Into enkulu ebhekwe kwiSabelomali sango-2023/24 wukuthi uhulumeni uzoyilungisa kanjani inkinga yokushoda kukagesi Izithombe: Zithunyelwe noGoogle

ISabelomali kufanele sicacise nge-Eskom, kusho izingqapheli. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUBHEKWE ukuthi uNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana akhiphe imininingwane yokuthi uhulumeni uzokwenza kanjani ukulungisa inkinga yokushoda kukagesi uma esethula iSabelomali.

NgoLwesithathu umhlaka-22 uGodongwana uzokwethula isabelomali sika-2023/24. Ongoti bathe ayikho enye into okufanele ibe seqhulwini kule nkulumo kaGodongwana ngaphandle kokuthi izinkinga ezihlasele inkampani ephehla ugesi zilungiswa kanjani.  

Usomnotho omkhulu eFNB uMnu uSiphamandla Mkhwanazi uthi balindele ukuzwa ukuthi kuhamba kanjani ngokuhlelwa kabusha kwe-Eskom nangemininingwane yokuthi izosetshenziswa kanjani intela ukukhuthaza abantu ukusebenzisa ugesi ovuselelwayo. 

“Silinde ukuzwa nokuthi abantu bazolekelelwa kanjani emizini yabo kanjalo nosomabhizinisi abasafufusa ngoba nabo ibaxakile inkinga kagesi. Sizwile kuthiwa i-Loan Guarantee Scheme ishintshiwe. Sizobona ukuthi yini efundiwe kusukela ngalesiya sikhathi eyayisungulwe ngaso ngenxa yeCOVID-19, izohluka kanjani kulokhu,” kusho yena. 

UMkhwanazi

Ukuhamba kukagesi yinto eyaqala ngo-2008 kanti yonke imizamo yokulungisa le nkinga kusukela ngaleso sikhathi kuze kube manje ayikaze iphumelele. Kusukela phakathi nonyaka odlule, ugesi usucinywa zonke izinsuku. Namhlanje ucinywa ngokwesigaba sesithathu.

Eminye yemizamo eyenziwa ukulungisa inkinga yokushoda kukagesi wukwakha iziteshi ezintsha zokuphehla ugesi iKusile neMedupi kodwa kuze kube manje azikaze zisebenze ngokuphelele kanti i-Eskom inesikweletu esicela kuR400 billion ngenxa yaloku.

Isikhulu esiphezulu se-Inkunzi Wealth Group uMnu u-Owen Nkomo sithe sona esikubheke ngabomvu wukuzwa ukuthi yimalini uhulumeni ozoyihlinzekela ukunciphisa isikweletu se-Eskom, into uhulumeni ozibophezele kuyona ngonyaka odlule.

Ethula iSabelomali esibheka iminyaka emithathu, uGodongwana wathi uhulumeni uzothatha ingxenye enkulu yesikweletu se-Eskom kodwa ngaleso sikhathi wawungakanqumi ukuthi kuzoba yimalini. Wathi kuzoba phakathi kuka-33% no-68%. 

Ngaleso sikhathi ungqongqoshe wathi basaxoxisana nabantu abakweletwa yi-Eskom. 

UNkomo

“Ngingathanda nokubona ukuthi uzothini ngodaba lwemiholo yezisebenzi zikahulumeni, isikweletu sezwe nezibonelelo. Uthi (uhulumeni) uzimisele ukunciphisa isikweletu sibe ngaphansi kuka-75% womnotho kule minyaka emibili kuya kwemithathu ezayo,” kusho yena.

UMkhwanazi uthe kuzodingeka kucace ukuthi luthini uhlelo lukahulumeni ngodaba lwesibonelelo esiwuR350 okulindeleke ukuthi sikhokhwe kuze kube wuMashi wango-2024. “Siyazi ukuthi akuyona imali uhulumeni ongavele uyeke nje ukuyikhokha ngoba kunengozi yokuthi kubhikishwe. 

“Siyazi ukuthi kufanele kutholakale indlela yokuthi kwazeke ukuthi yisibonelelo esizoba khona unomphelo, yiziphi izindlela ezizosetshenziswa ukusikhokhela,” kwengeza yena. 

Isibonelelo esiwuR350 sethulwa ngoMeyi wango-2020 ukulekelela abantu abangasebenzi ngenkathi kuvalwe izwe ngenxa yeCOVID-19. 

Ezinye izinselelo umnotho waseNingizimu Afrika obhekene nazo wukunyuka kwemalimboleko nokwehla kwamandla emali ekubeni amanani ezimpahla eqonga. 

UMkhwanazi uthe akaboni ukuthi kukhona okutheni uGodongwana azokusho ngaloku, wathi ukube bekukhona ngabe yinto uMengameli uCyril Ramaphosa ayimemezele ngesonto elidlule.

Uthe: “Mhlawumbe kukhona abangakuzama ngokuthi kubuyekezwe umholo umuntu aqala ngawo ukubanjelwa intela. Kungenzeka nemali okuzonyuswa ngayo izibonelelo ibenkulu kakhulu kunokujwayelekile.”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page