UNksz uKoketso Mano, usomnotho omkhulu eFNB, uthi umnotho usazocindezelwa wukushoda kukagesi. Isithombe; Sithunyelwe

Inhlansi yethemba ngamandla emali. USLINDILE KHANYILE uyabika

UKUKHUPHUKA kokwehla kwamandla emali kuthe uba ngcono ngo-Ephreli njengoba kube wu-6.5%, kusuka ku-7.1% ngoMashi. 

Loku kuvezwe yiStatistics South Africa (iStats SA) ngoLwesithathu, ethe yikona okuphansi kakhulu kusukela ngoMeyi wango-2022. 

Yize amanani okudla neziphuzo ezingenatshwala kuthe ukuba ngcono kodwa  kusephezulu njengoba kuloku kukhuphuke ngo-13.9% kusuka ku-14% ngoMashi. Isinkwa ne-cereal kunyuke ngo-20.8% kulo nyaka odlule, nokungaphezu kancane kuka-20.3% ngoMashi kodwa ngaphansana kuka-21.8% wangoJanuwari. 

“Ubisi, amaqanda nemikhiqizo kashizi kona kunyuke ngo-14.5% kulo nyaka odlule, nokuyiwona manani aphezulu kakhulu eminyakeni ewu-14. Amaveji akhuphuke okungenani ngo-23.1% ngo-Ephreli wango-2023 uma kuqhathaniswa no-Ephreli wango-2022.

“Yiwona manani aphezulu kunawo wonke kusukela ngoNovemba wango-2007. Imikhiqizo ewanyusa kakhulu wu-anyanisi (onyuke ngo-52.8%), ukherothi (onyuke ngo-29.8%), o-pepper (abanyuke ngo-25.0%) namazambane (anyuke ngo-24.4%),” kusho iStats SA. 

Abathanda inyama bahleka bodwa njengoba amanani enyama ephinde ehla esuka ku-10.6% ngoMashi, afinyelela ku-9.5% ngo-Ephreli. Amanani aqhubekile nokwehla osekuqhubeke izinyanga eziyishiyagalombili izinyanga zilandelana, asuka ku-16.0% ngoMashi aba ku-9.9% ngo-Ephreli. 

Usomnotho omkhulu eFNB uNksz uKoketso Mano uthe uma bebheka eminye imininingwane abanayo, balindele ukuthi ukukhuphuka kokwehla kwamandla emali kuqhubeke ngoMeyi kufinyelekele ku-6.3%.  

“Kepha sisakhathazekile ngokucinywa kukagesi okuzoba mandla ngalobu busika, nokuzonyusa izindleko zokukhiqiza futhi kunciphise imihlomulo okufanele ngabe iyatholakala. Irandi elehlile nalo lizokwengeza kuloku. 

“Ngenhlanhla amanani kawoyela aphansi ayasiza futhi namanani kapethroli kubhekwe ukuthi ehle ngoJuni. 

“Siyavumelana nabanye osomnotho ukuthi ukukhuphuka kokwehla kwamandla emali kulo nyaka kuzoba ngaphezudlwana kuka-6% kulo nyaka,” kusho uNksz uMano. 

Izindleko zezokuthutha nazo ziqhubekile nokwehla osekungokwesishiyagalolunye izinyanga zilandelana kwafinyelela ku-7.6%. Namhlanje iBhange loMbuso kulindelekele ukuthi limemezele isinqumo salo ngemalimboleko. Osomnotho abaningi balindele ukuthi inyuswe ngo-25 basis points kanti abanye bathe kungenzeka inyuswe nango-50 basis points.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page