UMnu uSiphamandla Mthethwa, omunye wabasunguli beFourbreez yaseGingindlovu, KwaZulu-Natali. Izithombe: Zithunyelwe

Baqhamuke nesisombululo semvelo enkingeni kamanyolo obizayo. Omunye wabo uxoxe neNTATHELI YOMBELE

UKUBIZA kukamanyolo kulezi zinsuku kuholela ekutheni abalimi basebenzise imali eningi bethenga umanyolo. Abanye sebeze banciphisa amasimu abawalimayo ngenxa yezindleko. Bahlale befisa ukuthi zehle izindleko zawo.

UMnu uSiphamandla Mthethwa nabalingani bakhe oMnu uSandile Gumede, uMnu uSanele Mpanza noNksz uXolile Mbokazi  baseGingindlovu, ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natali, baqhamuke nesisombululo abakholwa wukuthi singasiza abalimi abaningi.

Basungule inkampani iFourbreez efuya imisundu ekhipha umanyolo ongenamakhemikhali obiza kangcono kunomanyolo ojwayelekile, phecelezi i-vermiculture composting.

Le nkampani ifuya imisundu ekhiqiza umanyolo owuketshezi, phecelezi i-worm tea, futhi yenza umquba owenziwa ngamahlamvu, utshani nezitshalo ezesezifile ongafakwa umquba wezilwane.

UMthethwa uthi babuye bafundise abanye abalimi ngebhizinisi  lokufuya imisundu.

Uthi ibhizinisi lisungulwe ngo-2019 kodwa liqale ukusebenza ngokugcwele ngo-2021. Uthi: “Ngiphelelwe wumsebenzi kade ngisebenza e-call centre, umngani wami wangixhumanisa nenkampani eyenza ibhizinisi i-vermiculture (futhi eqeqesha) abantu ukufuya imisundu, i-Agribusiness Corner eseMgungundlovu, KwaZulu-Natali. 

“Ngaleso sikhathi ibifuna abantu abazofundisa. Ngiqeqesha abantu kuyo le nkampani. Sinabangani bami sibone ithuba lokuvula ibhizinisi elifanayo elizosiza (abantu) abaseShowe nakwezinye izindawo ezisenyakatho yesifundazwe ngoba bebeye bathi kukude eMgungundlovu. 

“Sibone ukuthi ukulungisa umhlaba ngokufaka imvelo eyimisundu kungabasiza abalimi abaningi ngoba uma umhlaba usulungile kuzoncipha amapulazi okuthi umhlaba awusenamsoco, akusatshaleki kuwo,” kusho yena.

Umanyolo owenziwa ngemisundu waseFourbreez

Uthi abalimi abaningi bacabanga ukuthi ngeke ukwazi ukusebenzisa umquba uma uzotshala indawo enkulu kanti uyakwazi. Uthi lo mquba usiza ngisho ezitshalweni ezifana nomoba, amakinati ama-macademia nezinye izitshalo.

“Umhlabathi udinga ukuphefumula ukuze izitshalo zikhule kahle kuwo. Umanyolo wemisundu owuketshezi ufika emhlabathini wakhe imisundu. Leyo misundu yenza ukuthi umhlaba uphefumule, iphinde (imisundu) idle wonke amacembe nezinye izitshalo ezinomsoco odingwa isitshalo. Imisundu idla amahlamvu nezinye izitshalo esezifile bese ikhipha i-nitrogen, umsoco odingwa yisitshalo ukuze sikhule. 

“Isitshalo esikhulayo asikwazi ukumunca i-nitrogen emaqabungeni afile uma eziginqekela phezu komhlaba. Akwazi ukuyimunca uma isiwuketshezi oluphuma emsundwini. Ngamanye amazwi sifundisa abantu ukuthi imvelo iyazenzela konke, asikho isidingo samakhemikhali,” kuchaza uMthethwa.

Baziqhayisa ngokuthi umquba abawakha ngezitshalo esezifile uhloliwe ukuthi unomsoco ongakani, owaziwa ngeNPK (i-nitrogen, i-phosphorus ne-potassium), imisoco etholakala kumanyolo.

UMthethwa uthi: “Amakhasimende amaningi  ethu athenga umquba owuketshezi nalona ongamahlamvu ngabalimi abamhlophe. Abamnyama abakawuqondi kahle, basakholelwa kumanyolo onamakhemikhali. 

“Le ndlela ingasiza kakhulu njengoba nomanyolo usubiza kakhulu manje ngenxa yenkinga yase-Ukraine. Uma umlimi engafunda ukuzikhiqizela yena umanyolo, ingehla imali kamanyolo ayisebenzisayo.”

Uthi amalitha awu-20 omquba owuketshezi wemisundu uR500 kanti uma befundisa ukufundisa ukufuya imisundu kuwuR2 500.

” Lo mquba usuke usazoxutshwa ngamanzi uma usuwusebenzisa. Ilitha lixutshwa namanzi angamalitha amahlanu. Uwusebenzisa njengomanyolo futhi uwusebenzise njengesikhuthazi,” kusho yena.

Uthi kwezinye izinselelo ababhekana nazo wukuthi imisundu ibuye idliwe izinyoni, amagundane nezinye izilwane.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page