UMnu uMfundo Mabaso, i-growth head yeFNB Home Finance Isithombe: Sithunyelwe

Emsebenzini wakhe uphilela ukuthi wonke umuntu abe nekhaya elithi yena. INTATHELI YOMBELE iyabika

UMNU uMfundo Mabaso, i-growth head yeFNB Home Finance, wumuntu olwela ukuthi abantu babe nemizi, kuthuthukiswe imigomo okuhloswe ngayo ukuthi kube nemizi ebiza kahle futhi ugxile kakhulu kbantu abangaxhaswa wuhulumeni. 

Enjalo nje uyakuthanda ukufundisa amakhasimende acabanga ukuthenga imizi ukuze abe nolwazi olwanele ukuqonda zonke izindleko ezihambisana nokuthenga umuzi, ukugwema amaphutha enziwa abantu abasuke beqala ukuthenga umuzi ngesikweletu.

UMabaso uthi imvamisa abantu abaqala ukuthenga umuzi abazicabangi ezinye izindleko, babheka kuphela ukuthi bazoba nawo amandla okuwukhokhela. 

Uthi: “Amakhasimende awazi ngezinye izindleko ezihambisana nokuthenga umuzi njengezokususa umuzi egameni lomuntu othenga kuyena uye kwelakho, ukubhalisa indlu, intela, ama-rate (kamasipala) i-levy nezinye izindleko. Kukhona nezindleko zokunakekela umuzi wakho.”

UMabaso, owakhulela eHammarsdale naseMkhambathini, KwaZulu-Natali, uke wathi xhinti ebuthisheni emva kokuphothula enyuvesi ngaphambi kokungena embonini yezimali. 

Ngaphambi kokusebenza eFNB, ubeqashwe yiDiscovery Holdings, i-Old Mutual, neNutrex, kwezinye ezimbalwa. 

Wake wayi-financial planner ne-call centre agent, imisebenzi athi iyamsiza ngisho nakulo msebenzi asewenza njengesikhulu. 

“Amava ami okuba yi-financial planner angifundisa ukuxhumana nabantu nokukwazi ukudayisa. gifunde nokukwazi ukuxoxa nabo bonke abantu nokunakekela ubudlelwano nabantu kalula.”

Uphiko oluholwa wuMabaso lubheke amakhasimende angaxhaswa uhulumeni ngoba abantu abahola ngaphezu kukaR3 500 ngenyanga ngabantu abangakwazi ukuzithengela umuzi bebodwa. 

Kwenye inkathi kubuye kuqubuke inkulumompikiswano yokuthi kungabe wumuzi othengwe ngesikweletu sasebhange uyimpahla okufanele ithathwe njengento enhle noma njengesikweletu. 

UMabaso akafuniseli ngokuthi yena uhambisana nobani kodwa uthi loku akakusho ngoba umsebenzi wakhe kuwukubolekisa ngemali. 

“Uyimpahla enhle (umuzi). Kunocwaningo olwenziwe ngobuhle bokuba nomuzi kubantu abasemazingeni aphansi ngoba inani lomuzi likhula kakhulu. Indlu uyakwazi ukuyisebenzisa njengokuthi uboleke imali ubambise ngayo futhi uthola inzalo engcono, kungabe ufuna imali ukuze ukhokhele isikole, ukuwulungisa noma ukwakha imiqasho,” kusho yena. 

UMabaso uyawuncoma uhulumeni ngomsebenzi osuwenzile ukuhlanganisa imigomo ekhona, athi isiyenze ukuthi kube nabantu abaningi abanemizi, abantu phambilini obekungeke kube lula ukuthi bayithenge.

“Kepha singenza kangcono uma singaphasisa imisebenzi (yokwakha) masinyane; omasipala okufanele basize. Kukhona nezinye izingqinamba ezenza abantu bangabi nemali kahle njengomgomo othi awukwazi ukudayisa umuzi owuthenge ngosizo lukahulumeni ingakapheli iminyaka eyisishiyagalombili. 

“Iyadingeka imali ukuze amakhasimende akhule. Kukhona nenkinga yamatayitela. Inzima kakhulu kumakhasimende asemazingeni aphansi.”

Uthi kukhona okufanele kuphuculwe ngabantu abakhayo. “Sisahlalelwe wumsebenzi omkhulu ukuze kube nezindlu ezibiza kahle. Abantu abakhayo basebenza ngesibalo futhi ababaningi abakhela abantu abasemazingeni aphansi, yingakho kukhona lento esiyibiza nge-40-40-40 ngoba laba abantu okufanele bahlale kude nezinto ezisizayo ukuze bathole indawo yokuhlala ebiza kahle. 

“Lawa ngamakhasimende okufanele ahambe okungenani amakhilomitha awu-40 esuka ekhaya eya emsebenzini, asebenzisa u-40% womholo wawo egibela futhi ahlala ekhaya eliwu-40m², okuwafakela ingcindezi yemali ngoba aqhele kakhulu ezintweni eziwusizo,” kuphetha uMabaso.

Okunye ngaye: 

  • Uphumula ngokuqwala izintaba nokuvakasha nomndeni wakhe; 
  • Emculweni ukhonze i-soulful jazz ne-hip hop.
  • Uthanda noma yikuphi ukudla, inqobo nje uma kunenyama.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page