Osomabhizinisi abalingise izintombi ezinhlanu ezazihlakaniphile ngesehlakalo sokuqhuma emgwaqweni waseGoli, kuloba uNtokozo Biyela

KULELI sonto ngithanda sibheke isehlakalo esenzeke eGoli ngesikhathi kuqhuma umgwaqo kwalimala abantu, izimoto nengqalasizinda.

Singasho nje singananazi ukuthi akekho obazi ukuthi kuzokwenzeka loku. Abanye-ke baveza imibhalo yakudala ethi kade umasipala waseGoli, eGauteng, watshelwa ukuthi ngelinye ilanga kungenzeka into efana nalena. Kwakuwu-2018 benza lesi sixwayiso, kanti kugcine kwenzeke njengoba babeshilo. 

Okubuhlungu-ke wukuthi ukuqhuma komgwaqo sekulimaze osomabhizinisi abaningi abakhelene noBree Street. Wumgwaqo lona ophithizela kakhulu abantu abahamba kuwo uma beya emsebenzini ekuseni nantambama. Uyaphithizela ngenxa yoxhaxha lwezitolo kodwa futhi kukhona nerenki yamatekisi. 

Uma uqhuma umgwaqo ababheke ingqalasizinda kamasipala bavala indlela yokuhamba emgwaqweni nokuwusebenzisa. Kusho ukuthini loku kosomabhizinisi abasebenzisa lo mgwaqo na? 

Kusho ukuthi amabhizinisi ngeke esakwazi ukuhweba njengenjwayelo kuze kwenziwe ucwaningo lokuthi kwenzekeni nokuthi yini imbangela yokuqhuma kwawo.

Lokho-ke kusho ukuthi ngeke kuhwebe muntu kule ndawo kuze kuphothulwe uphenyo futhi uvulwe umgwaqo. Kubuhlungu-ke loku. Kusho ukuthi osomabhizinisi abasebenza kulo mgwaqo ngeke ngalesi sikhathi bakwazi ukwenza imali ukuze bakhokhele izisebenzi. Loku kusho ukuthi kunemindeni ezosala dengwane ngenxa yabantu abazobe behleli ekhaya bengasebenzi okwesikhashana. 

Kuyadabukisa loku. Ngikubalula ngoba ebhizinisini isikhathi esiningi uma uqala ibhizinisi kuye kube khona ohlakeni lwebhizinisi i-SWOT analysis, lapho kusuke kufanele uchaze khona ukuthi yini ibhizinisi lakho elimandla kukho, yikuphi lapho libuthaka khona, amathuba elinawo nezinto eziyingozi kulo. Abanye abakunaki loku. Yingakho isikhathi esiningi kusehlela singazelele. 

Cha, angisho ukuthi abakhalene neBree Street kufanele babeyizangoma bazi ukuthi inhlekelele efana nalena iyokwenzeka nini, kanjani, futhi kuphi. Into engithanda siyibheke yinto okuthiwa phecelezi i-risk management. 

Kubalulekile ukuthi njalo uma ungena ebhizinisini wenze ucwaningo mayelana nezinto ezingaba yingozi ebhizinisini lakho, izinto ezingenza ukuthi uma zenzeka ibhizinisi lakho lingama nse ukusebenza ngenxa yaleso sehlakalo.

Ukuqhuma kwegesi kuBree Street ngesinye sezehlakalo ezilimaze amabhizinisi amaningi engikholwa wukuthi kubo bonke nje osomabhizinizi abakhele lowo mgwaqo bebengakaze bacabange ukuthi ngelinye ilanga kungase kwenzeke into enje.

Ziningi-ke izindlela zokwehlisa ubungozi ebhizinisini lakho kodwa into abaningi abenza isiqiniseko sokuthi bayayithatha kuba wumshwalense wokuvikela noma buphi ubungozi obungase benzeke ebhizinisini. Uma ngithi ukuvikela angisho ukuthi kungenzeki kodwa ngisho ukuthi uma sekwenzekile umshwalense uyokwazi yini ukukusiza ibhizinisi lakho libuyele esimweni esijwayelekile.

Ngicabanga ukuthi okwamanje osomabhizinisi bakuBree Street basabhekane nesimo senhlekelele, phecelezi i-crisis management. Sizonaba ngayo ngesonto elizayo.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page