UNksz uSmangele Chriwa, omunye wabasunguli be-Africa’s Green Glass yaseSikhawini, KwaZulu-Natali. Izithombe: Zithunyelwe

Banebhizinisi elivuthayo elinakekela imvelo. Omunye wabo uxoxe neNTATHELI YOMBELE

CISHE baningi abakhathazekile ngokushintsha kwesimo sezulu. Kuthiwa isizathu esinye sezizathu eziholela ekuguquguqukeni kwesimo sezulu wukuthi imvelo ayinakekelwa ngendlela efanele njengokulahla udoti ezindaweni ezingafanele. 

Izelamani oNksz uSmangele noSamkelisiwe Chirwa basungule i-Africa’s Green Glass, inkampani eqoqa udoti oshintshwa wenziwe imikhiqizo. Le nkampani iqoqa imfucuza eSikhawini nakwezinye izindawo ezingomakhelwane baleli lokishi elisenyakatho yeKwaZulu-Natali.

USmangele, oyintatheli, wezwa ngebhizinisi  lokushintsha udoti wenziwe eminye imikhiqizo ngenkathi eye engqungqutheleni ebhunga ngezemvelo, iCop17. USamukelisiwe uneziqu i-Bsc in Geography. Ebhizinisini baqashe abantu abayisithupha ngokugcwele.

USmangele uthi: “Ngabuyela ekhaya ngatshela udadewethu ngethuba lebhizinisi, wavuma ukuthi siliqale ngoba sibona ithuba lokuthi senze ushintsho enkingeni ebhekene nomhlaba wonke, sibuye sithole nemali ngakho.”

Ibhizinisi balisungula ngo-2015 udadewabo esafunda. Baqala ngokuqoqa udoti bawubeke kubo bese bewudayisela izinkampani eziwushintsha ziwenze eminye imikhiqizo.

E-Africa’s Green Glass zibuya kuqoqwa imfucuza

Inkampani yabo iqoqa amakhal’bhothi asebenzile, amaplastiki, izigubhu zeziphuzo, izitsha zeplastiki zemikhiqizo, amathini namabhodlela.

Manje sebenesikhungo sabo esithenga udoti kubadayisi abancane badoti, omunye bawulanda enxanxatheleni yezitolo, emizini yabantu nabawuqoqa ezindaweni zokulahla udoti kuzo. Banomshini ohlanganisa udoti ofanayo unamathelane.  

“U-90% kadoti wasekhaya usuke usengashintshwa wenziwe omunye umkhiqizo. Uma unodoti unemali.  Phambilini abantu abaningi babengazi kodwa manje sekushintshile. Baningi abantu abafika nodoti bezowudayisa ukuze baxoshe ikati eziko ngoba bayazi ukuthi udoti uyimali. 

“Thina sisebenzisa indlela elula ngoba siyazi ukuthi abantu badinga imali, sikala udoti ofike nawo, sikunike imali ngaleso sikhathi uma ufuna kwenziwe njalo kodwa uma ufuna ukukhokhelwa ngenyanga senza njalo futhi,” kusho yena.

USamkelisiwe uthi ufisa ukukhulisa ibhizinisi labo baze babenomkhiqizo wabo abawenza ngodoti.

UNksz uSamkelisiwe Chirwa, omunye wabasunguli be-Africa’s Green Glass

USmangele uthi basizwe inkampani eqoqa iphinde ishintshe udoti iwenze omunye umkhiqizo i-Mpact Recycling Ltd ebacathulisayo.  

Sebeke bawina kwiBusiness Women Awards 2022 bathola uR200 000 obasize ukuthi balungise i-crane ebifile bengasakwazi ukucosha udoti osindayo njengamabhodlela aqoqwa ngamasaka.

“Manje sibheke ukuthi sishintshe amabhodlela alahliwe senze ngawo omunye umkhiqizo ngoba amabhodlela okwamanje ahanjiswa kwaConsul eGoli. Kuyabiza ukuwahambisa kanti uma ubheka udoti oyingilazi olahlwa ezindaweni ezingafanele yiwona omningi kakhulu,” kuphetha yena.

Facebook: Africa’s Green Glass

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page