Imeya yaseThekwini uMnu uMxolisi Kaunda ethula iNkulumo Ebhekiswe eDolobheni

Kubuyekezwa amathenda ukukhulisa umnotho eThekwini, kusho imeya. UNQOBILE NDLOVU uyabika

UMASIPALA waseThekwini uzobuyekeza indlela ohlinzeka ngayo izidingo emphakathini ngokwandisa imifelandawonye nezinhlangano ezingenzi inzuzo ozisebenzisayo.

Isho kanje iMeya yedolobha uMnu uMxolisi Kaunda ngenkathi yethula iNkulumo Ebhekiswe eDolobheni kuleli sonto. 

UKaunda, ocaphune isigaba 217 soMthethosisekelo nesigaba 76 (B) se-Municipal Systems Act, uthe ukukhipha amathenda akuyona kuphela indlela umasipala ongahlinzeka ngemisebenzi ngayo. 

Uthe banegunya lokunika imiphakathi amathuba okwenza loku. “Siyakholwa ukuthi imisebenzi efana nokulungisa imigodi emgwaqweni, ukucenta utshani, ukudweba imigwaqo, ukuqoqa udoti nokuthenga izimpahla zokwakha ingqalasizinda ingenziwa imiphakathi. 

“Sizokhipha imininingwane ethe xaxa uma sesethula iSabelomali ngenyanga ezayo. Umthetho uyasivumela ukuthi eminye imisebenzi siyenzelwe yizinkampani okungezabesifazane, intsha, omakadebona bamasosha nabantu (abanokukhubazeka).

“Ngakho-ke ukuze sikwazi ukusebenzisa i-social enterprise model uphiko lokuthenga izimpahla lubuyekeza umgomo walo,” kusho imeya.

Inkulumo kaKaunda igxile ekwakheni nokuvuselela ingqalasizinda, ukwakha amathuba omsebenzi, ukuthuthukisa amakhono, ukulwa nenkohlakalo nobugebengu nezindlela ezihlukene zokukhulisa umnotho eThekwini okhahlanyezwe iCOVID-19, imibhikisho ngo-2021 nezikhukhula ngo-2022. 

Uthe sesikhona isibonelelo sikaR1.4 billion esivela kuhulumeni omkhulu okuzolungiswa ngaso umonakalo owadalwa yizikhukhula. 

Uthe le mali izosetshenziselwa kakhulu ukulungisa ingqalasizinda efana nemigwaqo, amabhuloho nezitamkoko. “Umnotho wethu uyathinteka ngezinto ezenzeka emhlabeni ngoba siyidolobha elinechweba. I-International Monetary Fund ixwayisile ukuthi iminotho emikhulu kubhekwe ukuthi yehle kakhulu kulo nyaka. 

“Ngeshwa loku kufaka namazwe esiwadayiselayo, amazwe esihwebelana nawo atshala imali ngqo edolobheni lethu nezivakashi zakwamanye amazwe. Umnotho womhlaba uyatotoba kulo nyaka njengoba wehle usuka ku-6% ngo-2021 waya ku-3.2% ngo-2022 kanti ngo-2023 ulindeleke ukuthi ube ku-2.9%. 

“Nakuba nokukhula komnotho waseThekwini kubhekwe ukuthi kwehle, kunezimboni ezine ezizosithwala kanzima. Abeluleka ngomnotho i-HIS Markit bathi umnotho waseThekwini ulindelekele ukuthi ukhule ngo-1.3% ngo-2023 usuka ku-0.9% ngo-2022, bakusho loku uma bebuka amakota amathathu. Noma kunjalo u-80% wokukhula komnotho ubhekwe ukuthi uqhamuke kwezezimali, ezokuhweba, ezokukhiqiza nezokuthutha… ngakho esibheke nokuthi imisebenzi eminingi iqhamuke khona,” kusho uKaunda. 

Ziningi izinhlelo ezikhona okubhekwe ukuthi zitshale imali eThekwini njengoR130.7bn otshalwa yiTransnet noR7.5bn wokwakha iDurban Film City. 

Uthe uma bephumelela ukuheha abatshalimali abazofaka uR30bn kule minyaka eyisihlanu ezayo, bazonciphisa isibalo sabantu abangasebenzi sibe uhhafu ngokudala amathuba omsebenzi angu-67 500 ngonyaka.

Imikhakha okulindeleke kukhule imisebenzi kuyona: 

  • Ukukhiqiza nokuvuselela izinto imisebenzi ewu-9 055; 
  • Ezolimo, imisebenzi ewu-8 072; 
  • Ezohwebo, imisebenzi ewu-5 009; 
  • Ezokwakha, imisebenzi ewu-4 110; 
  • Izindawo zokuhlala, imisebenzi ewu-2 795; 
  • Amabhizinisi, imisebenzi ewu-2 254;
  • Iziphuzo nogwayi, imisebenzi ewu-2 174;
  • Ukushicilela, imisebenzi eziwu-2 136. 

Ezinye zezinto ezithwalise umnotho kanzima wukucinywa kukagesi osekuyisinkwa semihla ngemihla. UKaunda uthe basezinhlelweni zokuthenga ugesi owu-400MW kubaphehli bakagesi abazimele, nathe kuzodla uR10bn futhi kuvule amathuba emisebenzi angaphezu kwawu-8000. 

“Ezinye izinhlelo esinaso wukuqala ukunciphisa ukuthembela (kwi-Eskom) ngo-20% ngo-2025 kanti zikhona ezinye izinhlelo ukuthi kushaye u-2030 sesikunciphise ngo-40%,” kusho uKaunda.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page