Kukhona okusina kubajeqeza abangafuni ukuphendula ngemali yeCOVID-19. USLINDILE KHANYILE uyabika
UMNYANGO wokuQasha neziSebenzi uxwayise izinkampani zaKwaZulu-Natali ukuthi uzomisa ukusebenza kwama-akhawunti azo asebhange futhi udle izimpahla zazo uma ziqhubeka zinqaba ukusebenzisana nabacwaningimabhuku abajutshwe ohlelweni “iFollow the money”.
Lolu wuhlelo olwethulwe yisikhwama sikapoyinandi i-Unemployment Insurance Fund (i-UIF), engaphansi kwalo mnyango, kuhloswe ngalo ukuqinisekisa ukuthi imali eyakhokhelwa izinkampani ukuthi zilekelele izisebenzi ngesikhathi kuhlasele iCOVID-19 yafinyelela ngempela yini kuzona.
UKhomishana we-UIF uMnu uTeboho Maruping ubehamba nethimba labanye abacwaningimabhungu abebehlele ukuvakashela ezinye zezinkampani esifundazweni. Kepha bahlangabezane nembibizane njengoba ezinye izinkampani zinqabile ukuphendula.
Abacwaningimabhuku bebekade bazenza izinhlelo zokuhambela lezi zinkampani.
UMaruping uthe: “Kudumazile ukubona enye yezinkampani ezinkulu ePinetown, eThekwini, ebesikade sihlelile nayo ukuzocwaninga ingazimisele ukusebenzisana nathi.
“Kwenye inkampani, nayo esePinetown, sivalelwe ngaphandle samiswa sengathi siyanqiba. Loku kuwukwedelela izisebenzi ngoba yimali yazo eziyisebenzele kanzima lena esizama ukuyicwaninga ukuze sazi ukuthi isebenze kanjani. Njengoba loku kwenzeka ngenyanga yezisebenzi kuwukwedelela izisebenzi futhi yinto esingeke siyimele leyo,” kusho yena.
Le mali eyayibizwa ngeCOVID-19 TERS yayikhokhelwa izinkampani ukuze zikhokhele izisebenzi ezidiliziwe. Uhulumeni wethula nomgomo ovumela ukuthi kuchezukwe kokwejwayelekile ngale mali njengoba wavuma nokuthi izinkampani zikhokhele izisebenzi ezincishiselwe imiholo, okuyinto engenzeki ngokujwayelekile.
Izinkampani zaseKZN zahlomula uR9.2 billion kuR62bn owakhokhwa yiCOVID-19 TERS ngenkathi izwe livaliwe.
UMaruping uthe i-UIF izodlulisela amacala ophikweni loKlebe ne-Asset Forfeiture Unit yophiko lokuShushisa ezweni lonke ukuze kuvalwe ama-akhawunti asebhange futhi kudliwe izimpahla zezinkampani ezingafuni ukubambisana nabo.
I-IUF isiwuqinisile umsebenzi wokulandela le mali ngaphansi kohlelo “iFollow the money” elwethule ngonyaka odlule ukuze ikwazi ukuphendula imibuzo yehhovisi lomcwaningimabhuku-jikelele nezinye izinhlaka zikahulumeni.
Ngonyaka odlule ijube abacwaningmabhuku abawu-360 bezinkampani eziyisikhombisa. Kusukela ngo-2022, bangaphezu kuka-15 abaqondisi bezinkampani asebeshushisiwe ngokukhwabanisa imali eyayihlinzekwe ngenxa yeCOVID-19.
Odonsa isigwebo eside kunabo bonke wuLindelani Gumede owayewumgcinimabhuku. Watholwa enamacala awu-32 okukhwabanisa uR11 million.
Isigaba sokuqala socwaningo salandela uR14.1bn kanti saveza ukuthi uR12.8bn wasetshenziswa ngendlela efanele. I-UIF yabuyisa uR918m.

