Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noSne Radebe, umlingisi wemidlalo yethelevishini neshashalazi, umdansi nomculi.  USne useke walingisa kwi-Amambazo the Musical, i-Nandi The Musical, kuZalo wayewumfelokazi kaMandleni kanti kwi-season 3 yeGomora wayewuLulama

Click here to read in English

Usemncane wawuphiwa imali?

Yebo, ngangiphiwa. Ngoba ngangijwayele ukuba nabangani abaphuma emakhaya antulayo, ngangiyidla nabo.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange kanti wayivula kuliphi?

Ngo-2009, ngayivula eStandard Bank.

Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Ngafunda ukuthi imali ingakubhayizisa. Ngafunda ukuthi uma unemali kufanele uqale ubheke ekhaya futhi kufanele uyihloniphe.

Kwakuyimalini umholo wakho?

Ngangisebenza kuma-industrial show ePlayhouse. Ngangihola uR1 700 ngesonto sekubanjwe intela.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngenhlanhla ngathola umsebenzi uMa noBaba bengasasebenzi. Ngenza izinto ezazishoda ekhaya.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Ngiqala ukusebenza kwakunenkinga yefriji ekhaya. Ngathenga ifriji elisha. UBaba wayegula eselala “esikebheni”, ngathengela uBaba noMa umbhede.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Ngake ngakhohlwa yizinto engazifundiswa ekhaya ukuthi kuqalwa ekhaya uma unemali.

Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?

Cha, angikaze. Ngake ngacishe ngangena kwiMMM kodwa ngasinda.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Wukuthi ngingayivumeli ingidonse ngekhala; ngiyihloniphe ngikwazi ukuyiphatha, ngingavele ngiyisaphaze.

Uma ungawina uR1 million kwi-lotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingakha isikhungo sobuciko. Lesi sikhungo singahlenga izingane ukuthi zingangeni ekudleni izidakamizwa (nobugebengu) bese ngipha abahlwempu.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Thina maciko sike sificwe yisikhathi sesomiso. Noma sike sithole imali kodwa mhlawumbe kuke kuphele izinyanga ezintathu komile, ngakho kubalulekile ukuthi kube nemali oyibekile. Ngingathi ngenkathi ingena imali kufanele ubene-akhawunti yokonga neyokutshala imali kuthi mhla komile, wazi ukuthi unemali yokugada ingozi.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page