Kuhle osomabhizinisi bazijwayeze ukuhlangana ukuzongqumuza, kuloba uNtokozo Biyela

KULELI sonto ngithanda ukugqugquzela wena somabhizinisi ukuthi uhlanganyele nabanye osomabhizinisi bangakini, nihlangane noma kanye ngenyanga ukuzoxoxa ngezamabhizinisi.

Kubaluleke ngani loku na? Kubalulekile ngoba kuba yisikhathi othola ngaso ithuba lokuxhumana nokukhuluma nabantu abakhuluma ulimi lwakho. Siwosomabhizinisi siyazi ukuthi kulukhuni kanjani ukuba nebhizinisi. 

Okulukhuni kakhulu wungakwazi ukuxoxa izinkinga onazo nabantu abasuke beseduze nawe ngoba iningi labantu osomabhizinisi abaningi abasondelene nabo ngabantu abaqashiwe, ngakho-ke bona abalwazi usizi umuntu onebhizinisi abhekana nalo imihla namalanga. Yingakho kubalulekile ukubhodla kwabanye osomabhizinisi. Kuyasiza ngoba uthola ukuthi kukhona phakathi kwabanye osomabhizinisi onesisombululo senkinga onayo.

Kuyenzeka isikhathi esiningi uma sisenkingeni siwosomabhizinisi sicabange ukuthi leyo nkinga isuke ivelele thina kuphela, akekho omunye umuntu emhlabeni oseke wabanayo. Iqiniso lithi ayikho into abanye osomabhisinisi abangakaze badlule kuyona wena ocabanga ukuthi uwena kuphela. Ngakho-ke ukuzihlanganisa nabanye osomabhizinisi kwenza ukuthi nawe ubone ukuthi awuwedwa. 

Ngaphandle-ke nje kokuhlangana ningosomabhizinisi, kuhle ukuhambela imicimbi yosomabhizinisi lapho kucotshelelwana khona ngolwazi lwamabhizinisi.

NgoMgqibelo ngizobe ngingomunye wezikhulumi lapho kuhlangene khona osomabhizinisi eThekwini, eMhlanga, lapho sizobe sikhuluma ngezihloko ezimbili. 

Esokuqala sithinta amabhizinisi nepolitiki kuthi esinye sikhuluma ngemfundo nepolitiki. Lezi ngezinye zezihloko ezibaluleke kabi kosomabhizinisi ngoba uma ubhekisisa ayikho into eyenzeka ebhizinisini ngaphandle kokungena kwepolitiki.

Umnotho nepolitiki kuyahambisana. Ipolitiki inomphumela omkhulu kakhulu ekutheni amabhizinisi asebenza kanjani, ikakhulukazi eNingizimu Afrika. Ziningi izinto lapho othola khona osopolitiki sebegxambukela khona kwezamabhizinisi nezomnotho. Kanti futhi ikhona ipolitiki ezintweni ezifana nenqubomgomo kwezamabhizinisi nomthethosisekelo wezwe uma kuziwa kwezamabhizinisi.

Lezo zinto zenza ukuthi wena somabhizinisi ukwazi ukusebenza kalula noma ungakwazi nhlobo ukungena embonini ethize ngoba kunemigomo okufanele uhlangabezane nayo. 

Endimeni yesibili nakhona kufanele osomabhizinisi bavule amehlo nezindlebe mayelana nebhizinisi lemfundo. Isikhathi sesifikile manje sokuthi izikole nezikhungo eziningi zikwazi ukufundisa zisebenzisa ubuchwepheshe obuhamba phambili.

Loku kuzokwenza ukuthi kusombululeke izinkinga eziningi zezwe, elizithola lisenkingeni enkulu yokungakwazi ukufundisa bonke abafundi abasuke sebephase uMatikuletsheni futhi sesifikile isikhathi sokuthi izikole eziningi zaseNingizimu Afrika zihambisane nezinga lobuchwepheshe eliphambili lokufundisa elisetshenziswa emhlabeni jikelele.

Sizohlangana naseGoli, eGauteng, kanti khona sizobe sikhuluma ngebhizinisi lezempilo nebhizinisi lezimakethe. Nakhona kumenywe osomabhizinisi abangaphezu kuka-100. 

Kuhle ukuhlangana kosobambizinisi, kuyasiza kwabaningi. Ngaphandle nje kokuhlangana kwabo kuyavela ukuthi uma osomabhizinisi behlangene bayakwazi ukuhweba ndawonye bavulelane amanye amathuba.

Yingakho abanye osomabhizinisi bethanda ukudlala igalofu. Yilapho bexoxa khona ngamathuba, bacobelelane ngolwazi. Nawe-ke somabhizinisi ungazithambisi, uma livela ithuba, shona khona.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page