UNksz uVicky Mhlanga, umsunguli weNtwelo Poultry Farm yaseLudlow Trust, eMpumalanga

Izithombe: Zithunyelwe

Owathanda ezolimo esemncane usegcine efeze iphupho lakhe ngokungena kuzo. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

KUTHIWA lapho kunothando khona nendlela ikhona. Uthando lwezolimo yilona olukhuthaze uNksz uVicky Mhlanga, owuthisha, ukuthi athole indlela yokuthi agcine  esewumlimi.

UNksz uMhlanga ukhule ebona uyise etshala amaveji kanti ngenkathi esafunda amabanga aphezulu wayethanda i-Agricultural Science, izinto ezatshala uthando lwezolimo kuye. Namuhla usewumnikazi weNtwelo Poultry Farm yaseLudlow Trust, eMpumalanga.

INtwelo Poultry Farm idayisela abadayisi abathenga inqwaba yezinkukhu ngenhloso yokuyozidayisa ngalapho behlala khona. Uqashe abantu abane.

“Ngashesha ukuxhumana nezolimo, yingakho ku-Grade 10 ngaze ngakhetha i-Agricultural Science. Ngangike ngisize ubaba uma kuyimpelasonto etshala amaveji. Kodwa-ke ngoba angilulekwanga kahle ngaphambi kokuyofundela umsebenzi ngahamba nje ngiya enyuvesi ngithi ngisho kungathiwa ngithola iziqu i-BA noma yini nje akunalutho.

“Ngigcine-ke ngenza i-BSc in Physical and Mineral Science, ngenza nePostgraduate Certificate in Education futhi ngiyafundisa. Nokho ezolimo iyonanto engiyithandayo,” kusho yena.

Uqale ngonyaka odlule ukusukumela ukuba nebhizinisi lezolimo njengoba eqale wafuna umhlaba. Kuthe esewutholile oyihekhtare wase eseqala ukufuya izikhukhu ngoJulayi.

Uthi: “Lezi zinyanga eziyisithupha ezidlule bezinzima ngendlela emangalisayo. Ngingedwa, ngiyazikhokhela yonke into futhi bengingenayo imali eyanele. Bengingazi ukuthi kuzobiza kangaka kodwa kufanele ngiyiqede into esengiyiqalile.

“Embonini kunakwa kakhulu izinkampani ezinkulu ngoba ngisho namachwane owatholayo kokunye awekho esimweni esihle. Kufanele uthenge amanzi uphinde ube nemoto yokuhambisa izinkukhu kwezinye izigodi. Anginayo imoto, okwamanje ngisayiqasha, nokuyinselelo enkulu. Imali esengiyisebenzisile kulezi zinyanga eziyisithupha ingaphezu kukaR400 000.”

Izinkukhu zeNtwelo Poultry Farm

Nokho uthi kunyukela kunjalo kodwa kuyamthokozisa ukuthi usabambelele futhi usaqhubeka naleli bhizinisi lezolimo. “Ubunzima bungikhulisile futhi sengiyakwazi ukucobelelana nabanye abantu ngolwazi enginalo. Wuhambo lolu okungafanele ujahe inzuzo masinyane kodwa kufanele uqoqe ulwazi futhi ukhule ngokomqondo.

“Ngenkathi ngiqala ngangicabanga ukuthi kufanele yonke into kube wukuthi imi ngomumo ukuze ngikwazi ukuqala kodwa manje sengiyazi ukuthi kuhle ukuqala ngonako. Kubalulekile nokuthi uhambisane nesimo, ushintshe uma kufanele ushintshe ungabambeleli entweni ekubeni sekufanele uyidedele. Uma izinkukhu zifa akusho sekuphele konke kodwa yisimo esihambisana nokuba wumlimi leso, qhamuka nelinye icebo futhi ukhumbule ukuthandaza.”

UNksz uMhlanga uthi izinhlelo zakhe wukuthola umhlaba othe xaxa ukuze akhulise nesibalo samakhasimende akhe.

Facebook: Vicky Mhlanga

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page