Ximba, oneminyaka ewu-25 wasePomeroy, eMsinga, KwaZulu-Natali, wayesebenza epulazini okwamenza waqaphela indlela imfuyo yabelungu enakekelwa ngayo. Ube esebona ithuba lokuqala ibhizinisi lokwenza itshe elinomsoco elikhothwa yizimbuzi neziklabhu, phecelezi i-protein block.
UXimba usungule inkampani ekhiqiza leli tshe iLindokuhle Protein Black. Uthi yize kubo kwakufuyiwe ngenkathi ekhula kodwa wayengayingeni indaba yokulusa ngoba ekubukela ephansi.
Uthi: “Izinto zishintshe ngesikhathi sengizizamela impilo. Ngathola umsebenzi epulazini okufuywe kulo izimbuzi, iziklabhu, izinkomo, izingulube nezinkukhu. Ngaba yilo mfana owelusayo engangingafuni ukuba uyena ekhaya. Ukwelusa kuhlanganisa ukujova imfuyo nokuqinisekisa ukuthi uyinika imithi eyivikela ezifweni, okuwuyikunika itshe elinemisoco.”
Ngonyaka odlule ungene ohlelweni lokuthuthukisa amakhono emkhakheni wokufuya uMdukatshani. Laluhlelelwe yintsha yendawo, luxhaswe wuhulumeni ngemali.

“Ngakhetha ukungena kulolu hlelo, yize imali ebiholwa incane ngoba bese ngibonile ukuthi ngifuna ukungena kulo mkhakha ngenze ibhizinisi kodwa ngingabaza ngoba angikufundelanga.
“Ukuba sohlelweni bengazi ukuthi kuzonginika isitifiketi sokuthi ngiyakwazi ukunakekela imfuyo, okuwukuyijova, ukwakha itshe lomsoco nezinye izinto ezithinta imfuyo,” kulanda uXimba.
Uthe ngenkathi befunda bebenza imikhiqizo bese benika abafuyi, balandelele ukuze babone ukuthi bayasizakala. “Mina bengenza isiqiniseko sokuthi ngiyabuza ukuthi izithako nomshini kuthengwa, kuphi okwenze ukuthi ngingahlupheki uma sengiqala ibhizinisi lami,” kusho yena.
Uthi eMsinga baningi abafuyi bezimbuzi, yikho ekhethe ukwenza umkhiqizo oqondene nezimbuzi neziklabhu.
Itshe uthe linika imfuyo umsoco okumele ngabe iwuthola otshanini, okubuye kungenzeki ngoba abantu babuye bashise amadlelo noma amadlelo agcine engasenatshani obenele ngenxa yokushitshashintsha kwesimo sezulu, okwenza imvula inciphe noma ine ngamawala.
Uthi bafundiswe izinyanga eziyisithupha, wathi eqeda wabe eseqala ibhizinisi ngoba wayesehlele ukuthi ulwazi alutholile ngeke alusebenzisele ukuqashwa kodwa uzovula ibhizinisi.
Itshe ulidayisa edolobheni ePomeroy nasezinkundleni zokuxhumana. Uthi: “Umphakathi engihlala kuwo ubuye ungabinemali ngoba abantu abaningi abasebenzi bathembele emfuyweni. Imali bayithola uma bedayisile, okuyinto engenzeki njalo. Yingakho ngikhethe ukudayisa nasezinkundleni zezokuxhumana, yize nako kubuye kube nezinselelo ngoba abantu babuye bacabange ukuthi uyiqola.”
UXimba uthi enye yinselelo wukuthi abanye abafuyi bathenga itshe uma imfuyo isigula kanti kudingeka ulithenge ingakaguli noma inezimpawu zokungondleki kahle.
Ukuphikilela kwakhe yize kunzima uthi sekumenze wathola amakhasimende aqhamuka ezindaweni ezehlukene awaposelayo, okukhulisa ibhizinisi lakhe ngokushesha.
- Facebook: Lindokuhle Protein Block

