UNks uDorcas Onyango, umphathi weShared Interest e-Afrika eseNingizimu Isithombe: Sithunyelwe

Ukubanhlakanhlaka kwabasiza osomabhizinisi abancane kwenza kubenzima ukuthi basizakale, kusho umelekeleli. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUNGABASIZA osomabhizinisi abancane ukuthi zonke izinhlangano nezinhlaka ezizama ukubasiza zibambisane ukuze usizo lutholakale endaweni eyodwa ukwenzela ukuthi kube lula ukuthi lutholakale esikhundleni sokuthi balufune ezindaweni ezihlukene. 

Usho kanje uNks uDorcas Onyango, umphathi weShared Interest e-Afrika eseNingizimu, inkampani engezi nzuzo elekelela izinkampani zosomabhizinisi abancane abamnyama ukuthi bathole usizo lwemali. 

UNks u-Onyango uthi usizo lugqagqene njengoba izinhlangano ezisizanayo zenza ezikwenzayo ngokuhlukana. “Kuningi okwenziwayo ukusiza osomabhizinisi besifazane kodwa into eshodayo wukubambisana phakathi kwabo bonke abantu abanalolu sizo. 

“Thina siyangenelela ukuze bathole imali, abantu basiza ngamakhono, abanye basiza ngobuchwepheshe kodwa osomabhizinisi abanaso isikhathi nezinsiza zokuya kuzo zonke lezi zindawo ezihlukene beyofuna usizo. Ngikholwa wukuthi kudingeka umgomo ushintshwe ukuze yonke into ibe sendaweni eyodwa, okungenza kushibhe futhi kube lula.  

“Enye into wumgomo ongasiza ngokuqoqa imininingwane ngosomabhizinisi abasafufusa ukwenza kube lula ukuthi abafisayo ukubasiza ngemali bafinyelele kubona. Kufanele yonke into ihlale obala, kube nendawo eyodwa eyisizinda salolu lwazi,” kusho yena.

I-Shared Interest ineminyaka ewu-29 ikhona kanti igxile ekusizeni izinkampani zosomabhizinisi besifazane abamnyama ababencishwe amathuba. Ikwenza loku ngokuxhasa osomabhizinisi ngemali eyisibambiso uma bedinga ukuboleka imali yokufukula amabhizinisi abo.  

Ithola abatshalimali abakhipha imali eba yisibambiso ngokusebenzisana neCiti Bank yaseNew York, eMelika. Uma usomabhizinisi odinga ukubolekwa imali eseshoda kuphela ngesibambiso, bambhalela incwadi ephuma kuleli bhange ayihambise kwabasuke bezomboleka imali. Isebenzisana namabhange ahlukene e-Afrika eseNingizimu njenge-Absa eNingizimu Afrika ne-Inde Credit eZambia.

UNks u-Onyango uthi: “Ubandlululo lwancisha abantu amathuba kodwa esikwaziyo wukuthi noma kunjalo abantu ababecindezelwe banawo umqondo wokuba namabhizinisi nokuxazulula izinkinga emphakathini. Kepha ngaphezu kobandlululo, abesifazane bebecindezelwa nangamasiko njengokuthi bebengavumelekile ukuba nemizi nezimpahla zabo, okwenza ukuthi uma sebedinga ukuthi babenesibambiso uma bezama ukuboleka imali kungenzeki, yilapho-ke singena khona thina. 

“Njengoba kukhona inkinga yokuguquguquka kwesimo sezulu, ngabantu besifazane abathinteka kakhulu uma kushoda amanzi futhi kunesomiso ngoba kuthinteka amabhizinisi ezolimo. 

“Ngenkathi kunobhubhane, ngabantu besifazane abalimala kakhulu ngoba kwakungavumelekile ukuthi abantu banyakaze kanti abesifazane banamabhizinisi amaningi adinga ukuthi baphume emakhaya.” 

I-Shared Interest isilekelele osomabhizinisi abamnyama abangaphezu kuka-2 million ngesibambiso esiwu$34m (uR616.2m) esenze babolekwa u$131m (uR2.3 billion).  

UNks u-Onyango ugcizelele ukuthi nosomabhizinisi abancane kufanele bakuqikelele ukuthi bagcina amarekhodi nezinye izimfanelo ukuze kube lula uma kufanele basizwe. 
Ngokombiko owakhishwa ngo-2019 i-The Unseen Sector: A report on the MSME Opportunity in South Africa ohlanganiswe iBhange loMhlaba, iGenesis nomNyango wezeziMali eNingizimu Afrika, abantu abaphakathi kuka-50% no-60% abasebenzayo baqashwe ngosomabhizinisi abancane kanti bangenisa u-34% emnothweni wezwe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page